<Q&A197>
DR V T ZULU: (Minister of Education and Culture):  Baba Somlomo, sengiwuphendula okwesithathu lombuzo ngakhoke ngisaphinda futhi ngisanikeza lezimpendulo.  Angazike mhlawumbe imemba ehloniphekile mhlawumbe ineminye imibuzo efuna ukuyifaka engayifakanga ngesikhathi ngiphendula kulokhu kokuqala.  Thank you.
[p26 ln 6-7]

DR V T ZULU: (Minister of Education and Culture):  Baba Somlomo, loludaba mhlawumbe umuntu ake aluchaze ngoba kuqala ngalichaza ngeSingisi mhlawumbe kuyodingeka ngilichaze ngeSizulu.  Umnyango uzama ngawowonke amandla ukuthi ube-fair uma unikezela amathenda la.  Lamathenda anikezwa ngicabanga ukuthi sasi-fair, njengamanje njengoba sekukhona inqubo entsha ukuthi sibhekisise kakhulukazi ukuthi sibuke lokhu okuthiwa ngesilungu i-Affirmative Action.

Siyakuzama lokho kodwa ngingomunye mina weminyango ebikhathazekile engaze ngakubeka nakuMhlonishwa uDr Ngubane okwaze kwathi njengoba kade kukhulunywa nje nasekwiKhabhinethi uMhlonishwa uDr Ngubane wasemisa uhlelo lokuthi kubhekelwe ukuthi nezinkampani ezincane kubekhona ezikutholayo.

Kuyasetshenzwa njengamanje kusetshenzwa ukuthi kubonakale ukuthi izinkampani ezincane nazo zithole ukuthi mhlawumbe lapha sixuba amaphablishazi nama-retailers, asikubonanga mhlawumbe kunjalo thina.  Sikubeke njengoba kusuke kwenziwa njengezidingo mhlawumbe ama-specifications amathenda.

Ukuthi mhlawumbe lezinkampani ezibhalwe lapha phansi kuthiwe eziningi ezibhaliwe kodwa inkampani eyodwa, lokho futhi thina asikutholanga kunjalo.  Futhi siye sibuke kakhulukazi ama-prices ukuthi kuzothola amathenda abantu abanjani. 
[p26 ln .27- p27 ln ]

<Vol197>
HIS MAJESTY, THE KING: Mhlonishwa Somlomo, Ndunankulu waKwaZulu-Natali, Dr Frank Mdlalose, Dr M G Buthelezi, Umntwana wakwaPhindangene nonguNgqongqoshe wezangaPhakathi, aBantwana baseNdlunkulu, osoPhalamende abavakashile, aMalungu oMkhandlu oShaya uMthetho waKwaZulu-Natali, aManxusa, aMakhosi, iZivakashi eziqavile, Bafowethu noDadewethu.

Siyaphinda futhi sihlangana lapha ukuzoqala iseshini esinikeza ithuba lokufeza imisebenzi yethu ehloniphekile.  Lemisebenzi sayethweswa yibobonke ababeneqhaza ekuvoteni ngo 1994.   Lemisebenzi kumele imbandakanye nalabo abangazange bavote nhlobo.  Ngicabanga ukuthi ubuholi obuhle kubeka phambili ubuhle bazo zonke izakhamizi ngaphezu kobuhle bamaqembu noma bezombusazwe.  Siyosebenzela izwe lakithi ngempumelelo uma sibeka intuthuko kanye nokusebenza ngegalelo elizwakalayo ngaphezu kwezombusazwe.

Mhlonishwa Somlomo, kumangaza kangakanani ukuphila ngaphansi kwezigameko zethu zomlando zenkathi yamanje.  Isivinini umlando owenzeka ngaso phakathi kwethu, kwenye inkathi siyesabisa yize siyinselelo.  Sihlangana lapha namhlanje okokuqala emva kokuba iNingizimu Afrika isiphothule umthethosisekelo wayo.  Amaqembu ehlukene ezombusazwe kanye namaqembu angekho kwezombusazwe abe nemibono eyahlukene mayelana nomthethosisekelo.  Angingabazi ukuthi imibono eyahlukahlukene ebekwe ngezindlela ezahlukene ekugcineni yengeze imikhawulo edingekayo kumthethosisekelo.  Ngaphandle kwaleyominikelo umthethosisekelo ubungeyukuba sezingeni eliyiyo.  Ngiyethemba Mhlonishwa Somlomo, iNdlu yakho iyoqhubeka nokuhlwaya zonke izindlela zokubambisana kanye nokufaka izisekelo eziqinile zengomuso kulelizwe. 

Ngempela kuyisikhathi esikhethekile kithina lapha KwaZulu-Natali njengesiFundazwe njengoba sibone ngokokuqala ukhetho olunentando yeningi olukaHulumeni wasekhaya.  Kuyiqiniso elazekayo ukuthi ngalolukhetho lweZifunda thina KwaZulu-Natali sifinyelele egxathwini elibalulekile entuthukweni yethu.

Ekudalekeni komlando esikubonayo asizukuthanda ukuba sibe zibalo nje.  Asizukuthanda ukuba kuphela sibe ngabasebenzisi balokho okusizungezile.  Akumele silinde kuphele ukuba siphendule izinselelo noma imizamo yabanye abantu, ukulinda ukuba sibonisane nanoma ubani oneqhaza ekuhlahleni indlela yenguquko akumele kube umgomo wethu wokugcina.  Nina enisekhaleni lobuholi bukaHulumeni kumele nisenze sikwazi ukusungula imibono kanye nokuthatha izinyathelo.  Kumele silinganise phakathi kokuholwa kanye nokulandela noma kanjani.  Kumele kube nesilinganiso phakathi kokubona izenzo zenzeka kanye nokudala ukuba izenzo zenzeke.

UMNOTHO

Siyiqonda kahle sonke inselelo enkulu esibhekene nayo lapha KwaZulu-Natali isidingo sokuhlela kabusha, ukuthuthukisa kabusha kanye nokwakha kabusha isifundazwe sethu ngokuphelele.  Sithathe ifa lomnotho elethembisa ukuba ngelinamandla eNingizimu Afrika.  Ngivumelena ngokuphela nePhini likaMongameli waseMelika u-Al Gore lapho ngenkathi efika eThekwini ethi "ElaKwaZulu-Natali liyisikhonkwane sethemba".

IMISEBENZI YENTUTHUKO

Kube khona izintuthuko ezinkulu kwezamabhizinisi KwaZulu-Natali kulezinyanga eziyishumi nambili ezidlule.  Imisebenzi njengamanje okusaqhutshekwa nayo imbandakanye:-

	-	Isikhungo sokuhlanganela sikazwelonke esiseThekwini esethembisa ukuba ngesiphambili emhlabeni;

	-	IHhotela eliphambili i-Hilton nalo eliseThekwini selikhonjelwe ukuvulwa ngokomthetho ngo-Agasti 1997.

Kukhona futhi imisebenzi emikhulu ezoba ngaphezu kwamabhiliyoni angu-12 amarandi esihlelwe elaKwaZulu-Natali.  Phakathi kwemisebenzi emikhulu ephathelene neSifundazwe:-

	-	Umsebenzi wakwa-Transnet wendawo yasePhoyinti eThekwini;

	-	Izikhungo zamakhemikhali kanye nozifo zonke kwa-AECI Ezimbokodweni;

	-	Imisebenzi yeChweba lase-Richards Bay kanye neminye.

Kuhlabe kakhulu umxhwele ukufunda ngamabhiliyoni amarandi angu-21 angakhiqizeka KwaZulu-Natali ngonyaka ka1997.  Lempumelelo emangalisa kangaka siyizuza ngobuholi obusimeme bukaNdunankulu u-Dr F.T. Mdlalose kanye noHulumeni wakhe.  Lamandla siwazuza ngenxa yemigomo ekhuthaze uhlelo lwezomnotho olukhululekile kulesisifundazwe kanye nokuba negama elihle lokuhlonipha umsebenzi labantu baKwaZulu-Natali.  Mhlonishwa Somlomo, manje sengikholwa kakhulu ukuthi elaKwaZulu-Natali lizoba unomthebe wezenzo zezomnotho kuRiphabliki yaseNingizimu Afrika.  Asizinikele sonke ekuzuzeni lokhu.

UBELELESI KANYE NENKOHLAKALO

Ngitholile ngasohlangothini lwakho Dr F.T. Mdlalose ukuthi uthe phansi nezikhondlakhondla ezingukwesweleka komsebenzi, izifo, ukungazi, ukuxhashazwa, ukungabiqotho kanye nendluzula.  Mhlonishwa Somlomo, ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi manje sokuba sonke sihlale sibale lokho esikwenzile umuntu ngamunye nangokuhlanganyela akwenzile ukunciphisa lezizinkinga zomphakathi.

Kumele sizibuze ukuthi ungakanani umnikelo esiwenzayo mayelana nokwenza lesisiFundazwe sibe ngesiphephile nesivikelekile ukuze izivakashi zikwazi ukuba zisithathe njengendawo yokuqala ezingayivakashela.  Uma singabeka umfanekiso omuhle ezivakashini abatshalizimali bangaheheka bese kuthi ekugcineni izibalo zabantu abangasebenzi zehle ngokubonakalayo.  Omuhle ezivakashini abatshalizimali bangaheheka bese kuthi ekugcineni izibalo zabantu abangasebenzi zehle ngokubonakalayo.

UKUNIKEZWA KWAMANDLA EZOMNOTHO KWABAMNYAMA

NjengeNgonyama yenu, sengihambe kakhulu lapha ekhaya nasemazweni angaphandle ngomzamo wokuletha ukuthula, ukusimama kanye nokukhula kwezomnotho eSifundazweni sakithi.  Ohambeni lwami lwamaduzane lwaseMelika lapho - egameni lenu ngemukela umklomelo woLuntu wokuthula kwamukelwa umzabalazo wethu wokuletha impilo engcono kuwonkewonke, ngaba nezingxoxo nalabo abathintekile abangase batshale izimali.  Ngakwazi ukuthola ukuzinikela okuqinile kokuxhasa intuthuko yasemakhaya, imisebenzi yokukhombisa kanye neziphakamiso zokuhlanganyela ekutshalweni kwezigidigidi esiFundazweni sakithi KwaZulu-Natali.  Mhlaziyishumi nambili kwephezulu ngedlulisela leziphakamiso zokuhlanganyela ekutshalweni kwezimali emaqenjini okunikezwa kwamandla ezomnotho kwabaMnyama ukuba baqhubeke nazo.  Ngilindele ukuba uHulumeni abambe iqhaza elibonakayo ekunikezweni kwamandla kwezomnotho kwabaMnyama ngokufaka labo kuqala ababengenamathuba kukhukhulelangoqo kwezomnotho.

ISIKHUNGO SEZAMASIKO

NjengoMholi ovelele waseMelika ongumAfrika uDr Martin Luther King, nginephupho futhi iphuphu lami ngelokuthi siyofinyelela ethubeni lokuqinisekisa amasiko ethu ObuZulu, ukuvuselela amagugu obundeni endabuko oBuntu kanye nokwakha isizwe.  Leliphupho liyophumelela; ngomusa woPhezukonke.  Sekunezinhlelo esezihleliwe zokuthuthukisa imisebenzi emikhulu yamasiko esiFundazweni sakithi; embandakanye ukufundiswa ngamasiko kanye nokuqeqeshelwa ukwakha isizwe ngemisebenzi eyahlukene yezokuvakasha eqondene namasiko.  Ngisalokhu ngikholwa ukuthi ukubamba kwami iqhaza ezingxoxweni ezimayelana nalokhu zibelethe izithelo futhi ziyoqhubeka nokubeletha izithelo; umgomo wazo wokugcina kube ukubuyisana okuphelele kanye nobumbano lokugcina lwesizwe saKwaZulu. 

INGCULAZI

Njengamanje isiFundazwe sakithi sinezibalo ezishaqisayo eziphathelene nengculazi.  Ngikuqonda kahle ukujula uHulumeni wakho Mhlonishwa Ndunankulu abhekane ngakho ngalenkinga.  Ngisho imihlangano yokucobelelana ulwazi yomhlaba wonke ngengculazi isike yabanjwa kulesisiFundazwe ngaphansi kwesandla soMnyango wezempilo.

EZEMFUNDO

Amathemba ethu asemnyangweni wezeMfundo nezaMasiko maqondana nempi okumele siyilwe yokungazi.  Njengoba uMnyango usuqale ukwethula imfundo yabantabadala anginakho ukungabaza ukuthi ukungazi kuzohlasela ngazozonke izinhlangothi izingane zasemgwaqeni, abasha abasebancane abaphuma esikoleni sebenesikhathi eside bengaqashiwe, abantu asebezinikela kubulelesi ukuze baziphilise ababhebhezeli bokukhwabanisa emahhovisi kaHulumeni, bonke badinga usizo lwethu lwezemfundo.

OHULUMENI BASEMAKHAYA NEZEZINDLU

Somlomo abantu bami bakulesiFundazwe banezidingo ezidinga ukubhekelwa iminyango eyahlukene yalesiFundazwe.  Badinga izindlu emnyangweni wezoHulumeni baseKhaya nakowezindlu.  Siyathemba ukuthi ekugcineni inkinga yemijondolo iyoxazululeka.  Ngiyethemba futhi ukuthi izingxoxo engibe nazo ngonyaka ophelile kanye nabamele oHulumeni basekhaya; Osobaba, kanye noNdunankulu maqondana nokususwa kwezithiyo ekufezweni kwemisebenzi yamaKhansela manje isizothela izithelo.

EZOKUTHUTHA KANYE NEZOMNOTHO

Abantu badinga imigwaqo kuMnyango wezokuthutha.  Siyathemba ukuthi ekugcineni inkinga yezincwadi zokushayela ezingumgunyathi izobhekisiswa.  Balindelwe ukweluleka ekuqhubeni amabhizinisi abo amancane kuMnyango wezomnotho nezokuvakasha sebezabalaze kakhulu ukuziphilisa emva kokulahlekelwa ngesikhathi sodlame obeluphezulu kulesiFundazwe.
  
EZENHLALAKAHLE YOMPHAKATHI

Abantu bami bakholelwa ekuhanjisweni kahle kokukhokhelwa kwezimpesheni emnyangweni wezeziMpesheni neNhlalakahle kuvinjwe nenkohlakalo.  Banamathemba futhi okuthi izidingo zabo zizoba inselelo ezimpilweni zabo njengokungaboni, ukungezwa kanye nalabo abahamba ngezihlalo bengavezwe ezinhlelweni ezizobasiza ekuvunjululweni kwamathalente abo ukuze bakwazi ukuzimela babe nenqubekela phambili njenganoma umuphi omunye umuntu emphakathini.

IMISEBENZI YEMIPHAKATHI

Abantu bami babheke eMnyangweni wezemisebenzi yoMphakathi ekunikezweni kwezindlu zokuhlala zezisebenzi zikaHulumeni.  Abantu bathola ukulethelwa imisebenzi yiminyango emningi kaHulumeni, ngoMnyango wezemisebenzi njengokwethula izinhlelo emphakathini - kungaba imigwaqo, amabhuloho, izikole noma ukulungiswa kwezakhiwo zikaHulumeni.

EZEZIMALI

Kuyangicacela ukuthi abaningi bethu abakuthakaseli ngokwanele ubulukhuni bomsebenzi owenziwa uMnyango wezezimali njengoba ulwela ukuthi isabelo sezimali esingcono esingalekelela isiFundazwe ukuletha imisebenzi.  Abantu balindele lomnyango ukuthi ubasize ekuqinisekiseni ukuthi iminyango kaHulumeni iyakunakekela ukusetshenziswa kwezimali ngendlela efanele.

EZOLIMO

Akulindelwe ukuthi ngichaze ukuthi imuphi umnyango oyintandokazi yami.  Umnyango othathwa njengonina wayoyonke manje ubhekwe ngeso elibukhali ngokwedlulele kunakuqala.  Lona uMnyango weZolimo.  Abantu bami babheka kuloMnyango ukwamukela usizo lochwepheshe njengokwephula kwisomiso kanye nemisebenzi ezolekelela ekuguqulweni kwezimpilo zalabo ababezimisele ukuba ngabalimi kodwa bakhutshazwa imithetho yobandlululo phambilini.  Sibonile okokuqala, abalimi abampisholo benikezwa amathuba okuba ngabalimi bamasimu kashukela.  Somlomo, sekunethemba manje labalimi abancane bakashukela ngaseNyakatho yoLundi njengoba abezohwebo nentuthuko baseMelika sebesivumile isicelo sami somnyango kaHulumeni waseMelika ukuba ucwaninge ukusungulwa kwesikhungo sikashukela endaweni yakwaMhlabuyalingana.

EZENDABUKO

Mhlonishwa Somlomo, uMnyango wezeNdabuko nezokugcinwa kweMvelo babhekele izimpilo zaMakhosi, Izinduna kanye nabantu abaningi abasezindaweni zaMakhosi.  LoMnyango uthwele umsebenzi wokwengamela amagugu namasiko ethu.  Phezukwalokho futhi wengamele izinto ezibalulekile ezithandwa ngabavakashi kakhulu, njengezilwane zasendle kanye nezinto zemvelo.

Abantu babheka kuloMnyango ekuthuthukisweni kwasemaphandleni nasekwelekeleleni ekukhulunyweni kwamaphuzu aphathelene nobulili nemikhuba yendabuko edinga ukuguqulwa noma ihunyushwe kabusha.  Ngifisa ukukhuluma ngoMnyango kaNdunankulu njengoba usebenzela iNdlunkulu.  Somlomo, Mhlonishwa iNdlunkulu iyazi ngomsebenzi oncomekayo owenziwa uMnyango kaNdunankulu ukwenelisa izidingo zayo.  Kuyathokozisa ukuthi eminye yemisebenzi isiqalile kwezinye izigodlo.  Angidingi nokusho ukuthi isigodlo ngasinye sinomlando obalulekile wesizwe saKwaZulu.  Ukuba bekungasiyena uNyanda, iKhabinethi yakhe kanye namalunga akhe esiShayamthetho amesekile ngabe sekunezinkulumo zokwehlisa isithunzi nobuqotho beNdlunkulu.  Ngiyakholwa Somlomo ukuthi siyadinga ukukhuthaza ukwazeka kwamasiko ukuze sikwazi ukusiza labo abangawazi umlando wesiko leSizulu ukuze bangenzi izinkulumo ezizozwakala zinochuku noma ezibukela phansi isiko likaZulu.  Ngayawubonga uMnyango kaNdunankulu owenze izinhlelo okuzothi ekugcineni kube nokuzwana okuhle phakathi kweNdlunkulu noHulumeni.

Mhlonishwa Somlomo, ngalonyaka ngizimisele ukuphinde ngigcine yonke imisebenzi yezendabuko (amasiko) njengoMkhosi woMhlanga, uMkhosi wokweShwama kanye noMkhosi weLembe.  Ngonyaka ophelile ngaphawula kuyona leNdlu ukuthi ukugujwa kweJubhili Lesiliva kuzokwenziwe.  UMkhandlu wesiFundazwe wakwamukela lokhu kwaze kwahlanganiswa iqembu lezemisebenzi, kepha ngezizathu ezithile lomgubho awubanga bikho.  lomqondo kawukalahlwa futhi ngethemba ukuthi amaqembu ezemisebenzi asazoqalisa ngezingxoxo.

UKUTHULA

Nonyaka sivula iPhalamende sinethemba miningi imizamo eyenziwe nyakenye yokuba kuqedwe udlame nokubulalana kwabantu ngenxa yezombangazwe.  Igalelo labaholi benkolo, libonakele kanjalo nabaholi abathile bamaqembu bakhombise ukuzinikela ekukhuthazeni ukuthula nokuphela kodlame.

Ayikho into engithokozisa njengokubona kwanda abantu bami abazinikela ekusebenzeleni ukuthula nokubuyisana siyenyuka mihla yonke isibalo sabantu abaphumela obala bathi bangabathandi bokuthula.  Sengathi kungaqhubeka lokhu.  Zolo lokhu, ngeSonto besihlangene eMkhosini wokukhumbula isihlabani Dr J.L. Dube (uMafukuzela), oHLange.   Ngibona uBaba uMntwana wakwaPhindangene ebesinaye kuloMkhosi ngokukhuthaza uxolo nokuthula.

UKUBUYISANA

Ngithanda kwazeke ukuthi njengoba abantu sebekhombisile ukuthi sebekhathele udlame abasafuni ukuphila njengezilwane, kubalulekile ukuba kulesisikhathi kukhuthazwe kakhulu ukubuyisana esizweni.

Kuningi okwenzekile nyakenye okukhombise amagxathu athathiwe ekubuyiseneni kubantu bakaBaba.  Ukugujwa kosuku lwaMaqhawe (Heritage Day) kwenziwa ngokubambisana okutusekayo.  Lokhu kuze kwadlulela ekugujweni koMkhosi weLembe - kwaDukuza lapho ngathumela inkulumo yami ngoba ngangiseMelika.  Imizamo yokubuyisana kukaZulu kanye neNdlunkulu uqobo iqhubeke kwaze kwaba nomhlangano owaba esigodlweni sami eNyokeni ngo-Okthoba.  Konke lokhu engikubalayo kungamagxathu abalulekile endleleni ephikelele ekubuyisaneni okugcwele kanye nobunye bukaZulu.  Akusafuneki ukuba kubuywe kuhlelwe nyova, manje kuhle siphikelele phambili.

Abaholi be-IFP ne ANC kulesiFundazwe, uNyanda noMsholozi, babukhombisile ubuholi obuqotho kanye nokuzinikela ekuqedeni udlame phakathi kwabalandeli babo.  Sengathi lomoya wokuzwana nokusebenzela ukuthula nenqubekela phambili kungaqhubeka noma uNyanda esesishiyile isikhundla.

INTUTHUKO

Njengoba kuheleza umoya woxolo nokuzwana ezweni, kungakuhle ukuba sisebenzise lelithuba ukuba sakhe umfelandawonye ozoletha intuthuko nempilo engcono emphakathini.  Ngingathokoza uma Amakhosi engabamba iqhaza kulokhu.  Kungabakuhle uma kungaba yileyo naleyo Nkosi isophe ukuba lonyaka uphele kunoshintsho endaweni yayo ngokwentuthuko.

UBUKHOSI NOHULUMENI (COUNCIL OF TRADITIONAL LEADERS)

UbuKhosi bukaZulu budalwa futhi baziwa umhlaba wonke.  Kuliqiniso elingaphikiswa ukuthi lapha KwaZulu-Natal kukhona Amakhosi evile emakhulwini amathathu (300) aphethwe iSilo.  Asikho esinye isifunda lapha e-South Africa esinobuKhosi obufana nobaKwaZulu.  Kuthathe kumangaliseke uma sekuzwakala ukuthi kukhona abazilinganisa nobukhosi baKwaZulu bazi kahle ukuthi isimo kasinjalo.

Njengoba noHulumeni omkhulu esesungula Isigungu esimele abaHoli beNdabuko, kungakuhle akunakekele lokhu uma kuhlelwa indlela okuzomelwa ngayo izifunda kulesisigungu sabaHoli beNdabuko.

Nginxusa namalunga aleNdlu anozakwabo emaqenjini akuHulumeni omkhulu ukuba babambisane futhi babacacisele ngesimo esehlukile salapha KwaZulu-Natal esithinta uBukhosi.  Uma kuba nesidingo ngongcina ngihlele umhlangano noMongameli wezwe ukuba sikhulume ngaloludaba.  T/E
(p.32/l.31 - p.38/l.3)

UNDUNANKULU:  Baba Somlono, Silo Samabandla, Mhlekazi Dokotela M G Buthelezi Umntwana wakwaPHINDANGENE futhi ongu Sihlalo we Ndlu yaBaholi bendabuko Amakhosi, Amalungu aleli Phalamende kanye namalungu ePhalamende elingaphandle kwesifundazwe sakwaZulu - Natal, Amalungu ePhalamende lika Hulumeni ka Zwelonke, Mhlekazi, Zitatanyiswa zakwezinye izifundazwe,  izikhulu zakwabanye oHulumeni kanye nezinhlangano, Izihambeli ezibalulekile manenekazi kanye namanene.

Egameni laleNdlu kungukuhlonipheka kumina ukuthi ngibonge ISILO SAMABANDLA ONKE ukuthi sivume ukuvula lokukuhlangana ngokomthetho namhlanje ekuseni.

Sithakasile ngokuba nawe lapha phakathi kwethu, SILO SAMABANDKA ONKE.  Sifisa-ke ukuthi siqophe phansi ukubonga kwethu okujulileyo ngolubakhona kwakho lapha kanye nenkulumo yakho evusa ugqozi oyethule ngokuhlonipheka lapha kithina namhlanje.

Uma ukhuluma wena SILO SAMABANDLA kuvevezela intokozo kuyoyonke imikhakha yesizwe sakithi.  Isizwe sithembele kuwena SILO SAMABANDLA:  ekuholweni nasesihawini nasekunakekelweni kanye nasembonweni. 

Siyabonga SILO SAMABANDLA ngokusikhumbuza ukuthi intuthuko iyona, noma ngabe kunjani, efanele ibe ngaphambili ekubalulekeni kunezinhlangano zethu zemibangazwe.  Akumangalisi kuthina ukuthi ungaze ugcizelela kakhulu ekubalulekeni kwentuthuko.

Siyazi ngezindlela osuzithathile zaphesheya kwezilwandle nalapha e-Afrika imbhalo kanye nemisebenzi osuyisungulile.  Umdlandla ondlondlophele wakho kwezolimo oze waholela ekuthini uze ubonwe nayi University yakwa Zulu.  Konke lokhu kuyisiqinisekiso sonombe lwakho ekubambeleleni kwezentuthuko.

Usifakile ugqozi lokuba sibe ngonjunyela bezenzo nabaphathi benguquko.  Sifisa ukuthi sikunikeze isiqiniseko sokuthi siyokwenqaba ukuba sibe njengobufakazi benguquko.  Siyazinikela ekutholeni ingcebo, ekusebenzeni kanzima nasekukhalipheni komcabango.  Sithanda ukuthi senze iKwaZulu - Natal ibe indawo yokwethembela.  Lokhu kuwukuhlobisa nje kancane inkulumo yephini lika Mongameli wase Melika uMr Gore ake wayicaphuna Ndabezitha.

Isikhalo sakho ngempumelelo yethu encane kilesifundazwe siyinselelo kithina yokuthi senze olukhulu.  Ngineqiniso ukuthi ozakwethu baye bazincinza ukuze bakholwe ukuthi izindlebe zabo zizwa ngoluyikho ngesikhathi uncoma ngempumelelo ezuzekile emnothweni kulesifundazwe.  Egameni labo ngiyajabula ngoba phela into eyaziwayo ukuthi umsebenzi wezombangazwe awunazincomo.  Ngakho-ke kubanika umdlandla abantu uma kuba nezikhathi lapho imizamo yabo ibonakala.

Ekuseni namhlanje sizwile ukuthi ISILO SAMABANDLA ONKE sesisebenze kakhulu ukuthi sithole abaxhasi nabatshali bomnotho beze KwaZulu - Natal.  Sithandazela ukuthi labo abaqokwe ISILO  ekutheni bafeze izinhlelo bangakwenza lokho ngendlela ekungeyona yokugombela kwezabo bakwenze futhi ngobungcweti.  

Sithanda ukubona abantu balesifundazwe bethuthuka kwezenhlalo, kwezombangazwe nakwezomnotho.

Sifisa ukusiseke ISILO uma amaphupho aso kuwukuphakamela ukuqinisa impucuko yesizwe samaZulu ukuqinisa amagugu omdabu emindenini nasemphakathini amagugu obuntu kanye nokwakhiwa kwesizwe.  Siyawazi futhi umdlandla wakho emasikweni ehlukahlukene kulesisifundazwe.

Lokhu kuye kwavela kwacaca lapho ISILO sihambele imigidi yamasiko futhi simema nalabo abangewona amaZulu ukuthi beze bazobamba iqhaza emikhosini yendabuko ISILO ebesiyigubha esigodlweni ENYOKENI.  Kuyasithokozisa ukuzwa ukuthi kunamalungiselelo enziwayo okusungulwa kwenkundla yamasiko.

Siyabonga ISILO SAMABANDLA  ngokusethulela izinkulumo kuminyango ngeminyango.  Lokhu sekusethusile kwasivula amehlo ukuthi sibone ukuthi kanti insebenzo yomnyango nomnyango uyibheke ngelokhozi.

Wonke umsebenzi omuhle osuwubalile kanye nezinhloso zethu sisebenza ubusuku nemini sisebenzela isikhathi sethu sobudala, sisebenzela abantwana bethu kanye nekusasa ngeke kwaba mempumelelo uma singenako ikuthula.  kuyiqiniso ukuthiudlame silwa nalo siyalunqoba.  Kuyiqiniso ukuthi udlame silwa nalo siyalunqoba.  Kuyiqiniso ukuthi lusekhona lona udlame.  Izibalo zisikhombisa ukuthi seludambile.  Udlame luyisiqalekiso kufanele luchithwe luphele nya emphakathini wethu.  Sigcizelele empokophelweni nasekuqiniseni ukuthi kungasetshenzwa ngobuqembu uma kuchithwa udlame emphakathini wethu.

Baba Somlomo, Silo Samabandla sesithinte iphuzu elisenyongweni kimina.  Ngisho iphuzu lokubuyisana.  ISILO siyesathi :-

	Ngifisa ukuthi kwazeke ukuthi njengoba abantu sebevele obala bakhombisa ukuthi sebediniwe bacikekile, bakhathele udlame.  Bathi abafuni ukuphathwa njengezilwane.  Kubaluleke kakhulu kabi ukuthi ukubuyisana kufanele kugqugquzelwe kusizwe sonke.

Ukubuyisana isiko elibalulekile kumaZulu.  Yilo elivuselela ngokuqinisekile ukubonisana nokungakhohlisani ngokwethembana.  Wena we SILO lokukuhlupheka okungaka okukhungethe isizwe sakho kudalwe ukuswelakala kokubuyisana.  Abanye bazibhekela lena kwezabo izindawo.  Abanye bathungathwa macala onke benxuswa ukuba babuyisane nabanye kodwa kubenhlanga zimuka nomoya.

Kodwa-ke ngiyafunga ngiyagomela ukuthi ezinye izizwe zingakhokha izimali eziningi ukuze zizuze amakhono ethu ngokubuyisana.  Uma abantu bengezwani bathambise izinhliziyo bese beyabuyisana.

Ngaduduzeka uma ngizwa ISILO sithi lokho okwenzeka ENYOKENI imizamo yokubuyisana.  Okubalulekile ukubuyisana nobunye besizwe samaZulu.

Sethembele kuwena SILO SAMANBANDLA konke ukubuyisana okulindelekile kubantu bakithi, abakubheke ngamehlo avulekileyo kufanele kwenzeke esikhathini esifishane kakhulu ngoba sesikhathele ilokhu kusweleka kokuthula, kokusimama,  ukuhloniphana nobuqotho nobukhosi besizwe samaZulu -  isizwe samaZulu esaziwa ngabo futhi okwashiywa inkosi uSHAKA  okunguyena msunguli wesizwe owasakha saba yisizwe esinamandla esesibulawa manje.

Ngikuthokozele ukusebenza kanye nawe Silo Samabandla.  Ngikubonga kakhulu ngobambiswano lwakho.  Okuyilo oluholele ekuphumeleleni kwezinhlelo ebesibambisene kuzo.

Baba Somlomo ekuphetheni ngifisa ukunikela ukweseka kwethu ISILO futhi nesiqiniseko sokuthi solokhu sithobekile njalo njalo kusona.  Futhi sizinikele kakhulu kwintuthuko yakho konke okusinkankile ukuze lesisifundazwe sibe ngumzi wazozonke izifundazwe eNingizimu ye Afrika.

INKOSI B N MDLETSHE:  Somlomo, ngicabanga ukuthi abantu abahlohle lezinto zezindlebe.  Somlomo, malunga ahloniphekileyo mangibonge lelithuba lokuthi ngiphinde ngime kuleNdlu ehloniphekile futhi okuyiNdlu esiyazi sonke kahle ukuthi iNdlu esanqoba kuyo ubandlululo.

Futhi Somlomo, nokuyindawo lapho iSizwe saKwaZulu salwa khona izimpi ezinkulu.  Senqaba ukuba siqonelwe ezinye izizwe, ngakhoke leNdlu nalendawo ingeyomlando ukunqoba nempumelelo yesintu sakithi.  Nginethemba Somlomo, ukuthi namanje isazowufeza lomgomo ngisho nasesizukulwaneni esizayo kulelizwe lakithi.  

Njengomuntu Somlomo, obekade engaphandle engekho kuleNdlu yakho.
[p125 ln 26 - 32]

THE DEPUTY SPEAKER:  Ndabezitha bengicela ukuthi Inkosi ike ithi ukungipha ithuba elincane, angiqondile ukuyidelela kukhona okonakele la engifisa ukuthi kengithi ukukulungisa Ndabezitha.
Ndabezitha ngenxa yokuthi uphazamisekile sizokunikeza ithuba lokuthi ungaqala phansi wenze nje lokhu okubonayo
[p 126 ln 9 - 15]

INKOSI B N MDLETSHE:  Somlomo, ngicabanga ukuthi angigqabanga kakhulu ngithintile nje.  [UHLEKO]  Ngiyabonga nethuba lokuthi ngiqale phansi.  Ngithena Somlomo, malunga ahloniphekileyo mangibonge lelithuba loba ngiphinde ngime kuleNdlu ehloniphekile futhi okuyiNdlu esiyazi cishe sonke ukuthi ilapho sanqoba khona ubandlululo.  

Futhi Somlomo, nokuyindawo lapho iSizwe saKwaZulu salwa khona izimpi ezinkulu, senqaba ukuba siqonelwe ezinye izizwe.  Ngakhoke leNdlu nalendawo ingeyomlando yokunqoba nempumelelo yeSintu sakithi.  Nginethemba Somlomo, ukuthi namanje isazowufeza lomgomo ngisho nasesizukulwaneni esizayo kulelizwe lakithi.

Njengomuntu Somlomo, obekade engaphandle kuleNdlu yakho kepha ebeke indlebe ngezinto ezenzakalayo kuleNdlu yakho, ngiyafisa ukusho ukuthi besifunda emaphepheni okuningi futhi sizwa okuningi ngabemithombo yezindaba ukuthi ibambene ngezihluthu kuleNdlu yakho.

Lokho thina njengoquqaba obekusenza thina sidikibale futhi sibone ukuthi udlame nokubulalana kwabantu bakithi kusazoqhubeka.  Bekusiphatha kabi Somlomo, lokhu ngoba siwuqonda kahle umphumela wezinkulumo ezingakhi.  Ukufa komuntu oyedwa Somlomo, kungukufa kweSizwe sakithi.  Kepha ngakolunye uhlangothi kunokuhle umuntu akubonayo okuqonde ekuqedeni udlame nendluzula kubantu bakithi.

Ngibona izimphawu zokuzwana, ukuhleka, nobungane, kumalunga ahloniphekileyo.  Lokhu kukodwa nje Somlomo, kuluphawu oluhle kepha engingaqondi ukuthi lungafinyelezwa kanjani kubantu bakithi ngokushesha.  Somlomo, ngizithandile izinhlelo zokuthula ezihlelwe iKomiti Lokuthula kuleSisifunda, ezivela enkulumeni kaNdunankulu weSifundazwe.

Ngicabanga ukuthi sigcizelele lokho okushiwo Isilo saMabandla onke, kanye noNdunankulu ngenkathi kuvulwa iPhalamende.  Kepha Somlomo, nginenkolelo yokuthi ukuthula kwangempela ilokho okusekeleke emgomeni yobuntu, ubuqotho, ihambisana nobunye, ukubambisana, ukubuyisana, nenhlambuluko, leyo abantu bakithi abayiqondayo kangcono.

Ngivuma ngokupheleleyo Somlomo, malunga ahloniphekileyo ukuthi inkululeko yokukhetha abaholi bethu siyizuzile.  Kepha kufanele sizabalaze ukuba sikhulule abantu bakithi ekungazini, ezifeni, ebumpofini, nasendlaleni okuyizona zitha zangempela zabantu.

Ngoba nginovalo Somlomo, ukuthi uma singayithathi lendlela inkululeko esinayo iyoba izeleleze, lokho okuyolanywa ukuqunjwa phansi kombuso okuyisimo esijwayelekile kulelizwekazi lakithi e-Africa.

Ngifisa Somlomo, sengathi izinhlelo zentuthuko yomphakathi zingasatshalaliswa, ngokweneleyo nanokugculisayo ukuze iSintu sisizakale.  Ngiyafisa futhi Somlomo, ukuba ngibonge kuleSifunda saKwaZulu-Natal ngendlela ukhetho loHulumeni baseKhaya olwahamba ngayo.  

Ngibonga nohlelo oluhle lokuvumela ukuba Amakhosi abambe iqhaza elipheleleyo kulaboHulumeni ukuze uhlelo lokulumbana kwabakhethwa naMakhosi ekuthuthukiseni iSintu sakithi luhambe kahle.  Futhi ngaleyondlela kugwenye ukungqubuzana.  Ngicabanga nanokuthi isexwayiso seSilo mayelana nokuvikela ubuKhosi kufanele sihlonishwe iwona wonke amaqembu ezombusazwe, kulesifunda nasezweni lonke lase South Africa.

Ngibona ukuthi sesifikile isikhathi manje Somlomo, sokuba siyeke ukusho ngomlomo ukuthi ubuKhosi siyabuthanda.  Kepha futhi sifisa ukuba sisho nanokuthi sifisa ukuba kuvikeleke njengoba kwakunjalo ekuqaleni.  Kepha manje ngibona ukuthi sesifikile isikhathi sokuba konke lokho sikwenze ngezenzo ukuze ngoba kuthiwa izenzo zikhuluma kakhulu kunamazwi.

Ngalawomazwi Somlomo, amafishane okubingelela iNdlu yakho njengomuntu oqalayo ngiyabonga.
[p126 ln 21 - p127 ln.22]

MR J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, ngiyabonga ukuthola lelithuba lokuba ngiphefumule. 
[p130 ln 18]

THE SPEAKER: 
	Lomntwana lona kaMathondo inzongoziya uqhuba abanye ngamadolo [AKUZWAKALI] zibuka uTata uyeke lowo.  Utiki phakathi kwezingogo ngoba ezalwa uYise.  Ezalwa inqwamana lephoyisa uNhlamvu zakhala ekuseni emabhunwini emlomo, ezalwa Insingizi ebika Izulu uhlabana umuzi ephelele, uJelifana bakusika amakhaba abasekhaya nabasezitheni, ezalwa uYise Mkhulu owabe ekhona empini yaseSandlwana, owabe ekhona empini yaseTshalini.  Udamza mthabathi echibiyela ezikankunzana bafa abantu bakaMandlakazi bebheke isizakalo.  Isihlanu samhlamunye laphayana eTshatshanini, ezalwa uSakhamuzi ngomkhonto umkhonto uthengwe ngembuzi kwaButhelezi, uJelefana bakusika amakhaya nabasezitheni.  Uhlabana luwuZulu ephelele, ezalwa uMagutshwa lapha angafanyo umbambo zinfoyi zilala uhlangothi lubomvu amanxeba ngamanxuluma, umhlane unezinkani zamankayiye kaZwide".  

Okhokho bakhe laba abazala yena engithi ngabe angezi ngakho umashana nikhuluma kanje ngalomntakaBaba ngingakubiki lokho koYiseMkhulu.  Ngisho njalo ngithi okumhlophe Nyanda yePhahla namhla usuya kohlala phansi uyawuhamba nesiphelekezelo esivela kulamadoda akho uya koYihloMkhulu, bazi ubeyindoda emadodeni awubanga livaka, ngiyabonga nina enikhona.  We may now sit down.
[p151 ln 25 -  ln 33]

INKOSI C KHAWULA:  Ngiyathokoza Baba, Ingonyama inguBaba wethu sonke ngakhoke ubuKhosi lobu akuyona into yokuba kudlalelwe kuyona nje.  Ngoba ubuKhosi sadabuka bukhona, ubuKhosi badalwa uNkulunkulu abuzenzanga.

Ngakhoke kuyekuhluphe manje uma sekubonakala abantu abangazi lutho ngobuKhosi sekuyibona asebengena izindaba zobuKhosi mazikhulume bagamanxe kukona.  Ngoba izwe njengoba likhona nje likhencwe ngenxa yokuthi kwabakhona ubukhosi.

Lonke lelibandla elilapha endlini njena bonke lababantu amukho la ongasukuma asho athi mina angiphumanga ebuKhosini.  Nesaba nalaba asebaba izakhamuzi zala emadrobheni, kodwa uma ulandela umnyombo wakhe waphuma esabelweni eNkosini.

Bonke abantu abamzalayo baphuma eMakhosini.  UbuKhosi abuyona into yokudlalela kuyona ngoba ubuKhosi buyinto ebanzi ngaphezu kwazozonke izinto ezikhona emhlabeni.  UbuKhosi futhi buyafelwa ubuKhosi.  Akuyona into elulanyana ubuKhosi.  

Uyabona nje Inkosi uCetshwayo yakhipha amabutho kwayophela abantu eSandlwana ngoba kulwela ubuKhosi loku obagcina sebukhona.  Amabutho lapha eSandlwana afika ashaya ashanela aze abuya ngisho ne-flag lama-French leNkosana yama-French.

Kuhle babone abantu ukuthi ubuKhosi bunomlando ongenakubakuphele ubuKhosi kulelizwe kuyohlala bumile njalo.  Futhi ubuKhosi baKwaZulu ubuKhosi obudlondlophele kunabowonke ubuKhosi obukhona kulelizwe.

LobuKhosi baKwaZulu bunomlando, lobuKhosi baKwaZulu futhi bucokeme, lobuKhosi futhi baKwaZulu thina MaZulu siyisizwe esibanzi kunazozonke izizwe.  Bheka nje asikho isizwe la kulelizwe esinaMakhosi awu-300 ngaphandle kwaMaZulu ithina sodwa MaZulu esibaningi ukwedlula ezinye izizwe.

Futhi nomlando wethu uma ukhulunywa akufanele uma ulinganiswe nezinye izizwe ngoba thina vele singaphezulu kwezinye izizwe.  Manje noma kwakhiwa izinhlelo asingalinganiswa izinhlelo zikaZulu kanye nezinye izinhlanga ngoba lezinhlanga zonke zingaphansi kukaZulu.

Baba Mphathiwohlelo, sengiyabonga ngoba benginikwe u-four minutes angifuni uze uthi angihlale phansi sengiyahlala ungaze usho.
[p164 ln .3 -  ln 27]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health): Ngifisa ukugcwalisela ukuthi sikwamukele futhi sikusekele ukuthi kuthiwe ekuqaleni uSihlalo waleBhodi kube Isilo noma lowo omele Isilo ngoba njengoba sonke sikubeka ukuthi umhlaba ungoweSilo kusho ukuthi kufanele kungabi ukuthi sikusho ngomlomo kodwa sikwazi ukukubona ukuthi Isilo sikhona lapha kulomthethwa.

Kodwa phezu kwalokho esifisa ukugcwalisela kakhulu ukuthi umsindo omkhulu uvela kulamaqembu epolitiki, esithi njengenhlangano engiyimele siyakujabulela ukuthi kuze kufike lana kukhona isivumelwano kubekhona ukuhlala phansi amaqembu ikakhulukazi i-ANC ne IFP kwaboniswana. 

Engicabanga ukuthi nakwezinye izinkinga esingahlangana nazo umasingahamba ngalendlela kungaba nempumelelo lapha siyakhona.  Ngingeze ngakuphika ukuthi njengoba kukhona obekile ukuthi mhlawumbe kuseza izulu isangquma esizayo kwezinye izinhlelo.  Ngisho ukuthi kufanele sazi lapho imibono yethu ihlukana khona, sazi ukuthi uma sihlukene imbono yethu yahlukana kodwa kufanele lokho sikuxoxe ngendlela eyakhayo eyenza ukuthi isifunda sethu siqhubekele phambili.

Ukusekela lomthetho ngendlela nezichibiyelo ngendlela ezenzeke ngayo ngifisa ukubonga amalunga aleNdlu ngibonga kakhulu kuweSomlomo ukuthi lokhu kuyisibani esenza ukuthi umphakathi wonke waKwaZulu-Natal ubenethemba ekuholweni iloHulumeni ngiyabonga.
[p167 ln 27 - p168 ln 5]
INKOSI K W MATHABA: (Whip):  Sonlomo Baba.  
[p169 ln 12]

INKOSI K W MATHABA:    Somlomo Baba, ngiyacabanga ukuthi aba-translathayo benzela ukuthi nalaba abangaluzwa ulimi lwethu lolu lwesiZulu nabo balufunde, ngoba nathi kade sihlezi phansi singayiceli i-translation.  Ngicabanga ukuthi zindlela zokuthi ke bafunde.
[p169 ln 17-18]

INKOSI K W MATHABA:  Somlomo Baba, ngicabanga ukube iqiniso ukube likhona emhlabeni ngaba Amakhosi alapha KwaZulu neNatali umphakathi usuke wakhuleka eMakhosi wacela ukuthi uzozibongela umphakathi ngeqhaza elibanjwe ngaMakhosi.  La izwe labantu bakithi lathathwa khona ngezikhwephe, lathathwa ngezibhamu.  

Kodwa ama Amakhosi eqinisweni ukuthi lelizwe lingelabantu balapha KwaZulu, ngakhoke alifanele ukuthi linyakazizwe sinaneSilo sethu samaBandla okuyisona sona esikhonze ngaphansi kwaso.  Yebo siyavuma Somlomo Baba, ukuba lomthetho sivivinywa kube namaphutha abekhona kodwa engicabanga ukuthi abangelwe isikhathi sibe sincane sokuthi umthetho sivivinywa lo ubekwe phansi isikhathi sibe side izinto zicutshungulwe ngendlela efanele.

Kwenzakale lokhu esikhathini lapho i-IFP imele uHlanga lomhlabathi lungafakiwe kumthetho sisekelo, kwabonakala ukuthi  akululanga singaya okhethweni sishiye uBaba wethu seSizwe.  Yikhoke lokhu okwanikeza i-IFP ithutshana elincane lokuba singakwazi ukuzilungiselela ngendlela efanele.

Kodwa ngoba onke amaqembe asekwemukele namuhla ngithi asikubongeke lokho.  Ngibona ukuthi sekuyiso isikhathi lesi sekufanele masihlale phansi kuthi lapho esingaboni khona ngasolinye sibonisane.  Singahlukana ngokwezombusazwe ngokwaqembu kodwa ezindabeni lezi ezithinta uHlanga lomhlabathi ngoba sonke sithi luwuHlanga lwethu lomhlabathi.  Kufanele masibe nayo inhlonipho.  

Somlomo Baba, kunezinto ezingididayo kuleNdlu yakho ngibhekise kuwena, lapho uma kukhulunywa kukhulunywe ngendaba ye-democracy.  Ngiyacabanga ukuthi namanje Somlomo Baba, angikayitholi kahle lencazelo ye-democracy.

La kuthiwa uma kuthintwa izindaba zobuKhosi bese kuthiwa Amakhosi awafanele ukuthi azoma lapha engimi khona.  Kodwa uthole ukuthi laba abasho njalo banawo Amakhosi amile kuyona leNdlu futhi.  Engicabanga ukuthi zonke lezozinto izinto okuzofanele mazifanele ngoba asikwazi ukuthi izwe lethu singakwazi ukuthi siliphathelwe abafokazana kufanele masibekhona la kuleNdlu sikwazi ukuthi sibeke lokhu esikufisayo.

SingaMakhosi oSelwa, sazalwa nabo ubuKhosi futhi siyofa siyiwo Amakhosi.
[p169 ln 32 - 170 ln 19]

INKOSI K W MATHABA:   Somlomo Baba, ngingazi noma esikhathi sami sengiphazamiseke kuso ngabe ngingezelwe amaminithi?  SingaMakhosi siyamethemba uMongameli wezwe ukuthi zonke izinto asuke ezisho ekhuluma naMakhosi usuke esho izinto eziliqiniso lodwa.  Ngakhoke abantu bakithi Amakhosi akithi azibhekile nazo futhi izethembiso.  

Njengoba noHulumeni omdala uMongameli omdala u-de Klerk wayeshilo naye ukuthi uyowakhumbula amaZulu.  Ngicabanga ukuthi noHulumeni lona omusha uMongameli walelizwe kuzozonke lezinto esikhuluma ngazo la makubhekele ingempela ukuthi isizwe saKwaZulu siyisizwe esehluke kakhulu kwezinye izizwe.  
Asingaphoqwa ngenkani sigwinywise ngenkani iphilisi ngenkani.  Lokho engicabanga ukuthi isizwe saKwaZulu asisoze sakwamukela Baba Somlomo.

Njengoba abakhulumile ngaphambile bakubekile lapho ukuthi...
[p171 ln 12 -19]

INKOSI K W MATHABA:  Ngakho ke Baba abakhulumile lapha ngaphambili ngihambisana nabo abaphikisana nokuthi izinto ziphoqelelwe ngenkani kithina.  Imithetho uma yenziwa yenzelwe khona ukuthi phela la kunamaphutha khona kubuye kuhlalwe phansi ibuye ilungiswe, akukaze kube into elungile njalo nje.

Ngasosonke isikhathi kobuye kuhlalwe phansi senze lawoma-amendments, ngakhoke ngiyabonga.
[p171 ln 29 - 32]

MR S N MTETWA: Somlomo Baba, ngivumele ngisho ligcwale umlomo ukuthi kungani ngempela sithi thina u-clause 4 sub-section 1(c) fanele ume njengoba unjalo, and also this clause 6 sub-section 1 ume njengoba unjalo.

Lezigatshana zalomthetho zenza Amakhosi noma abaholi bendabuko bamengenhla kwepolitiki le esesihluphe kangaka la KwaZulu Natal.  Le-Bill i-intender ukuthi Amakhosi ame engaMakhosi ngaphezu kwepolitiki.
[p174 ln 17 - 20]

MR S N MTETWA:   Now inikithuba lomthetho ukuthi abanye abaholi bendabuko babambe iqhaza kwizinto nomithetho walelizwe.  Angikholwa mina Mphathisihlalo Somlomo Baba ukuthi uma ungenza isilinganiso njengoba sike sikhulume ukuthi la KwaZulu Natal abaholi bendabuko babalwa ku-300 okuthi kulo 300 abekho abaholi abathathu out of 300 abathathu nje abangenza konke kuphelele.  

Sekungathathwa umuntu yena loyo abekwi-Provincial, kuthathwe umuntu abe kwi-National, kuthathwe umuntu abekwi-Council of Traditional kusho ukuthini lokho?  Angikholwake ilokho, ileso sizathu sithi siyisaphotha with no amendments.
[p174 ln .31 - p175 ln .2]

MR S N MTETWA:  Okwesibili ke kunentsonyama, kuneholo elizotholakala la akesinike ithuba phela abanye abaholi nabo bake bathi ukuthola madoda. [UHLEKO]  Ngoba uma sesibambe konke angeke bathole lezintsonyama esizitholayo konke kuzobuyela kithina.

Ngebhadi Mphathisihlalo, angeke ahole kuze kube ikabili noma ikathathu uma ekubambe konke uyohola kanye.  Kusho ukuthi ukuvimbela abanye ukuthi bathole nabo asibanike nabo bathole.  [UHLEKO]

Okokugcina Somlomo Baba, bengingacela mina ukuthi cha ingaphesheya lethu akelivume ngomusa ngale kokuthi ziye ziwuvimbe phambili kuvunywe nje kusenganeno singakafiki phambili.  Kuyasihlupha ngoba kumosha izimali nezinye izinto indaba yokuthi asiye siyobona phambili.  

Phela ubuholi obupheleleyo abuyi ngokuthi iningi litheni, ubuholi obupheleleyo buya ngokuthi into oyishoyo noyenzayo iyona eholayo, iyona enomqondo ayi ukuthi sesishilo siyiningi noma ke sibancane siniqoqeleni ngandawonye ake nibuyise umqondo nithi ayibo asinike ithuba nabanye.

Mphathisihlalo, ngiyabonga [AKUZWAKALI] no amendment kule-Bill. [UHLEKO]
[p175 ln 14 - ln .25]

MR M M MACKENZIE:  Bengicela lapha Somlomo ukuthi ungisize uvale umsindo ongalana ozwakala njengamankankane. [UHLEKO]  
[p187 ln 7 -  8]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health):  Into engifuna ukuyibuza Somlomo, ohloniphekile ukuthi ngempela masesiqala ngamandla Amakhosi sibuyiselaphi?  Uma sikhuluma ngamandla Amakhosi asibuyeli yini kwenye indawo manje ngoba masekubuzwa ukuthi Inkosi asibheke amandla ayo ngamandla ngabantu abanayo.  Ngempela ngempela amandla eNkosi akuphi, ingaba nabo abantu abaningi.  

Kodwa umasikhumbula umlando waMakhosi ubuningi babantu akusho ukuthi amandla lawo Amakhosi.  Manje ngicabanga ukuthi kufanele sizibalekele izinto ezingase zisibuyisele ekutheni sifike la kuzogcina mhlawumbe kubakhona umsindo osukayo ngenxa yokubangisana ngalombandela.
[p194 ln 8 - ln 13]

Amakhosi agcwele KwaZulu Natal Somlomo.  Manje ke ngithi ke lapha sakha uhlaka lokuthi imizwa noma imibono yaMakhosi izwakale sithi yini inkinga ekutheni Amakhosi ahlanganise lelogama kuboniswane bese liya laphaya liyoba iseluleko esiyakuHulumeni kaZwelonke.
[p194 ln 25 - 26]

MR J D MKHWANAZI:  Ngiyabonga Baba uSomlomo, Baba uSomlomo kuyithuba elihle nelibongekayo kimina uqobo lwami naseqenjini lami i-PAC ukuthi ngisukume namhlanje ngihalalisele lensizwa yakithi uMbomvu ukuthi ikhethiwe ukuthi ihambe phambili.

Ee Mbomvu siyakwazi, siyawazi namagalelo akho usewabalile uMtwana, sibona kukuhle kithi ukuthi namhlanje sonke kanye kanye ngo elethu sikukhethe ukuthi uhambe phambili.  Sikholwa ukuthi njengoba sikwazi uzohamba phambili njengoba eseshilo amanye amadoda.

Kodwa awuyohamba phambili njengembuzi lena yasemadeleni eyayihamba ihambe iziholele izimbuzi lapha ziyonqunywa khona, kodwa thina uzosiholela ekuphileni.  Mbovu sebekushilo izinto ezinhle esikholwa ukuthi uzosenzela zona okuhle kakhulu ukuthi iminyaka yakho isekahle uyinsizwa uphakathi naphakathi.

Sikholwa ukuthi sizosebenza kahle nathi thina abadala ngeke usasho ukuthi awu lamakhehla ayahlupha, ngoba nawe sizokutshela ukuthi ususemnyango.  Kanti nabancane bakhona izinsizwa ezilapha eNdlini ezincane eziseligazi lishisayo.

Sizokholwa ukuthi uzosebenza nazo kahle ngoba nazo uzozitshela ukuthi ayi bafana ningabocabanga ukuthi ngiyikhehla.  Ngakho sisesikhathini esihle, futhi sinekusasa elihle.  Engifuna nje ukukuphawula kakhulu ukukucela ukuthi ungene ezinyaweni zikaNyanda ekusebenzeleni ukuthula nokuzwana kwama-Afrika kule-Province.

Nango umfowenu uyena owokuqala oyokuhalalisela uNxamalala, uNxamalala babambisene noNyanda nawe siyethemba ukuthi uzobambisana naye usihole kakhulu sithole ukuthula kule-Province esifanele siyibiza ngokuthi u-number one Province.  Kuzoba kuweke ukuthi usenze sibe u-number one Province. 

Sengathi ee amathonga akini Amabomvu lana elele khona angakuphelezela akunike induku.  Sengathithi amathonga alapha kithi oShaka, noSenzangakhona nabanye bangakubamba ngesandla.  Besekuthi idlozi elikhulu uMvelingqangi likhombise ubuso balo bulokhu bubhekise ngakuwe, likuphe ukuthula nokukhulula uyephambili.  
Thina be-PAC siyakuhalalisela futhi siyaku-supporter, thank you.
[p208 ln 26 - p209 ln 3]

MR J D MKHWANAZI: Ngifuna ukuba ngizwakale kahle ukuthi kukhona abantu ababedla kahle, bedla isinkwa nebhotela njalo ekuseni kukhona abantu abangenalo nesinkwa sodwa esigcotshwe, bedla umqathanga.
[p245 ln 4]

MR J D MKHWANAZI:  Ngakhoke Baba Mhlonishwa Minister.
Bekungakuhle ukuthi i-concentration yakho ibhekise kulowo ababengenakho ukudla, njengami nje njengoba isikhathi ngingenaso sengiyahlala phansi ngoba i-slice sami sincane.  Zama ke ukuyibuka kanjalo leyondaba, thank you.
[p245 ln 11-13]

THE DEPUTY SPEAKER:  Ngiyabonga kakhulu Baba. 
[p245 ln 14]


<Cov297>
ISESHINI YESINE
UMHLANGANO WESINE	: 
OJWAYELEKILE	 : 
MHLAKA 5, 6 KANYE NO 7 
KUNHLABA 1997
UMQULU 2

<Vol297>
MR M M MACKENZIE:  Maye babo.
[p7 ln 23]

MR M M MACKENZIE:  Awungisize ubakhuze Baba.  
[p8 ln 25]

MR W U NEL: Somlomo, kubuhlungu impela mangibona ukuthi asisesibo abantu, asesinawo amagama, isithunzi asisekho awusahlonishwa umphefumulo womuntu, sonke sesiyizinombolo manje.  Singama target sizibhamu zezigebengu.  

Njengoba sihlezi lapha namhlanje siyazi ukuthi uma kuza le-debate kulonyaka ozayo kukhona mhlawumbe phakathi kwethu ozobangekho.  Akusasibo abangaphandle kuphela kukhona mhlawumbe nala ongezukubuya.  Noma owasekhaya womdeni ozobangekho, asikwazi ukuqhubeka kanje asikwazi, kufuneka kugcine manje.
[p29 ln 10 -  14]

MR J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, ngiyabonga ukuthola lelithuba lokuba ngithi ukuphefumula kule-debate yakhe yokwabiwa kwezimali.  Okokuqala nje ngifuna ukuveza ukujabha nokudabuka kwami nokuthi ngibone ngifake umsila phakathi kwemilenze, ngoba indodana yeNduna, kuyiNdodana yeNduna icaphune ebhayibhelini kahle kangaka idlule mina umntanoMfundisi.  UMnumzane uGwala lowo.

Kodwake Baba Somlomo, nami ngifuna ukuthi nje ngicaphune ekuthenini ngelinye ilanga uJesu kwafika abantu abayishumi bephethwe ubulephele.  Bathi uma befika kuye bezocela ukusindiswa wabathumela wathi abahambe bayogeza emfuleni.  Emva kwalokho munye owabuyayo abawu-nine abazange babuye.  

Wayeseyabuza uJesu ethi weMnumzane baphi abanye abawu-nine na?  Wathi lona akabazi.  Loko ngikusholo ukuthi kulula ukusola nokuhliphiza kodwa kunzima ukubonga.  Mina njengomtomdala isifiso sami sesifuna ukufezeka kule-Legislature ukuthi uma ubuka three years ago, we have come a long way.  
[p44 ln 26 - p44 ln 33]

Ngiyakubonga lokho mina njengomtomdala ukuthi siyaphambili.  Kukhona into evezwe uMnumzane uGwala mayelana nobuKhosi balakithi.  Noma ngivumelana naye kokuningi kodwa ngifuna ukuphikisana naye entweni encane.  Ngoba yena ethi Inkosi - Inkosi yamaZulu la ayi mina angikuvumi lokho.

Wonke umuntu ola kwelikaMthaniya umuntu weNkosi, Inkosi yaKwaZulu Inkosi yabobonke abantu balaKwaZulu.
[p45 ln 13 -  ln 16]

Njengoba ngisho ngithi mina ngihlale ishumi leminyaka neminyaka emithi eNgilandi. 

I paid allegiance to Her Majesty the Queen.  I sang "God bless the Queen" although I knew that she was a product of colonialism which colonised my people, but ngasengihlezi phansi kwakhe.  Loko kubonakala ngoba Baba Somlomo, noma sikhuluma la sizama ukuziluma sikhulume isilungu. 
[p45 ln 26 -  ln 29]

Kodwa [but] I think we are overemphasising.  Engathi umuntu uma engena la ucabanga ukuthi ungena kwiPhalamende yaseNgilandi.

Kwenziwa yini thina sithande ukuba sibonelele abanye abantu bona bengasiboneleli kungabantu bakithi.  Aniboningani ukuthi niyawabandlulula lamanye ama Africa ngoba nisuke nithi wona ayi wona awasizwa Isizulu ngakhoke sizowakhulumela ngesingisi nibandlulula abantu beNkosi ninecala.

Okunye engikholwa ukuthi kubanga lokho as it is njengoba ubekhuluma uMhlonishwa uDumisani akuyena cishe ngathi umfana akuyona indoda engivame ukuvumelana nayo kodwa ukhulume into enkulu namhlanje mayelana nabacosheli bezindaba baphi nje.
As long as we do not fight then there is no coverage.  If we can fight kubaleka kubaleke nabakithi besiZulu.  If we can fight kungabe sekuyona into ehamba phambili.  

Ngakhoke Baba Somlomo, ngithi asikudumise ukuthi, we have come a long way. 
[p.45 ln 33 - ln 76]

MR F DLAMINI:  Mr Speaker, ngilandelwa ibhantshi.  Inkulumo mpikiswano yethu yanamhlanje eyokusabalala.  [p48 ln 14]

THE ACTING SPEAKER:  Our next speaker to take the floor will be the hon member Inkosi Khawula uzokhuluma imizuzu eyishumi nanhlanu. 
[p50 ln 1]

INKOSI C KHAWULA:  Ngiyathokoza Sihlalo, lapha eNdlini sikhululiwe sinikezwe ukuba ukhulume noma ingasiphi isihloko.  Isihloko engizokhuluma ngaso engiqale ngisindlalele kuqala.

UNkulunkulu Sihlalo, wasidalela lelizwe wasenzela izwe elihle, izwe elinomnotho nathi futhi wasiletha kulelizwe wasiletha kahle waletha nezinhlanga zonke ezihlukene.  Noma kwaqale kwafika thina MaZulu kulona kodwa nezinye izizwe phela zafika sesikhona, sahlalisana kahle nazo.

Kulelizwe asiswele lutho amanye amazwe Sihlalo ayahlupheka ngike ngibone la umabonakude uma ubheka la kumabonakude ufica kuvezwa abantu nezingane bezace bevele izimbambo ngenxa yokuhlupheka yokuba semazweni angenawo umnotho.

La kuleli lakithi ngeke uyibone ingane enjalo, nomuntu onjalo.  Kodwa lelizwe thina sesajika sazonela thina lelizwe uma libe izwe elibi, uNKulunkulu ebewasenzela lona walenza lalihle.  Sesadala udlame kulelizwe sewuzwa namanye amazwi eselibiza ngodlame lelizwe, ngoba inhlalakahle ayisekho kulelizwe.

Abantu bayafa bafa zonke izinsuku kodwa abaholi bethu abaphezulu bahlale bekhuluma zonke izinsuku ngokuthi udlame aluphele.  UBaba uMandela ukhulume kwenye i-rally la waze wathi akuthathwe izikhali konke nezibhamu kuyofakwa olwandle luphele udlame.

Kodwa udlame aluphelile udlame, abantu bayafa kukhona okwasimangalisa uma uBaba uMnumzane uNtombela uma ehamba namabhasi eya eralini kwaQanda badutshulwa abantu emabhasini kwafa ishumi no-eight.  Kodwa into eyamangalisa kwaba umuntu oyedwa iJaji, iJaji lathi bebehamba endaweni engafanele, bebehamba endaweni ebizwa ngokuthi alubhadwa akukho muntu ozoboshwa.

Kodwa lelizwe akazange uNkulunkulu asilethele ukuba siyohamba kulona kubhekhona izindawo esingezukuzihamba.  Ngangithi kuhle layiNdlini nina bafowethu be-ANC nani bodadewethu be-ANC ukuthi njengoba sizwana nje layiNdlini sihlekisana kahle manginibheka layiNdlini nibahle nonke njengabantu besifazane engathi niyaphawoda kanti aniphawodi.  [UHLEKO]

Manje ngithi ngicela mina ake nibebahle nangaphandle niyotshela abantu enibameleyo ukuthi sesiyahleka layiNdlini siyinto eyodwa, nani bantu bethu esinimeleyo yibani into eyodwa ngaphandle ningabulalani.  Lento iyasehlisa isithunzi salendlu izithameli ezithamele layiNdlini ziyabona ukuthi siyezwana kodwa ngokuphumela ngaphandle kuma-TV uzobona abantu sebebulewe baphelile bexabana.

Akesiziphatheni kahle singakhohlisani.  Ngikhuluma njena uMongameli we-IFP uMntwana wakaPhindangene Inkosi yakaButhelezi inesilonda esingapheli ihlale ithi kodwa bami abaholo be-IFP abawu-400 babulawa ubani?  Babulawa ubani abantu abangabaholi be-IFP abawu-400 akusaveli noyedwa, akusaboshwa noyedwa nje obabulalayo?

Ngikhuluma njena ngo-1995 mhlaka 15 December uKhisimusi asiwudlanga thina noMtwana wakaPhindangene sasingcwaba abantu bebulewe Ezingolweni endaweni yeNkosi u-Samuel abawu-13 izingane ezaziya eralini la kwakuyokhuluma khona Inkosi uButhelezi.  Akukaboshwa muntu nanamhlanje.  Aniboshwa ngani?
[p50 ln 3 - 30]

INKOSI C KHAWULA:  Ngithike mina cha lelizwe leli sesilonile lelizwe akuselona izwe elihle.  Ngikhuluma njena abantu emnyango nasemadolobheni nasezabelweni kunabantu ababenamabhizinisi esebashawa bahlikizeka kwaphela yonke into abanayo emhlabeni.  Abantu abaningi bayazula baswele izindawo zokuhlala ngenxa yodlame lolu oludalwayo olungavumi uma liqedwe.

Akesiqedeni udlame bakwethu khona sizoba abantu abazoba nobuso obuhle phambi kukaNkulunkulu asisebahle phambi kukaNkulunkulu.  Khona abantu abahluphekayo la ngaphandle abaswele izindawo abehla benyuka abashawa benamabhizinisi kwaphihlizwa, kwabulawa nemizi yabo, kwabulawa nezingane zabo.  Kodwa indaba enkulu amaphoyisa agcwele namasosha kugcwele.  

Angazi ukuthi kwenzani ngoba ngibona kuhambe kuzula nje lapha ezintabeni kaHlongwa kuzula kuyeke ukuya la kubulawa khona abantu.  Impela kungenziwa kanjani kuke kutshelwe uMnumzane uMafumadi ukuthi cha awuyise amasosha lawa ne-Stabillity sakho lakubulawa khona abantu.  

Ungathathi amasosha uhambe uwayisa la kungabulawa khona bantu.  Ukuze kubanjwe lezigebengu ezibulala abantu ngoba silayiNdlini nje sonke amukho umuntu ongavela layiNdlini athi mina ngine-AK47 [UHLEKO] amukho aninawo nonke.  Kodwa uNkulunkulu uyabazi bonke abanawo lama-AK47 ahleli ezinkalweni uzosho aqede aphume ayobulala abantu.

Ama-G3 sahamba, [UHLEKO] manjena abantu ababoshwa, ikakhulukazi labantu abafayo be-IFP akuboshwa muntu kuhlafunwa nganhlanya umhlathi ugaya nganhlanya.  NoHulumeni ubopha nganhlanya ubopha i-IFP yodwa aliboshwa olunye uhlangothi, siboshwa zonke izinsuku.

Somthanda kanjani loHulumeni ongathi uma esihola asihole njengezingane zakhe sonke asiphathe ngokufanayo.  Siyawabona amaphoyisa thina sithi akuboshwe abantu be-ANC abababulala i-IFP nabo kungaboshwa thina sodwa.

Manje ngikhuluma njena sikesaphinda futhi safelwa abantu khona Ezingolweni futhi abawu-11.  Laba abawu-13 bafa Ezingolweni, laba abawu-11 bafa Ezingolweni endaweni eyodwa.  Akuboshwanga muntu nanamhlanjena.  Engathi senabopha lapho ngoba kufe nina, uma kufa thina akuboshwa muntu.  Akuboshwe zombili izindawo kuze kubekhona ukuthula, sihlalisane kahle.

Tshelani amaphoyisa ukuthi anibophe nani.  Manjena ukuze sibe indlu ethembekile layiNdlini akesiphume la endaweni oyiphethe owumholi kuyona, singezwa kuma-TV ukuthi lawuphethe khona kudutshulwe abantu.  Sonke akesiphume la siyokwenza ukuba kungadutshulwa abantu, sakhe abantu bahambelane babe into eyodwa.  Umuntu we-IFP nowe-ANC babe into eyodwa ayikuhlekiswane ngamazinyo kodwa sibulalane.  

Abelungu la bayasihleka bahleli layiNdlini bayasihleka basenza insini ukuthi siyaqedana sodwa.  Ukuthi labantu sabanika uHulumeni manje bayaqedana.  Siyabazi ukuthi kwaqala bona kulungile sekwadlula lokho.  

Baba Sihlalo, uma ngimile njelana ngimele ukuba ngikhulume ngodlame, ngoba udlame lumbi, udlame luqeda abantu, kubulawa nezingane ezincane.  Ngikhuluma njena ezindaweni eziningi abantu balala endle, ezindaweni eziningi abantu bayadutshulwa kwakuthiwa badutshulwa ngama-G3 manje badutshulwa ngama-AK4.  Ama-AK47 njalo abanjwa kubantu okungebona abeNkatha, awabanjwa kubantu beNkatha. 
Nababulali abekho kubantu beNkatha, nezigebengu ezibamba amabhange azikho kubantu benkatha.  Izigebengu zigcwele zibamba amabhange siyazi ukuthi kuye kuthiwe hlangothi luni olubanjiwe.  Ningihlohla nazi, niyangisesha nazi, konke lokukhohlakala okukhona bakwethu akungathi - niyabona nina be-ANC siyanihlonipha ngoba inina eninoHulumeni siholwa uMnumzane uMandela. 

UMnumzane uMandela uyi-ANC ngakhoke kudame kuba inina enakha ukulunga ngaphezu kwawowonke amaqembu ngoba ninomholi, ningakhi ukukhohlakala ngaphezu kwawowonke amaqembu.  

THE SPEAKER:  Inkosi inemizuzu emibili kuphela esele.  

INKOSI C KHAWULA:  Sihlalo, sengiyathokoza Baba ngoba ebengizokugonyuluka sengikugonyulukile layiNdlini ngabatshela abantu engifisa ukubatshela kona ukuthi abakhe ukulunga kungabulawa abantu kubekhona ukuthula la nangaphandle abantu bangasabani ngaphandle.  Ungathi uwumholi uphathwe ekungcoleni, phathwa ekulamuleni nasekuhlanganiseni abantu babe into eyodwa, ngiyathokoza Baba.
[p51 ln 1 - p52 ln 8]

THE SPEAKER:  Siyabonga Ndabezitha.
[p52 ln 25]

MR E S MCHUNU:  Lezizinto zombili zibaluleke kakhulu Somlomo, ngoba umangabe siqhubeka nohlelo olukhona mayelana ne-policy yezomhlabathi ubunikazi bomhlabathi.  Uyathola ukuthi isikhathi esiningi uhlelo olukhona luyenza ukuthi inqubekela phambili nentuthuko ivimbakale.

Okwesibili kuyenza ukuthi uma wena uwumuntu oncike kakhulu ngokwempilo ekutheni umhlabathi uthole kuwo lokho ozophila ngakho, ngenxa yokuthi awunawo umhlabathi awukwazi ukuthola usizo kulaba abanosizo.  Kuyenza ke ukuthi kuvimbe intuthuko kanye nesimo esingakhona umangabe sililungisa uhlelo lomhlabathi oluzosiza umuntu ngomuntu ikakhulukazi laba abangasebenzi.
[p67 ln 8 - ln 12]

Uyabona kukhona izikole esezineminyaka eyishumi nesihlanu noma kuya ku-20 othola ukuthi ngalemakhaya zisakhiwa namanje.  Akuzona izikole - ngisholo izikole eziqale eminyakeni ewu-15 edlule.  Akuzona izikole ongacabanga ukuthi zilingana nalelibhilidi, but izikole othola ukuthi ngenxa yokuthi i-guidance ayikho kahle laphaya kulabantu abasuke be-responsible for this.

Uyaye uthole ukuthi ngesikhathi siphela isikole emva kwama-class awu-five, six seliyawa okwaqala ngalo.  Inkinga ke leyo ebangwa ukuthi ayikho i-guidance efinyelela laphaya emazingeni aphansi mayelana nezikole.
[p67 ln 25 -  ln 29]

Uma uhamba uya ezikole imvamisa ezisemakhaya uzothola ukuthi amafasitela afile.  Awudingi ke imali eningi eqhamuka ku-Government ukuze ukwazi uku-protector isikole esilapha emphakathini.  Usizo lolu oludinga ukuthi silwehlise siluyise laphaya siyokwazi ukusiza abantu bakithi emakhaya ukuthi izikole kufanele ziphathwe kanjani.
{p68 ln 8 - 9]

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Angibonge Sihlalo,  nendlu yakho ehloniphekile ukusukuma kwami ekugcineni ngicabange ukuthi ukuhlangana kwethu namhlanje kubaluleke kakhulu ngoba sizokhuluma ngendaba yenkece okudinga ukuthi isebenze kulesifundazwe sakithi esimpofu esikade sakhinyabezwa ingcindezelo.  Sabuye sakhinyabezwa udlame.

Kanti kunemizamo emikhulu njengoba uNxamalala eke wakhuluma la ekuseni uMhlonishwa uZuma ekhuluma ngokuthi kunemizamo emikhulu ekade yaqala kulonyaka odlule yenziwa u-IFP no-ANC ukuthi kubekhona ukuthelelana amanzi.  Nokuba kungabikhona izindawo okuthiwa alubhadwa kuzo.

Ngicabange ukuthi uMhlonishwa kudinga ngimbonge kakhulu ngenkulumo yakhe ayishilo ukuthi basazoqhubeka ku-ANC naku-IFP baxoxe ukuthi kube khona ukuthula kulesifundazwe sakithi KwaZulu, kulombuso wakithi waKwaZulu.

Ngicabanga ukuthi uMhlonishwa uNxamalala ngike ngamuzwa ekhuluma esho ukuthi bekufanele u-President abe-Stofela.  Kwavela abathile babuyela endaweni endala yokuthi kuvinjwe amabhasi abezoya eStoffelton kuya uMongameli weZwe.

Ngicabanga ukuthi uMhlonishwa kufanele akukhumbule lokhu ukuthi eminyakeni eminingi edlule kwakuthi umakwenzeke izinto ezinjengalezo zinto bese kuvelwe kukhulwa nje kuthiwe u-IFP obevimba amabhasi.  Angazi ukuthi lamabhasi akade eya e-Stoffelton avinjwe ubani.  Mhlawumbe uMhlonishwa izangoma uma zibhula zizobhula zisho ukuthi avinjwe ubani, ngoba phela alisathintekanga igama le-IFP.  

Mhlonishwa, Mphathiwohlelo Sihlalo, kuliqiniso elingephiko ukuthi u-ANC unamathole akhe athi uma ebhakela kushawe izandla.  Namhlanje uHolomisa inkonyane kaBaba uZuma noKhongolose.  Ngicabanga ukuthi mina kudinga ukuthi u-ANC njengoba thina sekukhona ukuthula okukhulu phakathi kwe-IFP ne-ANC sixoxa kahle, sizwane kahle.

Kufanele akuqaphele lokhu ukuthi angathi uma amathole akhe ebhakelana bese ezowisana ngakuthina ngoba kuzosibuyisela emuva lasiphuma khona.  Ngoba asisoze sakuvuma lokho ukuthi u-ANC angakwazi uku-controller abantu bakhe.  U-ANC kufuneka akufunde lokhu ukuthi umnotho walelilizwe leli esikhuluma ngalo namhlanje angeke uze ubonakale usebenza usebenzela abantu.

Kobanini abantu belambile, bengenazo izindlu, bengasebenzi, kodwa amalunga alePhalamende ayobe ehola wona.  Kodwa abantu abaningi laba ababhakelwayo bechaphezela amachaphazelo obhova baka-ANC bebebehola bona, lababantu bengaholi.

Sihlalo, kufanele uma sikhuluma ngicabanga ukuthi amaqiniso kufanele siwakhulume njengoba enjalo ukuthi umfowethu uHolomisa okaKhongolose, futhi kufanele sikhumbule Nxamalala ukuthi umasikhuluma amaqiniso njengabantu abadala kudinge sikuqonde lokhu ukuthi u-President uMongameli waphumela obala wathi akubekhona ukubuyisana, kubekhona ukuhlanza amaqiniso.

Mina ngisazihlupha njengomtomdala ukuthi uma uHolomisa ehlanza ukhahlelelwani ngoba phela ubehlanza kanti uMandela wayeqonde ukuthi kuhlanze maphi amaqembu.  Imaphi amaqembu okwakufanele ukuthi ahlanze uma abakaKhongolose behlanza uma besebekhahlelwa, bakhahlelelwani?

Baba Somlomo, angithandi mina ukuvusa amanxeba kodwa njengomuntu osemdala uma sifuna ukuba izwe leli lombuso waKwaZulu libuyele endaweni yalo, kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni engaphezu kweyishumi neminyaka eyisihlanu kusewuHulumeni wakithi KwaZulu owawuholwa uMntwana wakwaPhindangene owawuhlonishwa wakha izikole wakha yonke into.  Konke kwacekelelwa phansi ngomlilo.

Akukho okungazange kubekhona ngoba inhloso kwawukuthi kuthiwe uMongameli weqembu i-IFP uhlulekile ukuhola amaqiniso lawo.  Namhlanjena sikhuluma nge-bugdet ukuba kufanele kuze umnotho kuzokwakhiwa intuthuko ezosiza abantu.  Sesikhohliwe ukuthi bakhona abantu abacekela phansi lokho kwezithukuthuku zabantu abampisholo, zabantu abahluphekayo, zabantu abangasebenzi kucekelwa phansi mihla namalanga.

Baba, angidlule futhi ngisho njengomuntu osemdala uma ngithi ngimdala angiqambi manga ngimdala.  Kuzokhumbuleka ukuthi uma kuthiwa akuhlanzwe amaqiniso sengishilo ngoHolomisa kuvelile ukuthi ukufa kukamfowethu uMxenge noMkakhe injumbane yakhomba u-IFP ukuthi ubulawe u-IFP.  Lwasuka udlame kwafa abantu ngoba kuthiwa u-IFP obulele uMxenge.  

Namhlanje u-ANC akaphumeli eshashalazini axolise ku-IFP ukuthi siyaxolisa Nxamalala ngisho kuwena Ndoda yamadoda ngithi akuxoliswe ku-IFP ukuthi kwakungeyona i-IFP ngoba sebevele ababulali, ukuthi obani.  Ngikhuluma balaphaya kufuneka bahlanze bakhulume amaqiniso ukuthi ubani owabulala uMxenge noMkakhe.  

Ngingabali bona bodwa baningi abantu abafa kodwa kuthiwa babulewe u-IFP kodwa bengasuki abakaKhongolose baphumele obala babhale emaphepheni laba ababebhala kuwona.  Baye kuma-radio batshele i-media ukuthi qhabobo siyaxolisa Buthelezi kwakungelona kwakungamanga esasiwenza.

Igama le-IFP langcona kusukela lapho kuze kube nanamhlanje lisangcoliswa nanamhlanje.  Baba Somlomo, angisho angifuni ukukhuluma ngo-David Ntombela ngoba amaqiniso ayohlala obala okwempahla yembuzi njengoba evelile kuMxenge.

Nakumina njengoba umemeza ulapha ngaphesheya kulungile uqhubeke umemeza kodwa iqiniso liyohlala obala ukuthi ubani owuphaka impi obulala abantu kule-Province ngoba namhlanje sekuvelile ukuthi ohlanzile amaqiniso uHolomisa ushawe ngonyawo lwembongolo.

Uyabuyake uza la ngiyagcwalisa ku-ANC ukuthi akabheke umkhuhlane ukuthi uma uza la ubhekane no-ANC ungaweli ngapha ngaku-IFP.  Ngoba ngeke sikuvume lokho ngoba udlame oluzobe luqalwa uyena uKhongolose.  

Baba Somlomo, sikhuluma namhlanje ngabantu ababalulekile ebesibakhankasela ngo-1994 ukuthi abavote bevotela amaqembu ethu.  Sikhulume onke amanga sithi abantu sobakhela izindlu, sithi khona abazoteta mahala ingabe amadoda ashonephi, nemfundo yamahala into ebikhulunywa ikhulunywa uKhongolose.

Namhlanje abantu abanazo izindlu uma kukhulunywa ngalento ye-bugdet abantu bayabuza ukuthi iyiphi lemali okukhulunywa ngayo, uma imali ingeke yakhe izindlu.  Abantu namhlanje abanayo imisebenzi Baba Somlomo, nendlu yakho ehloniphekile abasebenzi.

Kusuka lapho khona abantu ababheke ukuthi izimboni zihambe abantu bangasebenzi khona bezokwakhiwa o-vice-gripper kuthiwe hambani  niyoshisa imizi yabantu, bahambe bengena nkece, bengasebenzi.  Akekho umuntu osebenzayo Baba Somlomo, ongangena odlameni esebenza ashiye umsebenzi ahambe ayokhuthuza abantu, ahambe ayoshisa imizi yabantu.

Ukunciphisa kwemisebenzi ikonakona lokho okudala ukuthi kuvele izigebengu kuvele udlame kulelizwe.  Baba, angiphinde ngisho ukuthi izimboni la eMbali koma-chips kuvaliwe yonke indawo kuvaliwe amafemu.  Angazi ukuthi abantu bazophila ngani, abantu abasebenzi.

Kwasuka kwazovela ilumbo kwazothi abantu beziqhwandela imisebenzi yabo kokhasino kwathiwe abavale, uqinisile u-Rajbansi kwazovala.  Kodwa umangingathi phuma la uye emgwaqeni kuma-pavement kugcwele amatafula wonke umgwaqo uze uyoshaya ezansi ngoba uKhongolose ethi abantu abavotela yena.

Edolobheni kunjalo eThekwini, eGoli kunjalo yonke imigwaqo.  La e-Maritzburg awukwazi ukuhamba kugcwele amatafula kuzothi abantu abaqasha abantu abaningi kukhasino kuthiwe awuvalwe ungasebenzi.  Ngithi mina namhlanje mina David Ntombela lendlu ayikuseke lokhu kokuthi abavule okhasino iloyo abhetle ngendlela abetla ngayo athole imali.

Ukuze baphele abantu ukubahamba bekhuthuza bebamba abantu inkunzi.   Baba, nendlu yakho ehloniphekile,

THE SPEAKER:  Ilunga elihloniphekile linemizuzu emibili. 

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Ngiyabezwa Baba bayahomuzela lapha ngaphesheya kulungile abahomuzele akusho lutho.  Kodwa iqiniso linye elokuthi siyabadinga abantu abazosivotela ngo-1999.  Angazi ukuthi uma umuntu engasebenzi uzomthathaphi umlande lapha uthi akayokuvotela engasebenzi.  

Mina ngithi akuvulwe imisebenzi yokuba abantu basebenze kungabikho umuntu othi akasebenzi.  Kukhululekwe kwezepolitiki umuntu aye lapho eyakhona.  Kodwa kungesatshiswa abantu kunga-high jacker amabhasi aya emaralini, kungafi abantu.  Kwenzele ukuthi lelizwe libuseke.

Ngiyamseka mina u-Premier wethu uDokotela uNgubane neKhebhinethi yakhe amadoda impela afanele abe o-Minister.  Kungathi umuntu ongayena u-Minister afisa ukuba u-Minister ngoba ufuna uku-gripper omunye umuntu.  IKhabhinethi yethu ayiqhubeke isebenze ngeqiniso ivule imisebenzi abantu basebenze, ayi kubekhona umuntu ongasebenzi.

Ngalawomazwi Baba njengendoda endala akuzwakale emadodeni ukuthi ngithini, ngiyathokoza.
[p69 ln 29 - p72 ln 18]

MR B H CELE:  Uyangisukela, kunengoma la eyayiculwa umfoka Ngema uMbongeni athi i-ANC ne IFP noAzapo abahlangane khali National Party yaklewula yathi yona ishiyelwani.  Hlangana mhlathi eyazanayo, phela ngumZulu angixuthiwe futhi.
[p88 ln 8 - 9]

REV C J MTETWA:  (Minister of Public Works):  Somlomo, ohloniphekile neNdlu yakho thatha lelithuba njengoba abaphathi bami sebeshilo ukuthi lomzuzu ngiwusebenzele imisebenzi wakho ngizozama ngakho konke ukuba ngendlela ehloniphekile ngenze umsebenzi wakho omkhulu lo.  Phambi kokuba ngisho lumbe Somlomo, ngifisa ukuxwayisa iNdlu ngokuthi kukhona engibona engathi kuyasalela mhlawumbe ekucabangeni kwethu noma kwenza ukuthi kukhona izinto ezasala ezingakenziwa ukuze kube namhlanje okwakuthenjenjiswene zona ukuthi zobuye zilungiswe. 

Ilesi siwuHulumeni onamaqembu amaningi, amaqembu ezombangazwe.  Kodwa kuhambe kufike endaweni lapho umuntu ebuya abuke ukuthi ingathi kusabuye kuvuke ubuhlanga.  Ingathi lendaba yokuhlanga ayixoxwanga yalungiswa kwazwana kahle ngempela ukuthi obani baqhamuka kuphi bemiphi.

Uyabona nje uma ulalela kahle kukhulunywa layiNdlini lekusile ngilalele.
[p97 ln 17 - ln 24]

REV C J MTETWA:  (Minister of Public Works):  Abazukukhala ukuthi abezwanga, ngifuna bezwe ngoba uhlangothi oluhahamayo kusuke kubengapha.  Uma bengawufunda siyokuya engozini.  Niyabona kukhona lengozi umhlaba wonke e-Africa wabaMpisholo owake wathola inkululeko ugcine emgodini.

Namhlanje wonke amazwe amakhulu aphesheya basho ngesikhulu isibindi kuMabutho bathi cha yehla kukhwele ubani uKhabela. [UHLEKO]  Akukho nelilodwa izwe laba abakhululeka khona abaMpisholo ababikho abasizi nabaluleki babo abamhlophe. 

Uma izinto ziya ziyokonakala bangabi besabakhona.  Ngixwayisa nina ke boMpisholo.  Angikusho ngokuthanda lokhu, angithandi kodwa ngiphoqwa isimo ngoba kufuneka sisho okuzosisa endleleni.  Ngibuyele la ekuthenini uma sikhuluma njengoba sikulenxoxo nje sikhuluma phezu kwesabelo sezimali, esisibongayo.  Kodwa kungasali ukuthi kuyadinga ukuba sizame ukumema izindlebe nezingqondo zikaHulumeni kaZwelonke ukuthi sikubonge okwenziwe angacabangi mhlawumbe ukuthi uma sithi akwenele sisho ngoba sibanga amandla cha.  Kufanele ukuba salulekane naye simeluleke azwe ukuthi sithini.

Uma umuntu ebuka kulokhu uHulumeni kaZwelonke okhona omusha wentando yeningi athatha izintambo.  Kusekuncane kakhulu okwenzekile ngempela uma kukhulunywa ngabantu ababehlinzekelwe  uye wonke umuntu owayekhankasela ukukhethwa ukuthi abantu abahlupheke ngaphezu kwabahluphekile poor of the poorest yibona abayobhekwa kuqala ukuba batakulwe lapho odakeni abakulo.

Kuze kube inamhlanje labobantu cishe ukuthi imvamisa akukathintwa njengendlela obekufanele ngabe kuthintwa ngayo lapho bekhona.  Kusuke bese kuziwa nentuthuko i-development igugu elikhulu.  Manje kungihluphe ukuthi kungamthuthukisa kanjani umuntu esotakwini, into yokuqala bekufanele ukuba atakulwe otakwini lapho bekhona babekwe eleveleni lokuba bazitabalazeleke nabo baye entuthukweni.

Awukabikho umphakathi wakithi ezingeni lokutabalazela ukuthuthuka basezingeni lokuba batakulwe uqobo babekwe esimeni sokuthuthukiswa.  Uma umuntu ebeka izindawo ezadlulwa intuthuko ngamabomi oHulumeni bonke ababekhona kulelizwe ababevimbile ukuthi ingabibikho intuthuko eyakubantu abampisholo.   Kakhulukazi lapha emakhaya ezabelweni.

Okwadonsa ukuthi abantu okukhulunywa ngabo namhlanje uma kukhulunywa ngentuthuko kukhulunywa ngalabobantu abafudukela eduze kwamadolobha, ngenhloso yokuthi bayozama ukuzitholela impilo engcono.  Kwafika nakhona kwafanana.  

Ngithike Somlomo, neNdlu ehloniphekile uma kukuthi ngempela uHulumeni - inhloso yokuthi bayakuzama ukuyozitholela impilo engcono.  Kwafika nakhona kwafanana.

Ngithike Somlomo, neNdlu ehloniphekile uma kukuthi ngempela uHulumeni enza umthetho, nobukholwa, neqiniso kufanele ke kuqalwe ngabantu kubekhona isabelo esithethexaxa esibhekele ukuyosiza abantu bonke boHulumeni bezifunda.  AyiKwaZulu-Natal kuphela nje, ngikholwa ukuthi bonke bakuleyondawo.

Lababantu ziningi izinto okungadingi nokuthi sibuze njengoba sikhuluma nge-budget nje azihlelelwe kodwa lezozinto.  Umangale ukuthi lababantu bayotakulwa kanjani uma lezozinto zingazange zaye zayongena ukuba zihlelelwe uqobo lwazo.  Izinto ezisemahlweni kuwowonke umuntu okhona la KwaZulu-Natal lapha phandle, ezizona ziyisizinda sentuthuko yabantu abampisholo lapha emakhaya.  Okungabe kuqalwa ngazo.

Ngaphandle kokubuza ukuthi bhalani nisho ukuthi nifunani kukhona lesosimo engabe siyenziwa ukubiyelwa kwamasimu, ukubiyelwa kwamadlelo, ukubiyelwa kwezikole, izikole zakithi lapha phandle zisesimeni esesabekayo azibiyelwe, azinama-toilet, azinamanzi, azinamakotishi othisha into nje esobala leyo engabuzwa iyazitshwa kudlulwe eceleni.

Uma lababantu bengasizwa kuqala lapho, nalaba abafudukela emadolobheni beyokwakha imijondolo bangancipha ngoba ngabe banikezwe isizinda sempilo yabo kuqala yokuziphilisa ngaphandle kokuba bathuthuke baye phezulu.  

Kungenziwe lokho Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile ngiyangabaza ukuthi ngempela kukhona okuyokwenzeka kulunge.  Nakhu lapho ngihlupeka khona, zikhona izabelo zokwakhelwa abantu izindlu.  Abantu basemakhaya ngenhlanhla bayazakhela imizi yabo, bayazakhela izindlu zabo.  Kodwa alukho usizo oluya kubona bethela nabo njengawowonke umuntu behlupheka benjalo bathele intela njengawowonke umuntu othelayo kulelizwe.

Ngicabanga ukuthi uma besingabe ngempela si-addresser udaba lwabo besingake siqale lapho sikhulume ukuqhubeka kuye phambili.  Kodwa bebe bebekwe nabo ezingeni elifanele ukuba bakwazi ukuziphilisa.

Ngibuyele lapha Somlomo, ukuthi uma kukhulunywa namhlanje ngegugu elikhulu imali yabakhokhi bentela ababalwa labobantu.  Uma ungakhumbula ukuthi abantu abaMpisholo baqala nini ukuthela intela kulelizwe ngo-1884, baqala ukuthela kuthiwe abathelele izindlu.  Bathelela izindlu bengasebenzi njalo, kungekho lutho futhi abazolizuza bona ngale kwalokho.  Bethelela nje ukuthi behluliwe ukuphela.

Kwaqhutshekwa lendaba kuya ku-1904 kwaqala intela yokhandampondo eyasusa ngo-1906 udlame lolu osekuthiwa iBhambhatha Rebelion.  [UHLEKO]  IBhambatha Butterlion yabe isiyakhiwa uMakhaye.  [UHLEKO]  Sikhuluma ngokuthi abantu abasemakhaya laphaya bakolungakanani utaku olungenziwanga ukuthi bampisholo, olungenziwanga futhi ukuthi abakwazi ukwenza lutho.  Uma uzocabanga kahle ukuthi kwakuthiwa abantu abathele bengasebenzi nemali yayingakabikho.

Kudingeke ukuthi umuntu ayothengisa imbuzi yakhe kwabamhlophe ukuba athole imali kwabamhlophe.  Ahambe ayothengisa inkomo yakhe kwabamhlophe athole imali yokothela kwabamhlophe.  Abasebenzi lababantu, akukho lutho futhi abahlinzekelwe lona ukuthi ngokuthelwa kwabo bona bazuzani.  Lemali imali eyayithathwa kubo kuqondwe ukuthi kusengwe wonke owabo umnotho uphele.

Okwathi ungaphela babehamba beyokumba imali emgodini, behola upondo ngenyanga ezintathu.  Umnotho walelizwe wathi ungakhula kwase kuvalwa kwathiwa umuntu oMpisholo engabe esaya edolobheni uyoya ngoba ethole isibhelevane semvume kwaNdabazabantu, ukuba athole ithikithi lokuya eGoli.

Uma sekuvalwe konke lokho - indlela njalo okwakushawa ngayo, kunswinya ngayo umuntu oMpisholo.  Ukuthi acindezeleke angene kulobububha akukho.  Ngizama ukusho ukuthi abangenanga kulobububha abantu abaMpisholo ngoba babeyizilima, kodwa benziwa ukuba babenje.  

MR V C XABA:  On a point of order, Mr Speaker.  Bengisacela ukubuza ukuthi uMhlonishwa ubengawuthatha nje umbuzwana olula.  Kulenkulumo ekade eyenza mayelana nezinkomo.  

REV C J MTETWA:  (Minister of Public Works):  Buza.  

MR V C XABA:  Kungabe uMhlonishwa uNgqongqoshe usho ukuthi izinkomo lezi zabamhlophe nalezi izimbuzi abamhlophe abanazo manje bazithatha kithi babengenazo bona, ngiyabonga.  

REV C J MTETWA:  Manjeke ngoba kubuza uThisha bengingezu ukuhlupheka ukuphendula ngoba kubuza uThisha ukuze asize izingane ngoMsombuluko fanele ukuba ngimpendule.

Bafika bengenazo izinkomo mtakwethu, uma uwuXaba uyakwazi lokho angikhulumi ke ngezabo izinkomo ukuthi babenazo bengenazo kodwa ngisho iqiniso elilodwa ukuthi ezakithi zaqedwa kanjani ilokho engikushoyo.  Ukuthi ezakithi ezazikhona zamelwa zenzelwa uhlelo lokuziqeda ukuthi hamba uthelele ukhandampondo, uthelele umkakho ishumi losheleni, ehe umkakho.

Noma ungathukuthela kodwa wamthelela, iqiniso ilelo ukuthi wamthelela.  Lemali ingekho inye indawo lapho umuntu oMpisholo engathola khona imali yokothela ukuba athathe anakho ayokuthengisa komhlophe athole imali yokothela komhlophe.  Ilokho iqiniso elenzeka kulelizwe.

THE DEPUTY SPEAKER:  Mhlonishwa usunomuzuzu owodwa.

REV C J MTETWA:  Ngiyabonga Baba, ngizama ukuthi ke bekufanele ukuthi loHulumeni osekhona akwazi lokho ukuthi uma abantu laba bakithi bekulesosimo ngaphandele kokuthi kwafika izikhonyane, kwafika indlala, kwafikani, kwafika izikhukhula, kodwa zafika yonke lento seyenziwe yaqedwa.

Bengizothike asikuye lokuxabana ukuthi uma kukhulunywa ngentuthuko eyakubantu bakithi bese kuvunganywa layiNdlini.  Ngoba iqiniso elimile lento yenziwa ngoba uma kwenziwa lokho kuyovusa ubuhlanga.  Lokhu obungasafanele ukuba kubekhona okufanale ukuba sazi ukuthi yini efanele ukwenziwa nefanele ukungenziwa.  

Ngithi mina lemali ekhona yonke Somlomo, kudinga ukuba iyoqala ike iyovala leliyagebe, bese sibuya ezinhlelweni zonke ezicwebezelayo kodwa sesibeke abantu bakithi ezingeni la bengathathwa khona beyiswe entuthukweni.

Ngithike kuzodinga ukuba makwenziwa ama-budget, kuyodinga ukuthi uHulumeni omkhulu akwazi lokho akukhumbule uma esakukhohlwa ukuthi unalomthwalo angazange awenza.  Ngithi mina lababantu banesabelo sabo izindlu bayazakhela bonake imali ebifanele ukokwakha izindlu kubo ayize phela izokwenza lezi ezinye izinto. 

Kubuye leza zinkomo zaXaba uma uHulumeni enza njalo uyobe enza iqiniso langempela.  Ngiyabonga Somlomo, ngiyobuye ngikhulume, angikakhulumi nge-budget bengikhuluma ngomgomo we-budget ukuthi isendlalelo sayo.  Uzonginikake ithuba lokuba ngikhulume ngayo uqobo lwayo, ngiyabonga.
[p98 ln 8 - p103 ln 13]

INKOSI Z M MLABA:  Somlomo, uma ukhuluma ngesabelo sezimali embusweni ebusa ngentando yeningi ngabe wenza elikhulu iphutha umangase ushiye ngaphandle izindlela ababusi bendabuko ababekelwe zona ukuba bahambe ngazo kulombuso omusha ukuze lelizwe lithuthuke.

Kulesisifundazwe sakithi ingxenye enkulu ingaphansi kwemikhandlu yaMakhosi okungama-Tribal Authorities.  Amandla nemisebenzi yaMakhosi nemiKhandlu yawo, kanye nemiKhandlu yesifunda kanye nama Original Authorities ibekwe ngaphansi komthetho waMakhosi kanye neziphakanyiswa owaphasiswa uHulumeni omdala waKwaZulu.

Lomthetho unikeza Amakhosi kanye noNgqongqoshe, noNgqongqoshe wezindaba zendabuko amandla athinta izinto eziningi.  Okunye okubalulekile okungamandla Amakhosi ukunikeza izindawo zokwakha abantu abafuna ukuzisebenzisa egameni lesizwe.  Umhlaba kulezindawo uphethwe abantu abawakhele ngokulingana kusho ukuthi communally owed by the tribe.

Inkosi umsebenzi wayo ukukhipha imvume esemthethweni yelungelo lokusebenzisa umhlaba.  Imihlaba engaphansi kwaMakhosi yonke ingaphansi kweNgonyama Trust.  Ngokufanayo neNgonyama Trust led ngenge yenze lutho ngaphandle kokuthinta nomkhandlu weNkosi kuleyondawo.

Izinkinga esizibonayo kulezizindawo ukuthi uma ingacaciswa kahle ubulungelo bomhlaba ukusebenza intuthuko kulezizindawo kwenza kubenzima kakhulu.  Abaholi bendabuko abahlala emkhandlwini emisha ama-Regional Councils njengelungelo lezikhundla zabo ukuze babheke ukuthi abezombusazwe bavumelana ngokuzithuthukisa kanjani izindawo zabo njengokulaisa koMthethosisekelo.

Futhi kusifundazwe sethu kuloHulumeni wethu usukwazile ukwakha Indlu yabaHoli bendabuko.  Lendlu yakhiwe ngaMakhosi akhethwe kuma-Regional Authorities.  Lendlu inamandla okululeka uHulumeni wesifunda ezintweni ezithinta izindaba zamasiko nemikhuba yesintu.  Awukho umthetho oyophasiswa othinta amasiko kungazange kuthintwane naleNdlu.

Okunye okubalulekile Somlomo, okwenziwa uHulumeni kaZwelonke ukuba akhe uMkhandlu kaZwelonke wabaholi bendabuko.  Lomzimba unamandla wokululeka uHulumeni kaZwelonke ezintweni zomdabu ezingase zithinteke ePhalamende.  Zonke izindlu zesifundazwe zabaholi bendabuko zithumela abazozimela kulomkhandlu kaZwelonke.

Siyathanda Somlomo, ukuba kulelizwe lakithi kubekhona ukuhlonipha zonke izakhiwo ezikhona, zinikezwe amalungelo azo njengoba kulandiswa umthethosisekelo walelizwe.  Amakhosi kanye namaKhansela oHulumeni basemakhaya kufanele baqale manje ukusebenza ndawonye nomangabe leloKhansela liphuma kuyiphi inhlangano.  Amakhansela awanikezwe ithuba ukuba akhululeke asebenzele abantu ngale kokucwasana ngokwezinhlangano.

Ukwakhiwa komkhandlu wabaholi bendabuko kuletha ithemba elithi zonke izinto ezonakele ngesikhathi soHulumeni abadlula, mayelana nokuthi ubani ngempela okufanele babengabaholi bendabuko kuzolungiswa amandla abo ukuthi aqalakuphi futhi agcinakuphi.  Sesifikile isikhathi sokuba zonke izindawo ezingaphansi kwemikhandlu yaMakhosi ukuba zivule iminyango kunoma ubani akhethe noma abe iyiphi inhlangano ayithandayo ngokukhululeka.  Uma lezakhiwo zaMakhosi zingena phakathi nendawo zingachemi zimukela wonke amaqembu loko kosho inkululeko yabantu isifikile nokuphela kodlame luyophela unomphela.

Sengiphetha Somlomo, noma isabelo sezimali ngisemukela kodwa ukuze ukusebenzisana ngokukhululeka phakathi kwamaKhansela, noHulumeni, naMakhosi kubekhona, uHulumeni akandise isabelo sezimali kuthuthukiswe lezizindawo ezashiwa ngaphandle ngoHulumeni asebadlula ezingathuthukiswa.   Kulezizindawo akukholutho Baba Somlomo, intuthuko ibukeka kuyinto yasedolobheni kuphela. 

Ngakhoke siyacela ukuthi kulesabelo yonke imali esele esabelweni esikhona salesifundazwe sibhekiswe ezindaweni zasemakhaya zithuthukiswe ukuze nabo baphile impilo ephila iwona wonke umuntu kulelizwe, ngiyabonga.
[p121 ln 25 - p122 ln 26]

DR V T ZULU: (Minister of Education and Culture):  Ngokwami Somlomo Baba, ngibona ukuthi njengoba siphethwe i-crime engaka ngibona sengathi siyadlala.  Ngibona sengathi siyadlala ngoba manje sisuka thina silephansi kade sikuleliyazinga abantu benomthetho, emakhaya kuphethe oBaba, ezinkantolo zethu kuphethe Amakhosi, ezindaweni kuphethe nezimantshi kukhona umthetho bephethe.

Manje besesifika thina sithi asenze abantu basuke bagxume bayephezulu bese sithi thina silungile sesifana neMelika, sesifana neNgilandi thina, siyazikhohlisa ngoba manje abantu bethu abazukwenza njengeNgilandi neMelika abazukwenza njengalo.

Okay, besigqilaziwe abamhlophe uma sikhuluma ngama-human rights, uma siya e-Middle East, siya e-East abaqhubi phambili ama-human rights, baqhuba phambili impilo yabo ne-culture yabo ababephila ngayo.  Abafuni ukusuka kuleyonto - sekuyabe kuthiwe laboMelika nabo-England bethi lokhu you are guilty of human rights infringements bathi impilo yethu inje.

Umuntu owenza ubugebengu unqunywa izandla kwezinye izindawo, umuntu owenza ububebengu kwenye indawo uyadutshulwa, thina sithatheka ngoba bethe West isbharbharic uma sipanisha abantu abenza ubugebengu bese sithi nathi sizosuka sigxume singene kulelozinga.  Kuyaphilwa lapha abantu bayesaba akengibale nje ngithi:  kulelisonto eledlule ngike ngaya e-Ghana a real depressed country in economic terms.  

Uma ubuka lababantu bekujaha bezofuna ukukudayisela noma yini ukucabange ukuthi ukuba kula e-South Africa uma ungathengi ngabe sebekubamba ngesidlozana bathathe yonke into ekhona.  Kodwa bafike bafune ukukudayisela baqede bakushiye.  Ungahamba isho ebusuku, isho umuntu wesifazane uhamba isho ebusuku ngeke athintwe ilutho. 

Mhlawumbe sizothi thina basebenzisa onke ama-human rights akhona emthethweni yabo no, umuntu ogila imikhuba wenziwa isilo sengubo there and there.  Umuntu ogila imikhuba akudlalwa, akudlalwa ngabantu abayizigebengu.  Ngakho bahleli kahle baphila kuyathu 

Ngisho ukuthi Somlomo Baba, kukhona esingakwenzi kahle, mhlawumbe sinezinhloso ezinhle zona ngale-society yethu kodwa kukhona esingakwenzi kahle.  Abantu ngeke baze basizwe uma kuthiwa asezukuthintwa, abasezukushawa, abasezukunqunywa isho intambo, sebezovele benze inoma yini bayomelwa abameli babakhiphe emajele babenzise yonke into.  Babakhiphe ngakusasa emajele bangahloniphi Amakhosi emakhaya engathi kuningi okusehlulayo. Kuningi okuzosihluphakabi.
[p136 ln 12 - p137 ln 6]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health):  Somlomo Baba, bengithi angigcizelele futhi kwezinye izindawo engicabanga ukuthi ziyadinga ukuthi sikwazi ukubambisana kuzona.  Lapha ngifuna ukuvumela iphuzu elike labekwa lapha ilunga elihloniphekile uMnumzane uGwala elokuthi siyacela engathi kungathi noma sixabana ngandlela thize kodwa kubekhona ukwazi ukuhlonipha iNdlunkulu neSilo. 

Emagameni ake avele kuke kubekhona okushayisa ngamahloni umangabe sekunqakiswana ngakho kube eqinisweni into engabe ibhekene neminyango ethile umangabe kukhona okuthile okukhulunywayo kodwa uthole ukuthi izinto ezinye sizithola sezigcwele kakhulu emaphepheni.  Zingakaxoxwa nakuxoxwa nakahle la ezakhiweni ezifanele.

Nomake kunjalo sesibonga ukuthi iKhabhinethi kumanje iphezu kohlelo lapha ngaphansi komnyango ka-Premier ukuthi ihlele ngendlela ukuphathwa kwezimali ezisebenzela Isilo saMabandla neNdlunkulu.  Engicabanga ukuthi kuhle sizame ukuthi sikwehlukanise lokhu.  Uma sifuna ukugenda ipolitiki simele sibhekane sodwa singayisi ngale ngaseNdlunkulu naseSilweni ngoba ngicabanga ukuthi konke lokho okunye kwezinto okuzosilekelela ukuthi lokuthula noxolo esifuna ukuthi kubekhona kuzokwazi ukuthi kuqine.

Sibonge futhi nokuthi amagama asindayo angibikhona avela emaqenjini aya ngale aziswana Baba.  Njengokuthi nje sizidingisile Isilo amagama anjalo ukuba besingakwazi ukuthi - ngibonga ngoba nakhu asisawezwa kanti umsebenzi ubemuhle kakhululu esiwenzile Isilo sivakashelwa Inkosazane yaphesheya bathi i-Dutches of Canter esontweni elidlule sihamba sivakasha lapha e-Bergville.  Engicabanga ukuthi konke lokho kuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi komphakathi waKwaZulu-Natal nezinhlangothi ezihlukeni zoHulumeni baphesheya njengalona waseNgilandi.

Akengithike ngiya ngasekuphetheni kuzofanela ukuthi,

THE DEPUTY SPEAKER:  Nomzuzu usumiwodwa nje Minister.  
[p 139 ln 17 - p141 ln 33]

ADV M I MADONDO:  Sihlalo ngiyabonga, ngizoqala ngidlulise ukubonga ukuthi kuyathokozisa kunikeza ithemba ukubona amaqembu akithi ezombusazwe amnyama anjengo ANC neIFP benomoya wokubuyisana nokubambana kuleNdlu.  Njengalokhu esikhathini esedlule sonke siyazi ukuthi bebebambene ngoqhoqhoqho beqhathwa i-National Party nalabo abangakwenameli ukubona umuntu onsundu ephethe umbuso.

Kungayiphuthake lomoya esiwubona ula ugcine la kuphela, kufanele kuphunywe kuyiwe kubantu abasabambelele kokudala ukuthi akukho ukudlelana, nokuhambelana ukuze labobantu bakhishwe phela izintelezi nenzondo eyatshalwa ubandlululo.  Nokuthi ukungadlelani namagama ayiziswana namaculo abeculwa ayinhlamba konke lokho sekuphelelwe isikhathi.  Futhi ebekufanele sikuqonde ukuthi uma loHulumeni eholwa abansundu uwa lokho kuyojabulisa amaqembu anjengo-National Party namanye amaqembu abamhlophe afisa ukuthi abamnyama bangaphumeleli ekubuseni.

Ngakhoke wonke umuntu omnyama nomangabe ukuliphi iqembu akayobamsulwa uma loHulumeni uwa, kungaba uHulumeni kaZwelonke noma uHulumeni wesifunda.  Sibonge ukubona uholo nomoya omuhle kubaholi balamaqembu njengeNkosi uDokotela uButhelezi, uBaba uMadiba, uBaba uDr FT Mdlalose, kanye noBaba uNxamalala, kanye nabakade bebambisene nabo.  Sithike lomoya ungacishi.
[p164 ln 6 - p164 ln 23]

MR S E R KHOZA:  Mphathisihlalo, ngithakasela i-Premier ngenkulumo yakhe ayichaze yathi bha ngomyango wakhe.  Ngithanda futhi ukuzwakalisa ukuvumelana nabaNumzane Mr Burrows, noMnumzane Jeffreys, noMnumzane Tarr, nabanye baningi kakhulu ngeke ngibabale, abakhulume inkulumo efanayo yokuncoma isenzo esihle esenzeka kuleliPhalamende lethu.  

Ngalokhu ngisho inqubo enhle eqhubekayo lapha ePhalamende.  Akekho lapha kithina owayecabanga ukuthi ngalesisikhathi esikuso liyobe lisekhona ngendlela esasikwebhana ngayo.  Futhi liqhuba ngalendlela eliqhuba ngayo namhlanje ngenxa yenzondo okwakuzondwana ngayo phakathi kwamaqembu amakhulu.

Ngiyajabula ukusho ukuthi lesisimo asisekho.  Ngikhumbula mhla ikomidi le-environment liye eNdumo Game Reserve lapho engalaliswa khona endlini eyodwa noMnumzane Xaba we-ANC ngiyi-IFP. [UHLEKO]  Ngake ngacabanga ukuphuma ngilale endle ngoba ngingethembi ukuthi kuyokusa ngiphila.  Ngabona izimvubu nezingwenya kungcono kunaye.  Namuhla akusekho lokho ngiyakubonga, ngiyakuthakasela kakhulu akuqhubeke kuyephambili.

Kunamadoda amabili adinga ukubongwa ngesimo esikuso manje.  Lamadoda uMnumzane uNyanda, noNumzane uMsholozi.  Isibindi sabo sikhulu ngokumela iqiniso lokuthi ukuklwebhana akusoze kumsize umuntu ompisholo.  Ukulwa kwethu akulithuthukisi izinga lempilo yalaba abasikhetha ukuba sizobalungisela izinto zabo, nokubhekela izimpilo zabo.  Sengathi lomoya eselisebenza ngawo leliPhalamende ungaqhubeka njalo.

Angingabazi kodwa ukuthi kuzobanjalo ngoba noMnumzane uMbomvu ufanancamishi noNyanda, uma futhi engathe xaxa, futhi usemncane namandla nomfutho anawo mkhulu. 

Mphathisihlalo, umnyango ka-Premier umnyango olukhuni kakhulu.  Izindaba eziqondene nawo zibucayi, zidinga ubuciko, nobuchwephesha obunzulu.  Izindaba eziphathelene nezimali, ubulelesi, Isilo Samabandla, zinobucayi kakhulu.  Ikakhulukazi kudingeka zibukwe ngeso laseNtshonalanga kanye nelase-Africa futhi ngoba amasiko awefani phela.

Ubulelesi noma ukhona umnyango we-Saftey and Security induku ibuya ishaye ku-Premier.  Ziningi izinto esezandise ubulelesi lapha ezweni lethu laKwaZulu-Natal.  Ukuxega kwemithetho, ukuntuleka kwemisebenzi, ukuzala kakhulu abantu bande ngesikhulu isivinini lokhu kwenze izidingo zempilo zibengcosana.

THE DEPUTY SPEAKER: Ilunga elihloniphekile linomzuzu owodwa osele.  

MR S E R KHOZA:  Umntwana waseNkombabantu onguNgqongqoshe wezemfundo enkulumeni yakhe uthe i-environment esiyenzayo ivuma ubulelesi.  Impela ngiyavumelana naleyonkulumo.  Kunendlela thina abampisholo esasikhulisa ngayo izingane eyayenza izingane zikhule zilesaba ihlazo.  Namuhla ihlazo alisesatshwa ukudlwengula sekuyiqholo kubafana banamuhla, ukweshela sukulihlazo.

Usuzwa umfana ethi "Heyi wena zwakala lapha or ngizokulola" esho njalo usewukhiphile ummese izokwenzenjani ke ingane, sekuyonakala.  Nokho kuyafuneka umnyango wezamaphoyisa wesifunda unikwe amandla athe xaxa ekuqondana nalobulelesi...
[p 189 ln 22 - p191 ln ]

MR V C XABA:  Mr Chairman ngiyabonga Sihlalo, ukuba ngithole lelithuba.  Kuyekube i-disadvantage ukukhuluma egcineni ngoba okuningi kusuke sekukhulunyiwe ngaphambi kwami.  Manje ube usuphinda phinda lokhu abanye abakukhulumile.

Kodwa ke ngeke ngize ngahlala phansi ngingathintanga okubili nokuthathu okusuke kwakhulunywa lapha kulendlu, kuyona le-debate esikuyona ka-Premier.  Kodwake ngizoqala ngisho ukuthi loku okusanda kukhulunywa uMnumzane u-Waugh ngivumelana nakho konke 100%, I cannot agree more.

Ngoba uthinte udaba engicabanga ukuthi kufanele ngabe udaba sonke layindlini olusikhathazayo.  Ukhulume ngolusha ukuthi ulusha luyadinga ukuthi kukokonke esikwenzayo sizame ukuthi sibeke phambili lokhu okuzolwenza ukuthi lube sesimeni lesi i-South Africa eyoziqhenya ngayo, nakuba sesifile Sihlalo.

Ukhulume ngokuthi kuyadinga ukuthi kubekhona njengoba kuphakanyisiwe lokhu abakubiza ngokuthi i-Youth Commission.  Ngoba ngaphandle kokokuthi ube ne-Youth Commission Sihlalo, kuyobanzima ukuthi ama-Ministers wonke noma ama-Ministries wonke lawa anezinhlelo ezithinta ulusha.

Uthole ukuthi lezozinhlelo lezo ziyaqoqeka zithi uma ziqoqeka kungabikhona lokhu abakubiza ngokuthi i-duplication, ukuphinda phindeka kwezinto ngoba lokho kube sekuthwesa ama-resources esinawo.  Kwenza ukuthi kubekhona uhlelo olumile oluzolandelwa ibobonke abantu okuyibona okufanele ngabe benza loluhlelo lokuguqula iNingizimu Afrika ikakhulukazi le-Province esikuyo laKwaZulu-Natal.  Labo abaphathiswa oNgqongqoshe abangamele iminyango yonke.

Ngingathokoza uma u-Premier i-Province yaKwaZulu-Natal loku osekukhulunyiwe njengamanje nge-Youth Commission angakubukeli phansi.  Futhi nale undertaking aseyenzile azange ayibone ukuthi ayi-fulfil.

Ngike ngafunda i-speech sakhe sonke Mr Chairman, ngathola ukuthi there is no mention ngodaba lwe-Youth Commission.  There is no mention ngohlelo u-Premier olubekile ekutheni ahlangabezane nesimo esiyi-Youth yethu ezithola kuzo.

Ngikhuluma ngabantu Mr Chairman, ababe-occupier ama-front trenches ngesikhathi sisazabalaza.  Abantu okuyibona ababengama-victims aleyo-violence, bagcine bephenduka izintandane Sihlalo.  Abanye babo bagcina bengasakwazi ukuthi baqhubeke nesikole sabo.

If Mr Chairman ungayibheki leyo-Youth ucabanga ukuthi sizoba nesizwe esinjani.  You can complain about the escalation of crime and other things, and call Mr Mafumadi to intervene and so on.  But uma ama-problems akho engamile nangendlela yokuthi lezinto ezibanga ukuthi bangene lapho, bangene kwi-crime, bangene odlameni kuhlatshangezwana nazo uzobe ukhuluma ngoloku okuthiwa i-after the fact.

Uyohlala ngasosonke uphephetha kunokuthi u-preventer into engahle yenzeke.  Mr Chairman into engizama ukuyisho ukuthi kuyadinga ukuthi sihlale phansi sicabange kangcono, sicabange kabanzi because ngokwenze njalo wonke lama AK47, wonke lama-G3s, zonke lezibhamu ezigcwele kuma-communities ethu ziyojika zibuye ngoba ziyobe sezingenawo umsebenzi wokuthi ziwenze.

Mr Chairman, ngifuna ukuthi ngiphinde ngikhulume ngodaba lwe Emandleni Mathleng Youth Camp, iMandleni Mathleng Youth Camp ithatha imali engango-5.4 million rand.  Uzothola ukuthi ama-Agricultural Colleges awu-two esinawo kule-Province yaKwaZulu-Natal athole u-5.4 million rand ewu-two Mr Chairman.

Bekungenjani ukuthi iMandleni Youth Camp i-convector into a Youth College.  Ezokwazi ukuthi abantwana uma sebedlule kuyona okungenani laba abafuna ukuthi baye ema-Universities noma baye kuma-Technikons at least babe nama course credit bakwazi ukungena kulawo ama-institutions.

Kuthi labo abafuna ukuya kuma-Technical Colleges abafuna ukuqhubeka nokuba ba-creater imisebenzi bona ngokwabo ngoba bethole amakhona athize bakwazi ukuthi bakwenze lokho.  Ngamanye amazwi uma senza lento okuthiwa ama-Youth Colleges Mr Chairman, sizobe sikwi-step in a right direction in the Province of KwaZulu-Natal.

Sizokwazi ukuthi wonke lama-ease esiwathola sinawo kule-society yethu uthole ukuthi kuyahlangabezeka nawo.  Leyo i-message engiyithumelayo engiyisa kuMhlonishwa uNgqongqoshe woNgqongqoshe ngiphinde ngiyise kuNgqongqoshe wezemfundo ukuthi unless bengayi-presser leyonto sizohlala sinalama-problems la kwi-Province yaKwaZulu-Natal.

Mr Chairman, ngiyazi ukuthi isikhathi sami sincane kodwa ngizofuna ukuthi ngisho ukuthi ngaphandle kokuthi kwenzeke lokho ngeke size sakwazi ukuthi sihlangabezane nezinikinga.  Ngoba abantu abaningi ngaleMandleni Youth Camp banenkinga ngoba ipendwe nge-brush elingcolile ngendlela eyisimangaliso.

Abantu okuyibona ababekule-Youth Camp abanye babo ababegqoke ama-T-shirts bephambili ku-athekwa imizi yabantu Mr Sihlalo, owakho umuzi wa-athekwa abanye ababegqoke ama-T-shirt ebhalwe eMandleni Mathleng Youth Camp.  Owayephambili lapho kwaku-National Organiser we-IFP Youth Brigade uNtwe Mafolo.

Ngizama ukuthi ngaphandle kokuthi sizamile sabheka sa-ova ola lezinto lezi sizohluleka ukuthi senze lokhu okuyisidingo kube sengathi sifuna ukugcina lokhu okungamagugu ayi kuphela kubantu baseNingizimu Africa noma abantu bonke abakwi-Province yaKwaZulu-Natal, kodwa kubantu beqembu elithize.

Uma ke Sihlalo, besingenze njalo bekungaba intokozo enkulu kimi nasebantwini bonke bakwi-Province yaKwaZulu-Natal.  Ngizohlala phansi ngoba usuzothi angihlale phansi ngifuna ukusho ukuthi ngohlala njalo ngisho ukuthi abantu basemaphandleni abakutholi ukunakekelwa abantu abahlala emadolobheni abakutholayo.

Ungaqoqa zonke izimali uzigcine kodwa unless kubekhona uhlobo noma lwe-Commission olwenziwayo lenziwe ngamalunga ePhalamende for an example.  Okungeke kukhulunywe kuyona ipolitiki kodwa kukhulunywe nge-development, development, kulezozindawo zama rural areas.

Ngani manje sizokwazi ukuthi labobantu sibakhiphe ebubheni abazithola bekubo kulesikhathi esiphila kusona.  Ngoba ngaphandle senze lokho kune-section ye-community eyohlala njalo ngasosonke isikhathi izi-blamer isikhomba ngeminwe.

Bengingathokoza ukuthi lo-5.4 million owabelwe iMandleni Youth Camp uzanywe ukuthi ubhekwe ngoba wabelwe unabafundi abawu-250 umfundi emunye angathola i-busary ka-R20 000 emunye angenzani ngalo R20 000.  Ngizama ukuthi zonke lezizinto ezi-waste kodwa sithi asinamali, asinamali uzozwa o-Minister uma bekhuluma kusasa asinamali, asinamali.

Kanti imali ikhona icashile lapha ozokhuluma ngizosukuma mina ngithi hawu ngikhulumile ngemali eyayilapha nalapha yini ungayikoyibheka.  Mr Sihlalo, angifuni ukwanda kakhulu ngizocela ukuthi ngihlale phansi, ngiyabonga.
[p195 ln 29 - p197 ln 29 ]

<Cov397>
ISESHINI YESINE
UMHLANGANO WESINE	: 
OJWAYELEKILE	 : 
MHLAKA 8, 9 KANYE NO 12 KUNHLABA 1997
UMQULU 3

<Vol397>
THE CHAIRPERSON:  Siyabonga, sengizocela ilunga elihloniphekileyo uMnumzane J Aulsebrook uno-10 minutes.  
[p28 ln 12]

MR J S NDEBELE:  (Minister of Transport): Uma mhlawumbe sikhuluma ngabantu abasishiya emgwaqeni ngikhumbula inyanga abasishiya ngayo.  Mhlawumbe siyokhumbula ukuthi nangesiZulu, ngesi-Hindu, nangesi-Islam kukhona lento yokubuyisa umuntu kuthiwe uyabuyiswa sizobe senza into enjengaleyo, uNdabezitha uyahleka.

[p67 ln 8-9]

MR S N MTETWA: We have for a long time heard about what you have done, Mr Minister, in your Department when you discovered fraud which was in this Department, on Government vehicles and driver's licences.  We are happy to receive this report today.  I do not know whether it is slogan, but it says Siyabakhumbula and he explained a little bit what he means about Siyabakhumbula Ngempelake.  I wish that I could be with those in August abayobe bekhumbula labo abafowethu nodadewethu, oMama noBaba asebalala ngenxa yezingozi zomgwaqo.  Uma uMhlonishwa namhlanje ethi asibakhumbule ayibo! siyabakhumbula bo.

Ngiyavumake Mphathisihlalo, ukuthi kukude lapho sivela khona and kukhulu okonakalayo kodwa angisho ukuthi phambili Manzankosi ijubane lakho likhulu kakhulu ukubamba kwakho ngapha nangapha kuphume notokoloshe kwi-Department akubafundise nabanye ngoba lokho kubiza ukuthi ngithi kuyacaca futhi kuyobacacela nabanye ukuthi ivoti labo abakuvotela lona abazange balilahle.  Nangomuso angeke balilahle, laba abalilahlayo bayoqondisisa kahle ukuthi ayibo! ayibo! [UHLEKO]  

Kufanele ngikusho lokhu ngoba sasile noMhlonishwa eNdondondwane lapho - eNdondondwane ngiyabonga Mhlonishwa lapho kwakuvulwa khona i-bridge abathi uma besixoxela abakhona bathi kwakujikelezwa i-hour uyangaphesheya kubahlobo bakho.  Kuthatha i-hour lonke ujikeleza kodwa wathi uma ehlafuhlafuna ephuma nezinqumo wayenza indlela ye-hour yayiminithi elilodwa, umsebenzi lowo.

Ngalawomazwi amafushane Mphathisihlalo, ngivumele ngisho ngithi phambili Manzankosi ne-Department yakho nabanomona bayoze babone ukuthi ayibo nansi indlela okusetshenzwa ngayo, ngiyabonga Mphathisihlalo. [UHLEKO]
[p78 ln 10 - 23]

MR M J MTHIYANE: Mhlawumbe kuthiwe ayi babebanga intombi bese kuphela lapho nje, akunakuyiqeda impi lokho.  Iyalwela intombi kufe abantu.  Umangabe Mphathisihlalo, loludaba lwase-Durban Station lingasukunyelwa ngibona mina umnyango nakhokonke okwenzekayo ematekisini kungeke kuyise ndawo ngoba bayafa abantu.

Ngikhuluma nje ngoLwesithathu olwedlule ngathi ngiseShowe ngathola ukuthi elinye ilunga selidutshuliwe selisesibhedlela.  Izolo ebusuku kukhona odutshuliwe futhi iveni yakhe izimbobombobo.

Ngicabanga ukuthi uMhlonishwa uNgqongqoshe uke waba nomhlangano lapho engabona ukuthi uselisukumela ngejubane leli elishiwo uNyambose ukuthi uyagijima kuloludaba kodwa emva kwalokho ngabona sengathi ijubane libuye laphelela endleleni.  Kodwa bayafa abantu, noma zingenziwa izinto ezinhle kuhlanganiswa amabhasi namatekisi kutholakale izindawo zo-petrol.  Kutholakale izindawo emadolobheni zamatekisi, kodwa ngeke kusise ndawo uma befa abantu.

UMhlonishwa njengoba ekuveza lapho ukuthi ugijima kangakanani nemisebenzi yakhe ngithi mina kuyabongeka lokho.  Kodwa okusemqoka kakhulu ukuthi ayilamule impi ephakathi kwamatekisi e-Durban station.
[p83 ln 13 - 23]

MR M J MTHIYANE:  Futhi uMhlonishwa kufanele akuqonde kahle ukuthi uma eyolamula impi yamatekisi kufuneka kutholakale umuntu onolwazi lwepolitiki yamatekisi, ngoba uma kungenjalo ngeke akwazi umuntu ngoba ufundile.  Ngeke uthathe umuntu okwi-boxing uthe akoyolamula kwi-soccer ngoba akanalo ulwazi lwe-soccer.

Ngakhoke kufanele uMhlonishwa acinge abantu abafanele ukuba bamsize kuloludaba balamule.  Nalapha e-Pinetown siye sizwe sengathi kukhona ukuthula, siyezwa sekumi amatekisi sekufe abantu.  Bese kucoshwa izifundiswa ziyobanga umsindo zingazi lutho ngamatekisi, kubonakale ukuthi udlame luyaqhubeka nje.

Bengithi mina ne-Task Team le ayingabonakali yenza ama-ofisi noku-register kodwa ayibonakale ilamula udlame.  Ngoba ngeke uphucuze abantu besemgodini, uNyambose ukushilo lokhu mkhiphe umuntu emgodini kuqala bese uyamwashake.  Uma umgeza ephakathi emgodini umgeza odakeni, ngiyabonga.
[p84 ln 8 - 15]

MR S B MTHEMBU:  Ngisukuma nokubonga lelithuba onginika lona Mhlali ngaphambili.  Kulelithuba ngizothatha ngigcwalise lapha abaningi abafowethu bethinte khona ngoba sonke siphoqwe isimo ukuba sisho ngezwi elilodwa nje ukuthi Ngqongqoshe wezokuthutha Manzankosi kuthi lapho ulibeka ulithi thaca leliphepha lakho phambi kwalendlu kusho kucace nje kuthi bha ukuthi silahlekelwe kuleminyaka eminingi ningenalo ithuba lokuba sezindaweni ezinjengena, ngoba ngabe lomkhakha wezokuthutha nokunakekelwa kwabantu kuseqopheleni eliphezulu elilinganiswa njengelokuqala emhlabeni wonke jikelele ngiyakubongela Baba.

Mangisho nje futhi ngithi Ngqongqoshe nomyango wakho amalinga namagalelo enithe nawafaka ekubhekeleni izimo okusetshenzwe ngaphansi kwazo phansi komnyango wezokuthutha akhombisa ukuthi sinalo ikusasa.  Futhi akhombisa ukuthi nisemaphethelweni okuyinqoba lempi, noma ungabuza kimi ngingavuma.

Sinawoke umsebenzi kulomnyango wezokuthutha.  Umuntu ukhuluma la esethubeni elithokozisayo lokuthi kwinkulumo ebekwe uNgqongqoshe uyithinte yonke imikhakha umuntu ebengathanda ukuyithinta lapho ebena khona ukuthi amandla amaningi afanele ukufakwa khona.

Ngibuka la imiphakathi yasezabelweni ngaphansi kwaMakhosi, imiphakathi engakaze ibenamnakekeli engakaze ibenaHulumeni ocabangayo ukuthi imiphakathi ebuswayo uHulumeni.  Kubona bonke oHulumeni abake babambe izintambo angibhekise kumuntu kodwa ngihlushwa iqiniso ukuthi asizukulifihla ndawo namhlanje.

Sihlalo, umphakathi olaphaya umphakathi ocishe ube iningi lomphakathi owakhele lendawo.  Ngakho uma izinto ziguquka ziletha intuthuko efunakalayo, nentuthuko esikhulume ngayo ukuthi uHulumeni wabantu uzoyiletha ebantwini.  Kuyobe asikayi ngakhona uma lenqola yokuvulela lonke uhlobo lwentuthuko ukuba lufinyelele emphakathini esezabelweni lunganikezwanga ukuxhaswa nokweseka okucishe kube ngaphezu kwakho konke ukweseka obekunganikezwa yonke imikhakha elandelayo eletha intuthuko ebantwini.

Ngisho ngoba alukho uhlobo lokuthuthuka ozolubona esabelweni lapho kungekho mgwaqo.  Sinezinkinga zokuthi singaba nezikole ezinhle emakhaya ezakheka ngomcacamezelo nakhona uma kungekho umgwaqo kodwa kubukhuni ukuzothola abantu abazofundisa abakahle.  Ngoba bathi oThisha bayabheka bathi awu Nkosi yami ngiyosuka kanjani lapha ukuya emdenini wami, kube inkinga kunjalo.

Ngakhoke uma sekufike kulelithuba kuyacaca ukuthi loHulumeni wabantu uzanalukhulu ebantwini uma ukulandisa kukaNgqongqoshe kukhombisa amaqhinga abekiwe ukubhekane nezimo zokuyiswa kwemigwaqo ebizwa phecelezi community access road.  

Esikholelwa ukuthi kuzoba ukuqala ukubonakala kokulethwa kwezethembiso ezazenziwe ebantwini.  Siyabonga ngalokho emnyangweni nakuweNgqongqoshe.  
Baba Mhlalingaphambili, ngizokhuluma ngezinto ezimbalwa, besengibonile kulokhuya kwemiphakathi wasezabelweni ezindaweni zaMakhosi.  Ngifuna ukungena kusidingongqangi abathi bazibone bebhekene nazo bedinga ukuba bafezelwe zona ukuze bakwazi ukuphefumula.

Kumaqhinga aqhamukayo abizwa phecelezi road safety plans umuntu uyabona ukuthi kusukela manje kuya esikhathini esingasidanga isizukulwane sethu hleze singahlangabezani nobunzima obuthi bahlangabezana neSintu kuleminyaka ethi mayibe ishumi esisuka kuyo.  

Uma ubala kahle ubhekisisa izingozi ezitholakale emgwaqeni zicishe zibe isibalo esingaphezu kwabantu abekade bebulawa udlame ngonyaka.  Uma uzama ukuziqhathanisa zombili lezizinto.  Kuyakhomba ke ukuthi enye yezinto okufanele noma ikanjani uHulumeni afake amakhulu amandla kuyo ukuqinisekisa ukuthi abantu besifunda mabaphephe.

Angikholwa Mhlalingaphambili Baba, ukuthi kulendlu yakho ukhona ongaqondi ukuthi mingakanani imiphefumulo esilahlekele kulemigwaqo yethu.  

Ephuzwini lami lokushwakadela nokuya ngasekuvaleni, ngifisa ukuzwakalisa ukuthokoza okukhulu uma umuntu elalela inkulumo yomnyango wezokuthutha eyibeka uNgqongqoshe.  Uma kukhulunywa ngosonkontileka abancane ababambe iqhaza ekwakhiweni kwemigwaqo kulelilakithi kulesisifunda sakithi KwaZulu-Natal.

Kulesisifunda sethu sithi masibe nosonkontileka abancane ababalelwa ngaphezudlwana noma ngaphansi kwamakhulu amathathu asebeziregistile abasohlweni labantu abazibiza ngosonkontileka abancane.

Imigomo emisiwe ngaphansi kwalomnyango wezokuthutha mihle iyethembisa, ibonakalisa isiphathele lukhulu isizwe.  Ukungena nokubamba kwabo iqhaza kulabongxiwankulu okuyibona bebambe amandla okuba osomabhizinisi abakhulu ekwakhiweni komgwaqo alifiki lapho lisusa khona indoda ebandla Baba Manzankosi.

Ugcine usubona sengazukuthi libabela ingxenye yokuthi bahlale bebambe iqhaza bangafiki esigabeni lapho nathi siyoziqhayisa khona njengesizwe ukuthi sebekhulile phela babe izikhondlakhondla zalababantu ababambe umsebenzi njengezinkampani ezinkulu nje.

Kulokhoke umuntu uze afikelwe ukuthi okusho ukuthi ukhona umfutho okufanele ukufakwa kulesosimo.  Ukuqinisekisa ukuthi labo small contractors bangagcini benjalo kodwa nabo bagcine besesimeni esethembisayo noma esibemeni esishoyo ukuthi ubamncane bese uyakhula ubamdala.

Uma umuntu ebuka uhlobo olusetshenziwe embonini yamatekisi, kuzanywa ukuba kuthuthukiswe imboni uqobo.  Umuntu uyacabanga ukuthi Baba Mphathisihlalo, bekunga isu futhi bekungaba negalelo eliletha ithemba lokuthi labosonkontileka abancane nabo babekelwe umgomo othembisayo ukuthi ngokushesha bangakhula babe osonkontileka abakhulu nabo abasemazingeni okuncintisana nabanye okukade babekhona.

Ngoba kubonakala umningi umkhonyovu onamaqhinga okunganiki amathuba azobathuthukisa kodwa okubanika amathuba lawa okumandawonye uhlale umncane kuze kubephakade. [KUSHAWA IZANDLA]

Baba Mhlalingaphambili, umuntu ubethi akancome ukuba umnyango uze nento ethi mayifane nale eyenziwe ematekisini.  Banikezwe uxhaso lwesikhashana lapho bezoziqoqa khona njengabantu abangosomabhizini noma abangosonkontileka abancane babe nehovisi elinezinqala sizinda zokwazi ukuthuthukisa banikezwe imfundo njengoba uNgqongqoshe ebeshilo.  Ezokwenza ukuba babeselevelini elibonisayo ukuthi bayayibona indlela lapha beya khona.

Ukuze kuthi lokho abakutholayo kuleliqhaza abalibambayo esithi aligculisi mhlawumbe balethi noma ama-percent amabili esikhwameni sabo.  Esizokwenza ukuthi bakhule babe izikhondlakhondla njengoba ilokho esasikhulula lelizwe esasikulindele laba ababebancane bangase bakhulu babebadala babonakale bewofishi asebengagwinya noma imuphi ufishi othe ukuba namadlana amancane kunabo. [KUSHAWA IZANDLA]

THE DEPUTY SPEAKER:  Umuzuzu owodwa osele.  

MR S B MTHEMBU:  Ngoba sengikushilo ebengikuphakamisa Mhlalingaphambili, lomuzuzu owodwa wakho ngicela usale usuwugcina ngiyabonga ngiyakuphakamisa lokhu engikushilo.
[p85 ln 1 - p86 ln 32 & p89 ln 3 - 5]

THE CHAIRPERSON:  Ebesikuchaza la ukuthi amalunga omphakathi asivakashele inqubo yalePhalamende ukuthi asizishayi izandla ngaphandle kokuthi sinikwe igunya ohleli la ngaphambili ukuthi singazishaya.  

Umbuzo obekhona kube ukuthi ngabe sengininikile lelogunya ngokusho kwami kanjalo ngathi cha angininikile njengamanje ngizoninika umangibona ukuthi kufanele ukuthi ngininike.  Siyanicela mphakathi osivakashele ukuthi ningazishayi izandla.
Mr Nel.
[p89 ln 26 - 30]

MR W U NEL:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, ngiyethemba ukuthi okungcono manje ukuthi ubanikele lesosivumelwane kamuva ngoba sebesenkingeni sebekwenzile vele.

Masengikhuluma namhlanje Mphathisihlalo, bengifuna ukubeka isikhalo kuloNgqongqoshe wezokuthutha.  Ngithole namhlanje ama-report lapha amahlanu noma ayisithupha awubheke inqwaba futhi izindaba ezibucayi kufuneka ngizifunde ngihlale phansi ngithathe isikhathi eside ngizifunda lezinto.

Manje bengithanda ukukhumbuza uNgqongqoshe ukuthi angikashadi mina, lowomsebenzi okufuneka ngiwenze kusihlwa ngizowenza kanjani manje.  [UHLEKO]  
[p90 ln 5 - 10]

MR V A VOLKER:  Kuzobangcono uma eshada manje.  
[p90 ln 18]

INKOSI K W MATHABA:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, nami angiphakame ngiphakamisele ukubonga kwami kuHulumeni kaMhlonishwa uManzankosi.  Kodwa ngiyafisa Baba Mphathisihlalo ukuthi angikusho lokho ukuthi noma sesingenile kuHulumeni wethu sesinoNgqongqoshe bethu esikholelwa kubona.  

Kodwa umphakathi wakithi awukakayizwa lenkululekole okuthiwa sikuyona.  Ngizokubeka ekugcineni ukuthi yini edala lokho.  Ebese ngicela uNgqongqoshe ukuthi makasebenzise amandla akhe.

Ngikusho lokhu ukuthi umphakathi wakithi awukakayizwa lenkululeko le esicabanga ukuthi ngabe sesingene kuyona.  Ingenxa yabantu bakithi abahluphekayo ikakhulukazi ezindaweni esiziphethe thina njengoba singaMakhosi.

Azikho izizwe ezihluphekayo ngaphandle kwezizwe ezisendaweni zaMakhosi ezabelweni.  La usathola ukuthi ukuya esitolo kunzima, la uthola ukuthi kuboshelwa izimbongolo kunqanyulwe i-90 ibe-hafu ilenge ngapha nangapha.  

Ama-bridge awakabibikho, uma izwa nje imbongolo idinwa uma ithanda uma unqamula emfuleni ingavesane ithi bhadla nomthwalo wonke wezimpuphu.  Okube ukusho ukuthi kulanjiweke lapho.

Yikhoke lokhu engikushoyo ukuthi ubumnandi benkululeko abantu bakithi abakayitholi.  Lapho abantu bakithi oMame aMakhosikazi ethu njengoba umfowethu u-Nel kade esho naye ukuthi umsebenzi wakusihlwa ngeke wenzeke.  Uma sewenzekile umsebezi wakusihlwa kufuneka umuntu makatete ayikho imigwaqo.  Abantu kufuneka mabathwale ngezinhlaka kunzima kakhulu.

Kodwa kukhokonke lokho angisho ukuthi Manzankosi kwakungenxa yakho njalo Mnumzane u-Sutcliffe noma ngabe usuhleli ngapho.  Sihlupheka kangaka nje ingenxa yakho uqobo noma usungazenzisa nje ngapho besengathi uyasithanda kanti awusithandi, sihlupheka kakhulu asikho isizwe esihluphekise kwabantu abamnyama.

Eminyakeni engaphezu kwekhulu ngithi mfowethu ngifisa ukuyibongela indlu emnyama ukuthi ngithi niyinsimbi kayigobi ngeke ize igobe futhi naseDayimane.  Nibekezela siliphetheke namuhla izwe bakithi angifisi ukuthi ngingene kakhulu.

Ngingabeka nje Mhlonishwa eminye imigwaqo edinga ukulungiswa.  Kodwa okufanele ukuthi iminyango ikwazi ukuhlangana.  Ake ngithathe nje ngomgwaqo osuka eMtubatuba uye unqamule uye kwaNongoma.

Sidlula esiqiwini uma kungahlangana umnyango waka-Tourism, kuhlangane umnyango waka-Environment, kuhlangane umnyango wakho Manzankosi ngicabanga ukuthi singazikhawulezisa lezinto ezisihluphayo yenze iminyango ngokuhlanganela.

Lokho sekusisiza ekuthenini singalokhu sibheke umnyango owodwa ukuthi makube iwona owenza imisebenzi.  Iminyango ihlangane ngokunjalo.  Ukubambisanake lokho kweminyango.

Bengibeke nje isibonelo saseMtubatuba nakwaNongoma noqhamuka ngokunjalo eHluhluwe nawo uyadinga ukuthi ubonelelwe.  Ikakhulukazi lowomgwaqo ibheka nasezigodlweni zeNkosi.  Inkosi inqamula khona nsuku zonke iye emasimini ayo, ihambe ebudledledleni.  

Engicabanga ukuthi nalapho Mhlonishwa ngama-Transport Forums asevese esenziwe.  Ngihambisana nelunga elihloniphekile uMvelase lapho ethi kufuneka ukuthi abantu bakithi abakade bancishwa amathuba ukuthi bangosozinkontileka banikezwe amandla nabo eke bathole nabo abantu bakithi.

Ngikholwa ukuthi bangayenza eminye yaleyomsebenzi abantu bakithi.  Kodwa ke futh ngiyawabonga ama-Transport Forums lana abekiwe.  Kodwa Mhlonishwa khona lapho okufanele ngikuxwayise khona, ukuthi namanje abekeke kahle yonke indlela ihamba kahle.  Kodwa kusekhona abamhlophe angisho njalo ngithi abamhlophe abakulomnyango wakho abangakafuni ukugudluka enqubeni yabo endala.

Ngicela ukuthi manje ngibasho ngamagama ngoba kuthiwa lapha akufihlwa lutho.  Ngomhlaka 29 ku-April bekunomhlangano Ongoye eGigundlovu Hall lakhona uMnumzane u-van Rensburg angafisanga ukuthi abambisane nama-Transport Forums.  Kuzoze kube sengathi ama-Transport Forums awukho umsebenzi wawo kanti kungenxa yomuntu oyedwa, ohleli oqhoqhobele ongafisi ukuthi makubekhona intuthuko.

Ngithi futhi ngokunjalo njengoba ngibala Ongoye umhlangano ubukade ukhona mhlaka 29 ngingasibeka futhi esinye isibonelo.  La umphakathi waseMbumbulu obuhambise khona incwadi lapha e-Merebank, yathathwa leyoncwadi yamane yafonyozwa Mhlonishwa yalahlwa ku-dust bin.

Ama-Transport Forums - lokho bekwenziwa uMnumzane u-Boshoff.  Ngiyacabanga ukuthi kunokwenzeka ukuthi abantu bakho Mhlonishwa laba abasebenzela wena.  Engicabanga ukuthi banqunda ezakho izinyawo uqobo Mhlonishwa, kube sengathithi emsebenzini lena esibekiwe la kube sengathithi awusebenzi.

Ngiyafisa Mhlonishwa ukuthi kodwa sengiyagcina sengisho okokugcina manje [UHLEKO] abanye sengiyobayeka Mhloniswa.  Ngiyafisa ukuthi mangidlulele futhi e-Escourt ngisalokhu ngikhuluma ngabantu ababodwa Mhlonishwa okufanele ukuthi mabakhunjuzwe ukuthi isiphi lesikhathi esiphila kusona manje.

Noma singathi thina inkululeko siyitholile ingeyethu kodwa manje Mhlonishwa lama-Transport Forums uma engezukuba nawo amazinyo okuluma, abeke izinto zibonakale zenzeka kuzovimba nje umuntu oyedwa.  Kuvimbe uMnumzane u-Bernette angafisi ukuthi uMnumzane u-Bernette ukuthi e-Escourt makubekhona inqubekela phambili.  

La abantu bakithi, izingane zakithi zesikole uma bebeka izikhalazo zokuthi akwakhiwe i-bridge la athathe alahle lapha.  Nginazo lezozikhalazo eziqhamuka emphakathini Mhlonishwa Manzankosi.  Kodwa engicabanga ukuthi Baba Manzankosi ngiyofisa
nami futhi ekugcineni kwalezikhalazo lesi esizibekayo ngibone ukunyakaza kwakho Manzankosi. 

Phela manje siphelile isikhathi sokuthi manje sekofanele sithi Basi sidlulile, siyalingana sonke siyafana sonke azikho Basi manje, iphelile indaba kaBasi manje.  Ngisho laboBasi uma bebona ukuthi lezikhundla ziyabashisa kungcono bazishiye.

Engani ngifisa nokubongela nje nangu uSisi wami udadewethu u-Jenny Gray osekhushuliwe lapha wangena esikhundleni esikhulu manje emnyangweni kaManzankosi.  Ngithi dela owaziyo dadewethu ukuthi lezicathulo zika-Marais lezi ongene kuzo mhlawumbe ziyokulingana yini ufaka size bani wena?

Ngoba mhlawumbe uMnumzane u-Marais ubefaka u-size 10 manje wena ufaka u-size seven.   Kusho ukuthi dadewethu uyohamba uzihudulake.  Nokhoke sikufisela umsebenzi omuhle dadewethu ukuthi ayikho indlela oyosebenza ngayo ngaphandle kokuthi uyozwa thina siyobonisana, ayi ukuthi thina siyotshelwa uwe siyobonisana.

THE DEPUTY SPEAKER:  UNdabezitha unomuzuzu owodwa.  

INKOSI K W MATHABA:  Ebengikusho ukuthi asikubongele dadewethu kungokokuqala la emnyangweni khathisimbe yethu ukuthi owesifazane angene emsebenzini onjengalo.  Kusho ukuthi i-Beljin imbokodwe isiyiphethe, ngiyabongake.


THE CHAIRPERSON:  Siyabonga, Ndabezitha. 
[p92 ln 5 - p64 ln 6 & 11 - 14 & 19]

MR D P MFAYELA:  Sihlalo, uNgqongqoshe njengomuntu okholwayo kuke kuthi uma kusukume uMfundisi ebeke igama bonke abantu bese besekela egameni cha ivesi likhulunyiwe evesini ethize. 

Manzankosi sithe uma ubeka inkulumo yakho kwenzeke into engakaze yenzeke kulePhalamende amalunga onke endlu yakho eshaya ihlombe enanele inkulumo yakho.  Esethuka kamuva nje uma sekushawa phezulu lapha e-Gallary ukuthi ayibo senze iphutha nathi sashaya ihlombe.

Manzankosi sithe uma sibikelwa ukuthi uyagula sazibona sisenkingeni ukuthi ezinje besizozitholaphi.  Wase ufika netemu lakho lokuthi siyabakhumbula leligama elithi siyabakhumbula besizokhumbula Manzankosi ngoba ulokhu uringa njalo enhliziyweni zethu ngendlela owawumemeza ngayo uthi kuzokhwakhiwa imigwaqo, kwakhiwe izimangaliso esethemba ukuthi namhlanje ngabe sinemigwaqo yonke ngokusho kwakho.

Abakukhetha Manzankosi ukuthi ube isikhulumi ngalesosikhathi wabenza baphumelela bangena okhethweni ikhona umfowethu uMthembu ethena nabangakuboni bayoze bakubone.  Siyethembake Sihlalo, ukuthi lokhu okwenziwe umnyango wezokuthutha kuzogcwaliseka kungabi ilezithembiso esazithenjiswayo sifunde kulelibhuku basibuze kusasa laba abahlezi kwi-Gallary ukuthi lento enaniyikhuluma phansi nanikhulumani ngoba akusenzeki lokho okwakwenzeka.

Ngithi angigxile kakhulu lapha ku-Transport Forum.  Kuma-Transport Forum kwakhiwe cishe zonke izifunda njengoba kade ngibuka la inkulumo mgomo kaNgqongqoshe.  Kodwa okuningi akuhambisani nalokhu uma usubuyela phansi ngoba izinto zokusebenza laphana emnyangweni azenele.

Mhlawumbe uma ngibuka lapha esimeni engiqhamuka kusona eNdwendwe ngibuka laphana ama-tractors ewu-four kwisifunda nkantolo esinaMakhosi awu-18.  Ukuthi lomsebenzi omuhle kangaka oshiwo uManzankosi uyofezeka nini Sihlalo, uma izinto zokusebenza zincane.

Okunye mhlawumbe nama-bulldozer alaphana kusifunda nkantolo mabili kuphela amancane angakwazi ukusebenza ezindaweni ezinezintaba njengalesasifundazwe esikusona. 

Uma laba o-1460 Bk2 besebenza laphana eNdwendwe engekho ama-bulldozer o-D.85 sigcina umsebenzi kaNgqongqoshe omuhle kangaka ungaphumeleli.

Siyethemba ukuthi Mhlonishwa ngidlula kuwena Sihlalo, umsebenzi awuzukufelwa phansi njengoba ibekile Inkosi uBaba uMathaba ebeka abantu abasemqoka abasebenza emnyangweni bekhombisa ukuthembeka emnyangweni kaNgqongqoshe.

Kanti uma sebengalena bazenzele okwabo kuvuke ukuthi akubona abahluphekayo ithina esahluphekayo kakhulu.  Mhlonishwa, Sihlalo, lababantu ababethenjiswe imigwaqo nakhokonke ilabobantu abazithuka sebevota okhethweni luka 1994.  Ngoba bethembe ukuthi izifiso zabo zonke ezazibahlupha eminyakeni eminingi, oHulumeni belandelana ababebagqilaza bazokhululeka.

Laba abathi nowami cishe kube nezihlahla namatshe alapha e-South Africa ayofakaza ukuthi uHulumeni waKwaZulu wasebenza.  Kodwa ke mhlawumbe kuyekubesemandleni ube usuthi lona owakusizayo ufele amathe kuyena.  Ngoba phela abaningi ngabe abekho kalayindlini ukuba loHulumeni waKwaZulu awuzabalazanga uzabalazele ukuthi akuliwe kuze kufike kulendawo la kukhona amalunga aloHulumeni layikhaya.

Ngakhoke uma sesifika esikhathini sokukhuluma amaqiniso fanele siwakhulume amaqiniso.  Ukuze sikwazi ukuthi siqhubekele phambili.  Njengoba sibonga uMhlonishwa nje Sihlalo ukuba umsebenzi wakhe umuhle kangaka simbonga ngoba sibona igalelo lakhe elihle.

Esingeke simfele amathe kusasa ukuthi uMhlonishwa akasebenzanga into ephilile.  Sibongake Mhlonishwa ukuthi Sihlalo, indlu yakho uma ikhuluma izinto namhlanje ikhuluma izinto izikhuluma ngomoya wokuxhumana.  Ungasho lendle yakho ukuthi uma ngisebenza ngalena njengelunga lomkhandlu lo esinawo namhlanje ngisebenza njengelunga le-ANC, ngizoseva amalunga e-ANC.

Kanjalo nelunga le-IFP lingasevi ukusebenza ilunga le-IFP, kodwa kusetshenzwe ngokuba kuthuthukiswe abantu abampisholo abahluphekile.  Lababantu abalapha ku-Gallary balindele thina ukuthi sisebenze sonke ayi kubekhona ozosebenza abanye basale ngemuva.

Ngakhoke ngithi angibonge Sihlalo, ngomsebenzi omuhle kaMhlonishwa.  Ngibukelana isibalo sakhe sithi amatekisi awu-   20 000.00 angazi nama mhlawumbe awakithi uwabalile yini lana kulesibalo sakhe.

Ngase ngibuka lana imali elahlekayo ewu 2.2 million ka-petrol ekhishwa amatekisi, ngabona u-R6 million wama-parts, nabona uR45 million wama-tyre.  Angazi noma uyibalile yini imali yokufa kwama-windscreen ebulawa imigwaqo lena engagandayiwe ngendlela.

Mhlawumbe uNgqongqoshe uyobuye akubale ngelinye ilanga. Sihlalo, ngithi angibonge ngiyisekela ivoti kaNgqongqoshe.  
[p101 ln 11 - p102 ln 26]

MR M B GWALA:  Ngifisa ukuncoma ukuthi kunemigwaqo uNgqongqoshe ayivulayo kuhle lokho.  Kodwa kubi nxa uNgqongqoshe esewuvulile bese kuhlomula iqembu lakhe kungahlomuli uHulumeni wesifundazwe uNgqongqoshe asimeleyo.

Lesisimo sikhula kancane kangangokuthi kukhona asebekuthatha njengehlaya ukuthi uNgqongqoshe wenza emigwaqo engena ezindaweni ezisezabelweni ngoba bethi imigwaqo yeqembu lezombusazwe.
[p106 ln 8 - 11]

MR M B GWALA:  Bengingathokoza ukuthi nxa uNgqongqoshe enza loluhlelo uMhlonishwa uNgqongqoshe aqaphele ukuthi angathelwa amachaphazelo okucabanga kwabanye.

Ngifisa futhi ukuphawula ngodaba lwezinombolo ezishintshwayo njengamanje kulesisifundazwe nakwezinye.  Uhlelo oluhle lolu kakhulu, luba lubi nxa selinezimpawu ezikhomba ukwengezelela.  Ngenkathi kuqala loHulumeni ngo-1994 izinombolo ezithi ZG nezithi NPA zaqedwa.

Kwase kwakhiwa izinombolo ezithi KZN uHulumeni walahlekelwa imali enkulu ngokwenza lokho.  Kuthe kusenjalo kwashintsha imibala yezinombolo uHulumeni walahlekelwa imali ukushintsha imibala yezinombolo yezimoto ezingaphezulu kwezinkulungwane ezilishumi.

Kungabe akukhona ukumosa lokho, ngabe umnyango uyalwenza yini uphenyo ngaphambi kokuthi ufinyelele lapho kulesosinqumo na?  Loludaba ngifisa ukuthi umnyango ulibhekisise.

Ngiyafisa futhi ukusho ukuthi ekushintshweni kwalezinombolo lezi, ukungashintshwa kwezinombolo ezithi "N" kulesifundazwe njengoba kukhona abantu abathenga izinombolo ngendlela ezithile kuhle lokho ngoba uHulumeni uyazuza.

Bekungaba kuhle ke nxa umnyango ungashintsha izinombolo zikaHulumeni ukuba zithi KZN okuhleke lokho.  Bekukuhle futhi ukuthi ngoba phela loku okuthi KZN singakuchaza ngezindlela eziningi kuyasijabulisa thina ngoba u-KZN ungasho ukuthi KwaZulu-Natal, ungasho futhi ukuthi Kingdom of KwaZulu Natal, [UHLEKO] siyakuncoma lokho Mhlonishwa kuyinto enhle leyo.

Ngigcina ngokuthi Mphathisihlalo, kungakuhle ukuthi uNgqongqoshe enze konke okusemandleni akhe ukuthi lamadolobha aqala ngo-N awususe lo-N ukuze -ngoba alisekho igama eliwu-Natal elizimeleyo.  Kodwa uNatal ubambisene noKwaZulu, ngakhoke ayishintshwe kuyoyonke indawo ukuze singaboni ukuthi kukhona ukwenzelela kokuthanda igama elithi Natal kusale elithi KwaZulu-Natal.  Ngiyathokoza Baba.
[p106 ln 21 - p107 ln 6]

MR V V MVELASE: Mphathisihlalo uma ngifika ezindabeni lezi zasemakhaya zomgwaqo, eqinisweni uMhlonishwa wethu uyasebenza impela kodwa angikaboni mina engihlala emakhaya ukuthi kukhona okwenzekayo.

Ngempela, ngempela konke okusekhona njengamanje iloku okwenziwe iloHulumeni omdala waKwaZulu.  Nama-bridge lawa avulwayo Mphathisihlalo ama-bridge akade eplanwe uHulumeni waKwaZulu.  

Ngikhuluma nje kunombuzo ozoqhamuka lapha okakade kwacelwa ukuthi akubekhona i-bridge lekuthiwa izimali azikho, azikho.  Ngakho ke manje ngani sesinayeke uHulumeni wethu ke manje ikakhulu uHulumeni omkhulu.

Ungowethu kuzofanele ukuthi uMhlonishwa impela azame ukukhuluma nozakwabo uMnumzane uMaharaj le phezulu uMhlonishwa uMaharaj ukuthi akasize ngezimali impela.  Ngani ngoba elaKwaZulu-Natal belincintshwa izimali ngani ngoba lanqaba uzimele gelekeqe.  Kwathi laba abathatha uzimele gelekeqe banikezwa izimali, njengo-Transkei.  

Nakhoke bakwethu, nakhoke Mphathisihlalo, eqinisweni ngempela ngempela asingaloki sikhohlisana sithi thina sekusetshenziwe ezabalweni akukasetshenzwa lutho.  Kusafuneka imali impela kulungiswe imigwaqo, imigwaqo mibi lapha emakhaya Mhlonishwa.

Umsebenzi wakho muhle kabi, futhi mina ngikuncoma kabi uyasebenza impela uyagijima Manzankosi kuhle impela umsebenzi wakho muhle kodwa mfowethu ningasheshi ningatsheli abantu ukuthi khona osekwenzekile funa imali wena kwakhiwe imigwaqo.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[p112 ln 13 - 27]

MR T D NTOMBELA: (Whip):   Ngiyabonga Sihlalo, ngibonge ukuthi ngilandela okade ekhuluma we-National Party.  Ngicabanga ukuthi loludaba esilukhulumayo namhlanje ekuseni udaba olubucayi lobugebengu obubhidlangile kulesifundazwe sakithi KwaZulu-Natal.

Bungabhidlangile lana kuphela kodwa lubhidlange kuyona yonke i-South Africa.  Ngicabanga ukuthi njengomuntu osemdala kufuneka ngiyihlukanise kabili lento.  Kukhona ubugebengu obusebenzisa amandla, noma uzobamba inkunzi usebenzisa amandla.  Noma uzodlwengula uzosebenzisa amandla noma wenza buphi ubugebengu osebenzisa khona amandla kufuneka ngikuhlukanise kube izinto ezimbili.

Kukhona ubugebengu obusetshenziswa ngomlomo, ngomqondo ubugebengu obubi lobo ngoba phela busuke buphehla ukuthi izigebengu zisizakale kukwazi ukuba lelizwe lingabuseki.

Ngiyejabula ngoba nangu umfowethu uJ.J uzongivumela ukuthi kukhona lowomqondo wokusebenzisa umqondo nomlomo kodwa ungasebenzisi izandla bese kudaleka ubugebengu lapho.

Sihlalo, angikhulume ngokubulawa kwabantu mangithi abantu ngikhuluma ngawowonke umuntu ola kulengabade ababulawa bengenacala.  Imbangela yakokonke lokho ukuthi izigebengu zicashe emaqenjini.  Angilinganise nje ngokuthi abantu besifazane sebebaningi bedlwengulwa.

Uma unoNkosikazi wazi kahle ukuthi uma ehambile ubonga uma uzwa ukuthi ufikile ekhaya ubugebengu obukhona la.  Emnyangweni ka-Minister we-development wentuthuko.  Izinkampani zizisa imisebenzi yokuthuthukisa izindawo, ucoshe ukuthi kubanjwa izimoto lezo ezisebenza lapho bese izinkampani zicicibale zihambe ingabibikho intuthuko.  Ubugebengu lobo obusetshenziswa ngezandla.

Lobugebengu Sihlalo, engikhuluma ngabo bomqondo uJ.J angizongivumela kubona ngike ngiphathe kabi mina nxashane kwenzeke izinto ezinjengezase Richmond, la kubulewe khona iKhansela esidabukayo ngokuthi ukubulawa okukanoma imuphi umuntu.  Singaqondise kuphela kuleloKhansela lase Richmond.

Bese kusuka omunye weqembu njengomfana wami uDumisani oyilunga elihloniphekile la, azothi loludaba aluphathwe u-Minister we-National uMhlonishwa uMafumadi.  Ashiye u-Minister we-Province angasho ukuthi Inkosi uNgubane akube uyena owenza uphenyo noma aqoke i-Commission leyo ezophenya ngokufa kwabantu e-Richmond njengokufa kweKhansela.

Lokho ngicabanga ukuthi ubugebengu bomqondo lobo bokuthi ku-underminer i-Minister ngoba kweye IFP ibese sekuthiwa ayinakwa ngoba ingeke ize ikwenze lokho.  Izangoma bese zibhula zithi Sihlalo, kusho ukuthi kunukeka i-IFP lapho.

Yini kuthiwe akuyiwe kwi-National kwi-Minister ephezulu kungaqalwa ku-Minister Inkosi uNgubane.  Ngisho ukuthi mina akubhekwe lokho ukuthi ubugebengu bomqondo lobo.

Ngikhuluma kahle ngoba uJ.J uzongivumela futhi noma imuphi omunye umuntu uzongivumela ukuthi akulona iqiniso ukuthi kushiwe u-Minister eqondene nokuphepha bese kuthiwa kuyolandwa uMafumadi, uyaphi uMafumadi?

Uyazi kwaGengeshe uMafumadi?  Uyazi kaMagoda uMafumadi?  Kushiwa i-Minister Inkosi uNgubane okuyena ophethe lomnyango okufuneka aye lapho.  Ngithi mina bakwethu uma siqonde ukuthi sibuqede ubugebengu asiyixoxe lendaba siyibhekisise ukuthi akufanele makwenzeke kule-Province yethu.

Ngibuye ngizelaphaya ekubanjweni kwenkunzi, ngineqiniso lokuthi akekho ongazi ukuthi selokhu kwathi nhlo kwaba nomkhankaso omkhulu wokuthi akuntswinywe lelilizwe.  Ukuntshwinywa kwalelilizwe kudala izigebengu, kwadala ukuthi abantu bangakwazi ukusebenza.

Kwadala ukuthi abantu uma bebona efasiteleni kukhona ama-orinji athi akawantshontshe.  Kwadala ukuthi uma ubona umuntu ephethe isikhwama ephuma ebhange kuthi mubambe inkunzi ngoba phela awusebenzi.  Kuvalwe oSimba Chips bakwethu awekho amafemu namhlanje abasebenzi abantu.

Kungani lesifundazwe sakithi singazibuyisi lezomboni oSimba Chips, kungani kuthiwe akuvalwe o-Casino, abavulwe o-Casino basebenze la.
[p125 ln 3 - 126 ln 10]

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Awu Baba ngiyezwa, ngicabanga ukuthi mina thina njenge-Province yaKwaZulu-Natal asinxuse uHulumeni omkhulu abuyise amandla okuphepha la kulesifundazwe.  Kungathiwa uma kwenzeke into la kuyobhekwa le e-Cape Town uyofikanini e-Cape Town ushiya i-Minister la.

Amandla awabuyiselwe la kuloHulumeni, uMhlonishwa uNgubane kube uyena onamandla uma enza izinqumo, enze izinqumo ayeke ukuyoncika le phezulu.  Mawuphethe umuzi wakho Baba njengabantu asebebadala angeke ngiphathelwe umuzi wami enye indoda.  Futhi ngeke uphakele uNkosikazi wami wena ungenye indoda.  Kufuneka ngizenzele mina izinto zakwami.  Kwenzele ukuthi amandla ayikhombise ukuthi amandla ngiwaphethe.

Angigcine ngokuthi bakwethu lesisifundazwe - mina ngicela ningiseke kulokhu.  Hlukanani ne-National i-Minister yaphezulu akusetshenziswe ama-Minister ethu.  Uma sifuna uMkhize u-Minister uMhlonishwa sikhuluma ngezempilo asikhulume ne-Minister siyeke ukofuna oBhengu le kuthiwe akazolungisa into yala kwethu. 

Asilungise izinto zakwethu, ngiyathokoza Sihlalo.
[p127 ln 27 - p128 ln 4]

MR M M MACKENZIE: Empeleni ngithi asibabuze labana abahlakulayo, abatshalayo, ukuthi bona badingani. 
[p. 164 ln 31]

MRS H M BLOSE:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, angizokhuluma mhlawumbe isikhathi eside ngoba Amakhosikazi uma ekhuluma athi qaphu qaphu asheshe ahlale phansi ngoba esaba Amakhosi ngoba Amakhosi athi Amakhosikazi awafanela ukuthi awamele.  Kodwa siyawamela ngoba ilungelo lethu salilwela.

Ngizokhuluma ngaMakhosikazi nomhlaba, ukuchaza nje ngaMakhosikazi behlupheka bengazi ukuthi bangenzenjani ukuba babenomhlaba nabo ngokwabo.  Kwakunzima ukuthola nje indlu yokuhlala angiphathi khona uma ungashadile, uphinde uzale abantwana uzalele ekhaya uyofuna nje okokufihla ikhanda kwakuthiwa awunayo indoda, kufanele ubunendoda.

Sibonga umthethosisekelo ukuthi oMama babenamalungelo ukuba nomhlaba noma udangadube bamaplazi.  Uma wazinje ukuthi uzowenzani ufunani ngawo.  Njengamanje siyajabula ukuthola lamalungelo singabi namahloni ngoba kamalungelo siwalwele singaMakhosikazi ase-South Africa.

Sicela ukuthi Amakhosikazi abe ngaphansi kwezakhiwo zikaHulumeni.  UHulumeni okhethwe intando yeningi.  Isisekelo saMakhosi ngumthethosisekelo omusha welizwe.  Kwiyinselelo lokhu eMakhosini ukuthi abantu abawakhele nabo bagcine umhlaba sekungowabo kakhulu oMame.  

Ngakhoke izakhiwo eziphathelene nomhlaba eMakhosini sidinga noMama babambe iqhaza ezakhiweni ezikhuluma ngomhlaba kakhulukazi eMakhosini.  

Angive ngiwathanda Amakhosi, Inkosi uMathaba neNkosi yami lena engaphambili uSihlalo wami uyazi ukuthi ngiyawathanda Amakhosi.  Kodwa khona iqhaza engingawathandi kulona bayazi bona.  

Sengicela ukungena la kwezamaplazi, abanikazi bamaplazi bahlale behlaselana noHulumeni ngezimfuno zabo kodwa bona behluleka ukunikeza izisebenzi zabo izimfuno zazo njengase-Lidgetton.  Abafuni ukuphikiswa oBasi uma uke wamphikisa noma wamphendula  izinyawo zigcwala udaka.

OMama kudlalwa ngabo sonke isikhathi ngoba basebenza umsebenzi olinganayo nowamadoda kodwa uma sekuzwa eholweni, oMama bahola iholo elincane.   Nansi inkinga enye ekhona umakuke kwashona nje  indoda uMama nabantwana bayaxoshwa kuthiw mabahambe, ikakhulukazi Amakhosikazi amnyama ayohlupheka kuze kube nini la ezweni lawo.

Ngibonga uNgqongqoshe ophethe ezemihlaba nezolimo.  La KwaZulu-Natal kusenenkinga enkulu.  Sikhuluma nje kwamanje kunabantu abaxoshwa izimoto zaboBasi laba ziyakwazi ukuth zithathe abantu zibase lana kuthanda khona zona uma sebexoshiwe emaplazini.

Kodwa umangabe befuna ukuyalana befuna ukuya khona ayi azikho lezimoto ukubasa entandweni yabo.  Lokhu okunye kokuxosha abantu emaplazini sihle sikhuluma la kulendlu sithi siyahlupheka izigebengu siyakhohlwa ukuthi ezinye izigebengu zenziwe oBasi bamaplazi.

Zithuthe emaplazini zizohlala emadolobheni bafike sebeba izigebengu.   Kodwa kulendlu sibe sikhuluma ngokuthi izigebengu zibhokile, kodwa abanye bethu kulendlu ibona abazakhile izigebengu.  Njengase-Greytown kususwe abantu bathathwa bagcwaliswa amaroli bathathwa bazolahlwa eGlenwood. 

La abantu base-Greytown abazimuntu e-Glenwood kodwa bathathiwe bazolahlwa e-Glenwood khona.  Kuncono ukuthi uzolahlwa endaweni oyaziyo kunendawo ongakaze uzalelwe kuyona, futhi ongakaze uze ufike kuyona.

Konke lokho abantu abahlupheka kakhula obanina abantu besifazane nabantwana.   Abantu abasokola kakhulu abantwana noMa.  Ngaleyondlela leyonto thina njengoMa asiyimukeli, sicela ukuthi lendlu ikubhekisise ngoba la indawo yaseNatal ikakhulu idominwethwe amaplazi.

Sicela ukuthi ike ibhekisiswe lendaba ukuthi uma kuxoshwa abantu noma ikanjani emaplazini kuthiwa labobantu abashonephi.  Awukwazi isho ukuhamba lana edolobheni, uma imoto ingase ishayise isho eceleni, iyoshona emzini womuntu ngoba imizi iseduze nodonga ngani na ngalabantu abaxoshwa kuzozonke izindawo bese bezogcwala la emadolobheni.  Lobobugebengu sicela ukuthi nazi ukuthi ubugebengu bakhiwa ilabobantu abanamaplazi. 

Kwezinye izindawo ubugebengu lobu sicela ukuthi bunqandeke ngezindlela zonke ukuze abantu besiMame bathole ukuphumula ezweni labo abalisebenzele kanzima.  Abawalwele kanzima amalungelo amadoda abo. 
[p167 ln 31 - p169 ln 7]

MR T D NTOMBELA: Sihlalo, neNdlu yakho ehloniphekile, ngisukuma okokuqala ukuthi ngibonge, ngibongele uMhlonishwa ophethe ezolimo umfowethu uNgqongqoshe Singh ngokuba akhethwe ngomunwe omuhle ekhethwa u-Premier walesisifundazwe.

Lomnyango uyaziwa Baba Somlomo, kudingeka ukuba uphathwe umuntu onjani.  Kudingeka umuntu onolwazi lwezolimo, kudinga umuntu othandayo ukubona abantu abangenakudla, abantu abalambile.  Loyo okhethiweyo uyobe ekwazi ukuba agqugquzele abaphethe ezolimo, abasebenza ezolimo ukuthi bakwazi ukusebenza umhlabathi ngendlela eyiyona.

Somlomo Baba, ngiyazi ukuthi njengoba ngibongela uMhlonishwa u-Singh ukuthi ukhethiwe ukuba abe umphathiswa wezolimo.  Abaningi sebekhohliwe ukuthi lezi ezolimo kwakuvele kwezabafowethu baseNdiya ibona abazi ezolimo.

Befika la basebenza obhanana, basebenza zonke izinto abanye behleli phansi bekhuluma ezombusazwe.  Ngesikhathi abafowethu baseNdiya bengafakiwe kwezombusazwe.  Akekho ongazi ukuthi uma ugudla ulwandle lapha izingadi ziluhlaza amaNdiya njalo lawo.

Ibona abasebenza ezolimo engicabanga ukuthi thina kulendlu nomphakathi kudinga simeseke kakhulu uMhlonishwa u-Minister, singalibali njengoba esathathe lomnyango nje bese silibalwa ukugxeka sithi ilokhuya, ilokhuya kodwa simsize.  Ukuze kuphele indlala, kuphele izifo.

Somlomo, ukumsiza kwethu uNgqongqoshe ukuba simutshele okuzona zinto ezibhidliza ukuba umphakathi ukuthande ukulima.  Okokuqala nje kuyaziwa kusaphethe uHulumeni wobandlululo ukuthi uHulumeni wobandlululo ubesiza kakhulu abezolimo abamhlophe.  Abampisholo bengakwazi ukusizakala ngezolimo.

Okokuqala nje abamhlophe bebethi uma belima kungene isachotho bakhokhelwe uHulumeni banikezwe isinxephezelo sokuthi izitshalo zabo zilinyazwe isachotho.  Kubekhona isomiso Somlomo, ngokunjalo futhi uHulumeni abe nesandla esikhulu sokunxephezela labobantu abamhlophe abalimayo bathole isinxephezelo.

Bese kuzothi thina abampisholo uma kunesaqhotho ungatholi lutho, kungakhulunywa nokukhulunywa njengawe ukuthi isachotho sibhubhisile.  Isomiso kungakhulunywa lutho ummbila wakho uphelile, ubhontshisi uphelile, amadumbe aphelile kungakhulunywa lutho.  Kodwa abantu abamhlophe bathole lokho.

Somlomo, ngithi namhlanje kuHulumeni wethu wentando yabantu abampisholo nazozonke izinhlanga, sikhethe uHulumeni wethu iwona obusayo.  Ngithi mina ukumsiza uMhlonishwa akagxeke kakhulu ukuthi ezindaweni zabampisholo asize kakhulu kubekhona izindlela zokuthi uma kufika isaqhotho bathole isinxephezelo abampisholo.  
Uma kukhona isomiso basithole isinxephezelo.  Ngoba lokho kuyokwakha ukuthi kuvimbele ukuba kubekhona abantu abagcwala ezibhedlela kuthiwe babulawa inkemane.  Kodwa ngenxa yokuthi bayasizakala bakukhuthalele ukulima.

Kuzokhumbuleka Somlomo, ukuthi abampisholo ngikhuluma nje kunamafusi amaningi akulinywa ngoba bayazi uma belimile libalele ilanga abatholi lutho, uma kufika isaqhotho abatholi lutho.   Uma ke Mhlonishwa Ngqongqoshe uzovusa lokho ngiyethemba ukuthi abantu bazosukuma phansi bakuthande ukulima.  Bayazinabo uma kunesomiso bayokuthola ukunxephezelwa.  Uma kunesaqhotho bayokuthola futhi ukunxephezelwa.

Kuzokhumbuleka Somlomo, neNdlu ehloniphekile uMntwana wakwaPhindangene obehola uHulumeni waKwaZulu osungasekho namhlanje kwakunendawo okwakuthiwa izindawo zabalimi.   Kwakuphuma ogandaganda bahambe bayosiza abampisholo, bayolima.  Kubekhona namasimu okuthiwa isibonelo, kusizwe umphakathi. 

Namhlanje sekukhona loHulumeni wethu wentando yeningi angeke usabona nowodwa ugandaganda uyosiza abampisholo.  Awasekho amasimu esibonelo.  Ngithi mina Mhlonishwa njengoba uthathile lomnyango uqhaphele lokho ukuthi uMntwana wakaPhindangene uMangosuthu Buthelezi wayekwenza lokho ngoba esiza abantu abampisholo, ababengasizwa uHulumeni wobandlululo.

Ngithi mina Baba uma uthatha lezintambo gibela ihashi elaligitshelwa uMntwana wakaPhindangene ukuze kusizakale abantu ababulawa inkemane.

Somlomo, angidlule Baba ngikhulume ngendaba eyinkinga ezabelweni.  KuHulumeni omdala wobandlululo angizukumgxeka ngizomcoma ngoba wayezifaka izincingo ezigudla imigwaqo yize kowobandlululo.  Kwakungekho abantu ababulawa zimoto, zishayisa amahashi, zishayisa izinkomo, zishayisa izimbuzi, ngoba wayelufaka ucingo.

Kodwa isimanga esikhulu namhlanje kuloHulumeni wethu ngeke usalubona ucingo abantu bafa imihla namalanga, izimoto zabo ziphele zishayiswa amahashi agcwele umgwaqo, izinkomo ezigcwele umgwaqo izincingo azikho.

Ngithi mina ukuze asizakale loHulumeni wethu eholwa ilo-Minister esimthandayo u-Singh azivuselelwe izincingo ukuphephisa abantu aba-driver emgwaqeni.

Okokugcina ngiyanxusa Baba Somlomo, ukuthi ukuze siphumelele kulomnyango wezolimo akubekhona amakomiti asemthethweni akhiwayo.  Azosebenza ezindaweni zaMakhosi abhekele kakhulu ukuthi izincingo zakhiwe, izincingo azisuswa eceleni komgwaqo.

Uma kukhona izinkomo noma izinfuyo esemgwaqeni lelokomiti kube ikomiti elizoqashwa ayi lisebenze mahala liqashwe ngoba phela inkece kaHulumeni ikhona kuyekwe ukuthathwa inkece okufanele isize abantu kusizwe abantu abahluphekile abangasebenzi, kuthathwe kuthiwe akuyovinjwa lesifo okuthiwa ingculazi angazi ukuthi silwane sini leso.

Kuthiwe izingane ezincane azivukuze kuholwe imali enkulu oMbongeni.  Ngithi mina imali ayiye laphaya ingayi imali ukuyosebenza into ebhedayo lento yengculazi.  Ngithi mina Somlomo, ngempela ngempela ukuze siphumelele ngaphandle kwamakomiti azobheka imfuyo emgwaqeni kobe asazi ukuthi senzani.  Kufanele amakomiti abekhona.  Mhlonishwa Ngqongqoshe awabe semthethweni baqashwe abantu abazobheka imfuyo.

Okokugcina izikiti, izikiti kufanele zibe sezindaweni zaMakhosi zingathathwa isikiti semfuyo yeNkosi sihambe siyolahlwa lwe koHowick ngoba phela lowomnotho oweNkosi owesizwe.  Uthathelwani ukuyonikeza abanye abantu abangenandaba nemfuyo bese kuthiwa uyolahlwa le.

MR T D NTOMBELA:  Isikiti asibesendaweni yeNkosi Somlomo, kuboshwe izinkomo emgwaqeni eziphula umthetho nemfuyo ifakwe esikiti seNkosi.  INkosi kube iyona e-controller lesosikiti izwe liyakulunga uma kwenziwa njalo.

Angithokoze Baba ngoba sekukhulume Induna, ngiyathokoza.
[p172 ln 32 - p174 ln 26 & p176 ln 31 - 177 ln 1]

MR E S MCHUNU:  Iningi lalezazindawo azikaze zithinteke ngempela zilapha ezindaweni lezi ezibizwa ngokuthi ezikuma-tribal areas, ngamanye amazwi izindawo eziseMakhosini.

Angazi noma mhlawumbe kwanja ayingene noma iphuma ngoba kwashiwo lana ukuthi ayiphume.  Kodwa ngifuna ukuthi kulezindawo la lezi engithi azi afekthwangwa ama-policies of the past.
[p177 ln 28 - 32]

INKOSI C KHAWULA:  Ngiyathokoza Sihlalo, ithuba onginike lona.  Okungijabulisa kakhulu namhlanjena layindlini ukuthi sikhuluma ngomnyango kaNgqongqoshe engimaziyo nokukhula kwakhe, ngazi nomuzi wakhe futhi owangakithi e-South Coast ngapha eMzumbe.

Futhi ngithokoza ngoba uBaba uNtombela usekhulume kakhulu ngaye noma esekhulumile nami ngizodlula khona ngithi phahla phahla.  Uqinisile uNtombela ngiyamsekela.  LoNgqongqoshe okhethiwe ucilo uzishaye endukwini impela.

Ngoba mina engazi umuzi wakhe imfino ayithengwa, uwumlimi kayena ekhaya lakhe, futhi kukhethwe umuntu omuhle uNgqongqoshe.  UNgqongqoshe lo uMnumzane wakithi u-Singh ujwayele abantu uwuSihlalo we-IFP kwi-district yaseMzinto uphethe abantu naMakhosi awu-12.

Kodwa yena ebe eyiNdiya kodwa uhamba phambi kwabantu akakhethwanga amaNdiya wakhethwa abantu naMakhosi ukuba abe uSihlalo ngenxa yekhono lakhe.  Ngiyathokoza ukuba ngibeke loluvo ngaye.

Uma sengingena enkulumeni yami ngoba inkulumo yami ngikhuluma ngamaplazi.  Ikakhulukazi lawa ancikene namadolobha abelungu amaplazi nawabantu.  Kukhona udlame okungeve kuwudlame ngempela okuwubugebengu okwenziwa izigebengu la emaplazini.

Izigebengu ikakhulu kulamaplazi aseduze kwamadolobha ziyahlangana izigebengu ziye kuwonalamaplazi zifike izigebengu ziphathe kabi abanini bamaplazi baphucwe imali, kuphangwe imali, kuphangwe izinkomo, kuphangwe amagusha, kuphangwe nezingulube, kuphangwe nezinkukhu, kuphangwe namacici lawa afakwa abesifazane lawa amahle impela aphangwe nawo nemigexo iphangwe.

Lemigexo lena eyenza nina bantu besifazane uma senifakwe yona nibebahle kakhulu, njengoNkosikazi uMrs Mkhize usesukile uwafakile amacici akhe. [UHLEKO]

Uma manjenje kuvela layindlini kukhona i-party evelayo la asihambe siyolanda Amakhosikazi ethu emakhaya, imvamisa yalaba abamhlophe ingabuye nezimanzi zabo sezicontsa amacici nemigexo sezithi coco, imigexo lena yezimali.  Manje izigebengu zikucekela phansi konke lokho ziyakuthatha kulaba bamaplazi.

Kanti lokho kubanga ukuba kwehle umnotho ngoba phela amaplazi iwona ahiqiza umnotho.  Amaplazi futhi iwona ahiqiza ukudla.  Sila nje iwona alima ukudla, sila nje sonke sidlile ekuseni, sisodla futhi ngedina, sizodla ukudla okuphuma kubanini bamaplazi, okulinywe abanini bamaplazi.

Ingeke imigogodlo yethu iqine uma singakucoshi ukudla.  Ukudla kuyinto enkulu ngoba ikona okwenza nomuntu acabange uma ulambile awukwazi ukucabanga, nomqondo uyema.  Uma ulambile isho nobuthongo abungeni ubala izintingo lezi ngoba ulambile.  Kodwa uma udla uyakhululeka ucabange yonke into enhle, uma ulamba ucabanga ubugebengu loku okwenziwa ilezigebengu ezihamba ziye emaplazini ziyophanga impahla yabanini bamaplazi.

Zibulale futhi zibulale nabanini bamaplazi, zibulale amadoda namakhosikazi.  Kanti phela abanini bamaplazi laba ukuba abalimi bakufundela.  Uma kungaphela abanini bamaplazi kungaphela ukudla. Lelizwe leli limiswe abanini bamaplazi ngoba balima ukudla banemfuyo.

Ngakhoke ngiyamsekela uNgqongqoshe wakithi wase-South Coast ngalezinkulumo kade esibekela zona la kulencwadi.  Kodwa ngingakahlali ngizodlula la ngithanda ukunitshela ngemisebenzi yokudla.  Umisebenzi yokudla laKwaZulu unomlando uyinto enkulu kabi.

Lapha KwaZulu ukudla kwenza into enkulu kabi eNkosini uShaka, Inkosi uShaka uma isanda kubekwa iseyibhungu seyihlaselwa Inkosi uZwide.  UZwide wayewaziwa ukuthi kwakuyinkunzi ebhodlayo lapha kwaNongoma, ibhodla.

Yayithi uma ikhipha impi ikhiphe qede ingayiniki ukudla ithi nokudla phambili ngoba nonqoba.  Bathi uma kwenzeka lokho Inkosi isacabanga kwasuka Inkosi uNgqengelele uGogo kaButhelezi waya eNkosini uShaka wathi ngiyalazi mina Nkosi isu ozonqoba ngalo uZwide njengoba esendleleni ekuhlasela nje.

Yathi Inkosi awukhulume Ngqengelele uthini wathi uyabona uZwide akuphathwa ukudla uma ehlasela uyaye ayikhiphe nje impi ngoba uyanqoba lonke izwe athi niyodla phambili.  Ngicela Nkosi uma ubiza amabutho akho uwahlehlise ahlehle nje ahlehle izinsuku ize ilambe impi kaZwide ngoba izofika ingakuphethe ushise nezingobe, uhlehle nezinkomo, kuhlehle yonke into naMakhosikazi uhlehle nawo.

Yathi Inkosi uShaka awu, Ngqengelele wenziwayini uhlakaniphe njengami kangaka uthini, ngizokwenza konke lokhu okushoyo.  Nangempela Inkosi uShaka yakwenza lokho, wayihlehlisa impi yakhe.  EkaZwide yalamba, yathi uma ilamba wathi bagwazeni sebephakathi.  Wamqoba uZwide uShaka wamqoba ngesu alinikwa Inkosi uNgqengelele, wamqoba ngokudla ngesisu ngoba amabutho kaZwide eselambile, yamqoba Inkosi yamqoba uZwide.

Ukudla lana kithina kwaZulu kunomlando omkhulu kabi asikwazi ukukhohlwa ikona.  Sithi sikudla sibe sicabanga nemilando yonke nemilando yako ngoba enye yenduku eyenze ukuba Inkosi uShaka inwebe izwe ngalo, ukudla kwenziwa Inkosi uShaka ngeqhinga elinikwa Inkosi uNgqengelele ugogo kaButhelezi.

Wayinqoba impi uShaka, uma eseyinqobile impi uShaka, kahle nginixoxela ubuhlakani bukaShaka.  Wasethi uShaka...

THE CHAIRPERSON:  Sekusele umuzuzu owodwa nje Ndabezitha.  

INKOSI C KHAWULA:  Yase ithi Inkosi uShaka uyabona mabutho ami khipha lengxenye hambani niyongilandela amabutho kaZwide ekhaya.  Afike abanjwa amabutho kaZwide empini amanye ekhaya ngiyaxolisa empini ningawabulali.  Babuya nawo bawabeka la wasethi ngiculeleni iculo elishiwo uZwide uma enqobile, sengiyahlala Baba.

Acula amacula, uShaka wasethi fakani lemvunulo efana nekaZwide hambani niyongibambela uZwide ekhaya.  UZwide wezwa becula wathi engathi abaculi kahle njengabami futhi ngiphuphe kabi, gelekeqe wagelekeqeka afika amabutho abamba uMakaZwide uNtombaza abaya naye.  Angithandi ukuzilanda izinto ezenzeka emva kwalapho ukuthi kwenzekani ngoba asizile ukuzolanda imilando benginitshela nje ukuthi laKwaZulu ukudla kunomlando omkhulu kabi.  Ngiyabonga Baba.

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga Ndabezitha.  
[p182 ln 5 - p183 ln 24 & p185 ln 20 - 27 & p186 ln 3]

INKOSI B N MDLETSHE:  Mphathisihlalo, angibonge lelithuba onginikeza lona.  Okokuqala nje ngidabuka ngoba nakhu udadewethu akasekho bengiphendula kulenzinto ake azikhuluma.  Ukuthi abantu besifazane emakhaya nxa beshonelwa abakhwenyana babo babe sebephucwa umhlabathi iphutha leli alishoyo udadewethu.  Futhi iphutha eliyingozi nxa eqhubeka nalo.

Ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi Sihlalo, abantu bayeke ukuba abantu basemadolobheni banqumele abantu basemakhaya ngezimpilo zabo.  Fanele sikubhekisise lokhu ukuze kungadali ingxabano.  Nxa owesifazane esehambile umhlabathi awusebenzisayo uvikelekile ngokupheleleyo.

Ngithanda futhi ukuthinta endabeni eshiwo umfowethu ilunga elihloniphekileyo uMchunu, mayelana nokusebenzelana koNgqongqoshe kaZwelonke nowe-Province ngiyawubonga kakhulu umbono ukuthi yebo iqiniso elimsulwa ukuthi bayifa lesizwe.  Kepha okukhulu okufuneka sikuqaphelisise ukuba lelifa lesizwe lisebenze ngokubambisana.  

Umzimba unezinyawo ezimbili, umangase izinyawo ezimbili ziphambane ngeke uyendawo kepha nxa zisebenza ngokubambisana ziyakwazi ukuphumelelisa umsebenzi eziwubekile ziwufeze.  

Ngamanye amazwi uma uNgqongqoshe oku-National ezobambisana noNgqongqoshe okwi-Province nginenkolelo yokuthi izinto ziyohamba ziqhubeke ngendlela efanelekileyo.

Sihlalo, abantu abampisholo kulelilakithi izwe empeleni kwakungesibo abantu abanqenayo ukusebenza umhlabathi.  Kwakungabantu nxa ubuka izwe lonke kuyakhombisa ukuthi abantu babekukhuthalele ukusebenzisa umhlabathi ngenhloso yokuhiqiza umkhiqizo ozophilisa isizwe.

Kunezinto Sihlalo, ezadala ukuthi abantu bagcine bephumile kulesosimo, esinye saso kwaba ukuqolwa okwakwenziwa abamhlophe abafika kulelizwe.  Lapho babedayisela abantu imbazo nje ibiza ishumi lezinkomo, ngaleyondlela babephuca abantu bakithi ingcebo ababenayo.

Okunye Sihlalo, kwaba ukumiswa kwezintelo kubantu bakithi ngenhloso yokuba abantu baphume emakhaya badayise abanakho bese bekhokha izintela, lezontela ezingabasizi ngalutho.  Ekugcineni abantu bakithi babona ukuthi kungcona baphume baye emsebenzini ukuze bakwazi ukukhokha lezintela.

Ngaleyondlela Sihlalo, kwakuguqula umqondo wabantu bakithi ubenze babone ukuthi ukuyofuna umsebenzi nokuthola imali eningi ikhona okuyobaphilisa kunokuba basebenze bakhiqize kwezolimo.

Okunye futhi Sihlalo, okwadala lesisimo engikholwa ukuthi ikona okwadalayo kwaba imfundo eyafikayo eyanikezwa thina abampisholo.  Imfundo yayikhombisa ngokusobala ukuthi nxa usebenza ezolimo uwumuntu ongahlakaniphile.  Ngoba izikhiwo ezazakhiwo ngalesosikhathi zazenza umuntu ophume u-first class nophume u-second class akwazi ukuqhubekela phambili nemfundo yakhe.

Kepha ophume u-third class kuthiwe akahambe ayosebenza inhlabathi ngoba ufanelwe ukusebenza inhlabathi.  Ilezizimo Sihlalo, ezazidala umqondo womuntu ompisholo zikubone ukusebenza inhlabathi kuyinto engenalusizo nengezukumsiza.

Nginenkolelo ke Sihlalo, ukuthi lezinhlelo ezezenziwa umnyango wakho njengoba uziphathile enkulumeni yakho, izona ezoguqula lesisimo nolomqondosimo okubantu bakithi.  Zibenze abantu bakithi babone ukuthi iyonandlela yokuphila.

Uthe nxa zenzeka lezizinto abamhlophe bakwazi bona ukusebenzisa lelithuba leli baqeqesha izingane zabo ukuthi umhlabathi iyona ndawo yokuphila.  Omhlophe uma engenalo iplazi usuke engaphelele engabhincile ngokuphelele empilweni yakhe.  Ubheke ukuthi abenalo iplazi ukuze abe indoda.  Ingoba kwazeka ukuthi iplazi liwukuphila nokusimama komuntu.

Ngaleyondlela Sihlalo, ngicabanga ukuthi nxa abantu basemakhaya njengoba ubekile Mhlonishwa beyothuthukiswa benziwe ukuba inhlabathi le bayisebenzise njengoyisemkhulu.  Nginenkolelo Sihlalo, ukuthi impumelelo yabantu yonqoba.  Iyophela inkinga yendlala nezifo kubantu bakithi.

Njengoba sinomhlabathi omncane esinawo Sihlalo, nginenkolelo yokuthi lomhlabathi singawenza ube nempumelelo, senze sihiqize ngendlela efanelekileyo.  Lokhu ngikusho ngoba nginenkolelo enkulumeni eshiwo uMhlonishwa ukuthi izinhlelo zizokwakhiwa ezizokwenza ukuba abantu bakithi bavuseleleke ukuthi ngaphandle kokusebenzisa umhlabathi ngeke ayendawo.

Izandla zendoda kufanele zibenomhlabathi kubonakale ukuthi indoda lena.  Ukuze ikwazi leyondoda ukuba indoda yakusasa nezophilisa isintu.  Kunenkoleloke Sihlalo, ekhona ezweni yokuthi ukuze umhlabathi wethu osemakhaya uthuthukiswe Sihlalo, ukuba kuguqulwe indlela yokuwusingathi noma yobunini, njengeNkosi njengoba ngikhuluma ingozi lena esiya kuyona.  

Ngoba nginenkolelo Sihlalo, ukuthi nxa siyokwenza lelophutha lelo siyodala ukuhlupheka kubantu bakithi.  Umhlabathi abantu bakithi abawutholi ngokuba unemali eningi noma ucebile kepha umhlabathi uwuthola ngokuhlupheka kwakho bese uthola umhlabathi wokuhlala nowokuziphilisa.

Ngamanye amazwi uma umuntu ezokwakha eMakhosini kubukakala izindingo zempilo ukuthi zikhona eduze kwakhe ukuze akwazi ukuzithuthukisa.  Uma sesiqale lendlela okukhulunywa ngayo engibona ukuthi ngiyethekelwe emqondweni waseNtshonalanga ukuba izolethwa lapha e-Africa silengelwa inkinga yokuba sibenabantu okuthiwa imihamba ima, abantu abangenamhlaba Sihlalo.

Ngokwami Sihlalo, ngithi akuthuthukiswe lokhu okukhona, ngoba uma ngingaphawula nje akekho umuntu okhona osuka ezabelweni ongathi sewahlukumezwa ngihlala nalo ilunga elihloniphekile uMchunu uhlala lapha kwelakithi.  Oyise bakhona angikaze nakanye ngibahlukumeze ngithi kwasha kwacima ngomhlabathi, basebenza umhlabathi bakhiqiza abakukhiqizayo bakubeke ezinqolobaneni zabo bathuthukise isizwe.

Akukho nakancane lapho behlushwa khona ngokuthikamezwa mhlawumbe ngokomqondo othize kodwa sisebenzisa ngokwenqubo yase-Africa.  Ongavumeleki lunga elihloniphekile ingoba usuke eganga.  Ogangayo uyalungiswa lokhu kwathi nhlo.

THE CHAIRPERSON:  Mibili imizuzu esele.  [Two minutes left].

INKOSI B N MDLETSHE:  Sihlalo, ngifuna ukuxwayisa la masingasebenzisi ukuhlupheka kwabantu bakithi sikwenze ibhola lezombusazwe ngoba sobadala ingozi kuleyongozi lapho.  Nginenkolelo yokuthi nxa singase sisebenze ngokubambisana nokuba sisebenzelane nginenkolelo yokuthi abantu bakithi bayophumelele.  
Singalinge sidlale ukuhlupheka kwabantu bakithi sikwenze ibhola lezombusazwe.  Uthole umuntu emkhulu Mphathisihlalo, ehambe ezishutheka, eshuthekeka kuyamehlisa lokho ngokwami ukubuka.  Kwehlisa isithunzi sobukhulu bakhe akabe nendlela yokuxhumana ukuze kusetshenzelwane.  Ngiyabonga Sihlalo.

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga, kakhulu.  [Thank you very much].  
[p190 ln 6 - p191 ln 29 & p193 ln 30 - p194 ln 2 & 11]
THE CHAIRPERSON:   Siyabonga kakhulu Mnumzane uMahlobo, ngizocelake uNgqongqoshe ohloniphekile uMnumzane u-Singh.  
[p206 ln 13]

MR D P MFAYELA:  Sihlalo, nendlu yakho ehloniphekile ngithi angibonge ukuthola ithuba lokuba ngiphawule kulevoti okuyiyona eyisihloko kuzozonke izizwe ezathola inkululeko nezilindele ukuyithola inkululeko.

Uma izwe lingakwazi ukucophelela imfundo uma liya enkululekweni  ligcina lilahlekile ngoba kuthi labochwepheshe okufunakala batholakale obadingwa umbuso bangakwazi ukukhontroleka kulombuso osubusa.

Ngithi angibonge iPhalamende yalapha KwaZulu-Natal lapho eyathi uma icabanga ukuqoka umuntu ozohola lomnyango yaqoka uMntwana ngobuqotho bakhe anabo.  Omunye umuntu kulomnyango ngabe sewashiya phansi ngoba uHulumeni noHulumeni kulesisifundazwe saKwaZulu-Natal akakwazi ukukhuphula i-budget yakhona, i-budget ekhona ilokhu yehla njalo.

NoHulumeni odlulile wobandlululo wayengakwazi ukusinika imali eyanele kulesisifunda.  Ngike ngathi uma ngibuka i-budget esasiyithole ngo-1990/91 uNgqongqoshe kwakuwuBaba uMtshali   sasabelwa iyona lePitoli osekuyiPitoli entsha namhlanjena kwakuseyindala iPitoli.

IPitoli endala yayithi uma  yabela abantwana balapha KwaZulu-Natal umntwana emunye isilinganiso sakhe sibe uR545.00 kuthi ezinye izabelo zinikezwe izimali ezingaphezulu engicabanga ukuthi yayisuka ko-hundred and ninety something rand iye koR3 739 kwakuyisabelo esinganele sokuthi kwakhiwe ama-class.

Ngicabanga ukubuka loHulumeni okhona namhlanjena owayethi uma esakhakhansela ukuthi angene embusweni athi akushiswe izikole zobandlululo.  Ukuthi ukuba zasha zaphela izikole - ngakhina phela ngangingafile.  Ukuba zasha zaphela izikole uHulumeni waKwaZulu wangazivikela izikole zakhe ngabe loHulumeni lona obusayo namhlanje ngabe ubusa ngani.

Ngoba phela wasithembisa loHulumeni ukuthi uzokwakha izikole, izingange zifunde mahala kodwa kunamahlanjena sekubalwa ukuthi imali ayikho.  Sithe uma silalela lapha phesheya kwathiwa lelizwe linemali eliyikhokhayo eyinzalo ewu-R39 billion.

Lemali ewu-R39 billion ngesikhathi beshada u-ANC no-National Party kwakufanele phela babuzane ukuthi hawu njengoba sengingena ezicathulweni zalomshado nje ngikweleta into engakanani enginazo ukuze ngikwazi ukuzimanaja izikweletu.  Namhlanjena asisakunakile lokho thina ngoba phela sathenjiswa inina madoda ukuthi konke enizokwenza nizokwenza ngoba nazi ukuthi kukhona imali.

Mhlawumbe ngicabanga ukuthi nabona amabhilidi emahle namawindi amakhulu nazi ukuthi nizothi uma seningena embusweni imali intaphuntaphu ngaphakathi kanti akukho lutho.

Mageba, lomnyango wakho owuphethekho uMnumzane ophezulu uyena kanye owayehamba egovuza izingane la emalokishini koMashu nakoMlazi.  Loludungunyana esinalo kusho ukushisa izikole uyana kahle.  

Ngenhlahlake bakwethu lePhalamende leli laKwaZulu Natal sengathi kungaba ilona elike lishintshe liye ePitoli keliyophatha ePitoli.  Ngoba lifundisiwe manje liyakwazi ukubekezela liyazibona izidingo zalo lindawonye, alisho ukuthi kukhona iNational Party ngale, kukhona i-ANC ngala, kukhona i-ACDP ngala kukhona i-PAC ngala.

Ngiyabona ukuthi uma kwenzeka uHulumeni waKwaZulu akazivikelanga izikole zakhe ngabe zashiswa zaphela zathi nya nya.  Ngabe sihlezi siqala phansi manje sifundela phansi kwezihlahla.  Ngakho asimbonge uHulumeni waKwaZulu bakwethu ngeke ngisalula kakhulu.

Ivoti kaNdabezitha angiyibonge ngoba umsebenzi wakho owusebenzile mkhulu kakhulu, ngiyabonga Mphathisihlalo.
[p256 ln 5 - 257 ln 7]

<Cnts497>
ISESHINI YESINE 
UMHLANGANO WESINE	: 
OJWAYELEKILE	 : 
MHLAKA 13, 14 KANYE NO 15 KUNHLABA 1997
UMQULU 4 1997

<Vol497>
INKOSI C KHAWULA:  Ngiyabonga Sihlalo, ukuthola lelithuba.  Okokuqala nje angibonge Inkosi yakaNgubane uMhlonishwa ngokusinikela lezindaba ezinye zazo ezimuncu, ezinye zazo zithanda ukunambitheka.

Ngiyayibonga Inkosi yakaNgubane futhi angiyibonge Inkosi yakaNgubane ngokusigadela izindaba zethu zaMakhosi.  Inkosi yakaNgubane iphethe umnyango osinda kakhulu, umnyango waMakhosi.  Sengiyadlulake lapho.

Namhlanjena sikhuluma ngodaba lwaMakhosi, sikhuluma namhlanje ngezwe laKwaZulu eliphethwe Amakhosi.  Izwe laKwaZulu akusolana izwe lanamhlanje, izwe laKwaZulu izwe elabakhona singakabikhona nathi sonke layindlini.  Nabasizalayo babengakabikhona likhona izwe laKwaZulu.

Izwe laKwaZulu lalivele linawo Amakhosi khona emandulweni ezikhathini zeNkosi uShaka, Amakhosi ayekhona.  Ezikhathini zeNkosi uyise kaSenzangakhona Amakhosi ayekhona.  Izwe laKwaZulu libenaMakhosi amaningi ngikhuluma ngaMakhosi aKwaZulu.  Kungakabikhona noHulumeni isho nalaboHulumeni abekade bekhona bephethwe abamhlophe.

Babengakabikhona kodwa izwe laKwaZulu laselikhona linawo Amakhosi.  Nabamhlophe bafika izwe laKwaZulu likhona linawo Amakhosi.  Amakhosi ephethe Inkosi uShaka yayiphethe, Inkosi uDingane yayiphethe, Inkosi uMpande yayiphethe, Inkosi uCetshwayo wayephethe, Inkosi uSolomon iphethe, Inkosi iNyanga yeZizwe iphethe naleNgonyama ekhona iphethe.

Manjeke engithanda ukukubonga la eNgonyameni ngithi angizwakalise ukutusa nokuthokoza kwami nokubonga eNgonyameni, ngoba thina Amakhosi ngobuhlakani kweNkosi yakaButhelezi sisenoHulumeni wethu waKwaZulu.  Sithathe izwe lethu silifake ngaphansi kwekhwapha leNgonyama uma Ingonyama isivikele lona, isigadele lona.

Izwe akusilona elethu, izwe elabantu esibaphetheyo sibambisene nabo ngoba ngeke ubenezwe ungenayo Inkosi.  Unezwenje ngoba unabantu obabusayo ngeke uvele umile esidulwini nje ube Inkosi ungenabantu obabusayo.  Ngakho ne-title deed thina asiqondile ukuthi uma sithola itayitela i-title deed ngase ibize mina cala lakubo.  

Hawu khona abantu bakaHlonga okudinga mai-title deed ibize bona ayi mina.  Manje ngizwakalisa ukubonga okukhulu lapho eNgonyameni nakuMnumzane u-Hannekom ngiyamtusa naye kakhulu ngokuba basivikelae izwe, ngoba singaMakhosi ngalo izwe.  Uma lingasekho izwe ubuKhosi bungasiphelela.

Manjena lapha sinoNdunankulu wezwe laKwaZulu uMntwana wakaPhindangene cha ayi uMbomvu, uMntwana wakaPhindangene ngikhuluma ngezwe angikhulumi ngalezizepolitiki iKwaZulu-Natal.  SinoNdunankulu Inkosi uButhelezi ukhona okusethuse kabi la sithe sizwa eNdlunkulu sasesizwa sekukhuluma umuntu awu ubani lomuntu uSifiso Zulu hawu! uSifiso Zulu esefakwe ubani eNdlunkulu ngoba umlomo okhulumela iNgonyama uMntwana wakaPhindangene nje.  USifiso ubekwe nini wabekwa ubani eNdlunkulu.

Thina Makhosi singazange sizesibikelwe sitshelwe ngoba phela thina sazi uMntwana wakaPhindangene owuNdunankulu koze kubhubhe umhlaba.  Silindele ukuba sibizwe sitshelwe makungaseyena uNdunankulu ukuthi akaseyena uNdunankulu.  Sibe sesiphendula thina Makhosi ukuthi sitshelwe izizathu akhishelwa zona esikhundleni sakhe.

Izwe laKwaZulu uma nilibona njena alilungile kahle ngoba kwasuka umuntu esuka le eNkandla kade esebenza eGamalakhe kuwuSifiso Zulu, cha besebenza ngala ngakunina sinawe kuwuSifiso Zulu angazange ngizwe kuthiwa uMntwana.

Sisizwe futhi Inkosi yakaNtuli phezulu oThukela emhlanganweni waMakhosi yathi cha uSifiso Zulu ngiyamazi noyise ngiyamazi bebakhe lapha kimina phezu koThukela.  Uyise bekuwuZulu nje engabizwa ngoMntwana, noSifiso Zulu bekuwumfana nje kaZulu bengabizwa ngoMntwana.

Manje uSifiso Zulu wasebizwa ngoMntwana, uma esebizwa ngoMntwana uSifiso Zulu sasizwa uMntwana omkhulu uMcwayizeni esemsekela.  Sephatha ukuthi uMntwana wakaPhindangene akasafuneki eNdlunkulu, uMntwana wakaZiphethe akasafuneki eNdlunkulu.  Hawu! uphumaphi lomuntu nangumuntu exova izwe laKwaZulu elidunga bo!

Walidungadingake izwe laKwaZulu, nanamhlanje izwe laKwaZulu alilungile ngoba ukuze lilunge izwe laKwaZulu liyolunga ngoba kulungiswe indaba yoMntwana njengoba ewuNdunankulu wezwe laKwaZulu, alikakalungi nanamhlanje.  Ladungwa uSifiso noMntwana omkhulu.

Manjena thina sasijabula kabi uma uHulumeni sewuphuma kwabamhlophe sizoziphathela thina izwe ngoba sabona ukuthi awu cha, impela izikhalo zethu zizolungiseka kahle kakhulu.  Manje sakhathazeka uma sesizwa lapha kwaKhangela Amankengane uBaba uMongameli uMandela esithi kuthina yeyi lensizwa uSifiso isebenza kabi lensizwa.

Awu saxakwa usebenzani kahle uSifiso ezodunga izwe laKwaZulu uphi manje.  Engani manje sesizwe usekhuluma ngeNgonyama uyayingcofa futhi yena uSifiso.  Usethi useyahamba eNdlunkulu iNgonyama ayisamtsheli izinto, uyahamba njena wayekade ebikele bani ngesikhathi kade engena khona, akazihambele.

Anisamtsheli izinto uSifiso useyahamba eNdlunkulu.  USifiso unezinto okufanele azozihlamabuluka lapha eNdlunkulu engeke zilunge njengoba ahamba engazilungisile ngoba sathuka esekhiphela noMntwana wakaPhindangene isibhamu.  Akakayilungisi lendaba yesibhamu.
[p 10 ln 30 - 12 ln 14]

THE CHAIRPERSON:  Ungaqhubeka Ndabezitha.  
[p 14 ln 21]

INKOSI C KHAWULA:  Baba Sihlalo, sengizongena esihlokweni sami sokugcina ilokhu ngakhala ngaso ngingengedwa.  UBaba uMonganeli uMandela wasithembisa ukuthi uzosiholela imali, imali sayivuma imali.  Sathi imali ayikhishwe la kuBaba uMdlalose ayikakafiki, manje sekuwuBaba uNgubane sisayilindele leyomali ikhishwe la idlule ize kithina leyomali.

UBaba wasithembisa imali, wasithembisa uBaba izimoto uBaba, [UHLEKO] wasethembisa uBaba onogada nabashayeli, nocingo nogesi.  Manje asinabo ogesi silayitha ngeziphefu, silindele uBaba uMandela nesithembiso sakhe.

Manje uma silindele uBaba uMandela sesizwa izinkulumo la zokuthi secabanga ukuyeka.  Ngiyanxusa mina angayeki uBaba engazane azigcine izethembiso zakhe.

THE CHAIRPERSON:  UNdabezitha usele nomuzuzu owodwa kuphela, munye umuzuzu okusalele Ndabezitha.  

INKOSI C KHAWULA:  Khona uBaba siyomkhumbula ebuMongamelini bakho ukuthi wake wenzela Amakhosi isithunzi sokuwahlonipha.  Uma uBaba ehamba engakwenzanga lokhu siyomkhumbula ngani.

Ngawowonke lamazwi ngisekela uBaba Inkosi uNgubane, Nkosi yakaNgubane qhubeka Baba uyiNkosi yesizwe yakaZashuke.  Wathi uzalwa wawuvele usuyiNkosi khona ekudaleni useyiNkosi namanje koze kubhubhe izwe.  [UHLEKO]  Ngiyabonga Sihlalo.

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga, Ndabezitha

ADV M I MADONDO:  Ngiyabonga Sihlalo, namalunga ahloniphekile ngisalandela uNdabezitha uGabhisa ngangizwa kuthiwa ubuKhosi abufi kodwa abantu bayafa.  Ngike ngamangala ukuthi kukhona umuntu ongaba uNdunankulu kuze kubhubhe izwe uyobe engasekho phela ngalesosikhathi.

Okwesibili ukhuluma ngamaholo nezimoto kuhle lokho kodwa oNdabezitha bakunqaba lokho.
[p 14 ln 23 - 29, p 14 ln 8 - 14, p 14 ln 22 - 27]

MR R E REDINGER: (Whip): Thina sine-National Party siyakusekela ubuKhosi, siyawasekela naMakhosi.  Thina sifuna ukusekela wonke umsebenzi womphakathi, sithanda ukuthi kusetshenzwe kulendlu la eMgungundlovu isebenze imisebenzi yaMakhosi.

Ngiyazi ukuthi incane Amakhosi maningi angaphezu kuka-300 kepha umhlangano la ngezansi kwalelizwe lethu kungaba kuhle ukuthi nalendlu isetshenziswe emsebenzini wobuKhosi.  Siyakusekela thina ubuKhosi.
[p. 18 ln 22 - 26]

MR R E REDINGER: (Whip): Mr Chairman kuningi engisafuna ukukukhuluma, ngiyawathanda Amakhosi, thula kahle wena ngiyawathanda Amakhosi.  
[p 19 ln 6]

MR R E REDINGER: (Whip): I would like to explain it in Zulu.  Bafowethu inkomo edla okhalweni izosutha ngalokho ukuthi ikwazi ukuphakela inkonyane yayo, kosutha inkonyane kepha uma uyitshalele ukudla, uma uyiphakela ukudla naleyonkomo izothatha amabele amabili uwanikeze inkonyane, amabili ubisi ugcwalise amabhodlela.

Kuyafana kufana nomhlaba, umhlaba uma uxhumana nePhayithela ungasenga kabili, ungasengela futhi umphakathi umphakathi ahleke ephila kahle.  Thina sithi uma sibheke kabili akubhekeki futhi asibheke le act level of '92 owashawa lomthetho Ondini ngo-'92.

Asiyibheke futhi le-Act umphakathi ulambe kabi ukuthi ungancishwa futhi, njengenkonyane ezoncishwa amabhodlela obisi ayadayiswa kodwa inkonyane iyalamba.  Umphakathi ufana naleyonkonyane elambayo.  Kepha ingaphakelwa ukuthi kuphile, kuphile Inkosi, kuphile iNduna, kuphile umphakathi nomhlaba uphile.

Unina leyonkonyane ingabulawa sifuna lokho umthetho weNational Party lowo.
[p 19 ln 6 - 22]

INKOSI K W MATHABA:  Mphathisihlalo angibonge lelithuba onginikeza lona lokuthi nami ngithi qaphu qaphu egameni laMakhosi.  Angiyibonge lenkulumo esiyethulelwe uMhlonishwa Inkosi uNgubane.

Ngicabanga ukuthi ngiyizwe kahle Mphathisihlalo, nginokudabuka uma ngizwa uMhlonishwa ophethe lomnyango ekhala ngesabelo sezimali esizabelwe uHulumeni omkhulu.  Esikhundleni sokuthi ngabe iyakhushulwa imali ibise yehliswa kakhulu.

Ngakhoke ngifisa ukugxila ebeKhosini, ubuKhosi bakithi buyayidinga imali lena exeshuliwe yehliswa kakhulu.  Ubukhosi lobu buyinto eyamukele ngisho nawu uNkulunkulu imbala.  Uma ngibheka enkulumeni kaMhlonishwa Inkosi uNgubane ngithola ukudumala ukuthi njengoba sinaMakhosi amaningi nje adinga ukulungiselelwa izindawo zawo la Amakhosi ezothetha khona amacala.

KulaMakhosi angaphezulu kwamakhulu amathathu, khona Amakhosi asazoqhubeka nokuthethela izindaba zomphakathi ezihlahleni.  Ikonakona lokho Baba Mphathisihlalo, okuzokwenza ukuthi kwehle isithunzi saMakhosi.  Amakhosi athethela amacala phansi kwezihlahla sesikuHulumeni omusha, sithi sesithi sikuHulumeni wentando yeningi.

Loko kusuke kungibuyisele emuva uma ngithanda ukubheka isimo saMakhosi ukuthi kudala evese enganakiwe, kudala kwaqala ukuthi anganakwa.  Amakhosi azange aze ahlukane nabantu abevese esekudingisweni ekhona khona lapha ekhaya.

Ngicabanga ukuthi bangcono abafowethu ababesekudingisweni ngoba ubandlululo ebelibandlulula Amakhosi imini nobusuku luyohlala lunukela Amakhosi ngasosonke isikhathi.  Noma ngabe Mphathisihlalo, kunzima kanjani, noma Mphathisihlalo bekunzima kanjani kodwa Amakhosi ahlalile la ukuthi abhekele imiphakathi yawo, abhekele inhlalakahle kubantu bawo.

Abantu bethu, abantu baMakhosi bengekho emakhaya behambile baya emsebenzini abanye babo beyo koGoli, abanye babo beyekomaThekwini Amakhosi kanye nezinduna bebehleli lapha emakhaya bebhekele inhlalakahle yabantu.

Ngakho kuyangimangaza ngempela umangabe lomnyango waMakhosi, umnyango kaMhlonishwa Inkosi uNgubane ungacatshangelwa ukuthi wenziwe kangcono isimo saMakhosi.

Kuliphutha elikhulu kabi ukuthi Amakhosi njengoba ngibeka ukuthi abhekele inhlalakahle yomphakathi.  Ukuthi umangabe kuhambe usokhaya lowo owumfelokazi ubese esehlukunyezwa esexoshwa ngithi kuliphutha eliphindwe kaningi.

Amakhosi iwona abhekele laba abasuke sebeswelakele babheke abafelokazi bathathe babayise koMantshi Amakhosi nezinduna ukuze bayothola opoyinando babo, bakwazi ukuthi baqhubele izingane nasesikoleni.

Ngoba baze babheke namasimu ashiwe usokhaya, ngakho kuyiphutha elikhulu kabi lelo ukuthi Amakhosi abenako ukuhlukumeza abafelokazi.  Kuphela engikwaziyo okokuthi labo ababehlala emalokishini ibona laba ababethi uma sebeshiwe abalisa babo, izithandwa zabo ebese bayoxoshwa ezindlini ngenxa yokuthi kuthiwa basezingane.

Kodwa ngiyakhumbula ukuthi uHulumeni waKwaZulu ngo-1982 uze wawushaya lomthethu ukuthi abantu besifazane abakhululeke nxashana sebeshiwe abakhwenyana babo.  Lowomthetho waphasiswa Amakhosi.

Ngicabanga ukuthi futhi nanoMhlonishwa uMnumzane u-Advocate uMadondo uyakwazi lokho.  Manje ngiyafisa ke eMakhosi akhona lapha ngaphakathi endlini nomangabe useqembini le-IFP, noma ngabe useqenjini le-ANC, noma ngabe useqenjini le-MF, noma ngabe useqenjini le-National Party ukuthi Amakhosi mawame ngandawonye.

UbuKhosi lobu busuka kude kabi akusiyona into efikayo nje namuhla.  Masimeni ngandawonye Makhosi senze inhlalakahle yabantu bethu.  Kodwa nginombuzo Mphathisihlalo, wokuthi uma isimo sinje njengoba sinje yini ebangela ukuthi Amakhosi angahlonishwa.

Njengoba sesingene kuHulumeni lona omusha kunaMakhosi abebizwa ngokuthi Amakhosi awamakholwa, abengaphandle komgcele kaHulumeni omdala.  Asengenile manje lapha ngaphakathi uthola ukuthi kulawoMakhosi Mphathisihlalo akukho isho nanenkantolo iholwana nje labezohlanganela khona.

Bebekade behlala emaplazini, ukuthi uma uyobheka nemigwaqo yakhona ayikho ezimeni, ayikho esimeni esifanele ukuthi imigwaqo efanele okuba ihamba umphakathi.  Nxashana uNgqongqoshe inqanyuliwe lemali lawoMakhosi lawa angenaluthoke ayobayini.

Ngibona ukuthi mina lokhu kuyinzondo enkulu yokuzoba sengathithi Amakhosi ayahluleka ukwenzela imiphakathi yawo izidingo ezifanele.  Sisesikhathini lapho kufuneka ukuthi izindawo zaMakhosi ebezikade zasalela ngemuva mazikhushulwe nazo.

Siyafisa ukuthi abantu bethu abasebenza ezabelweni mabathole ama-services afanele, bahambe emgwaqeni efanele, abathole amanzi, abathole okokukhanyisa, behlukane naneziphefu.  

THE CHAIRPERSON:  Mibili imizuzu esele.  [Two minutes left].

INKOSI K W MATHABA:  UbuKhosi ke lobu Mphathisihlalo buyinto endala nedingeka ukuba mayihlonishwe uHulumeni omkhulu futhi naye ayihloniphe abazise ubuKhosi ngoba buyinto engenakunyakaziswa muntu.

Amakhosi abulwela lobuKhosi Amakhosi amadala njengoba eshilo uSihlalo wekomiti leli, ewabala Amakhosi alwa izimpi eziningi namaNgisi, alwa izimpi eziningi namaBhunu kulwela bona lobuKhosi.  Yikho lokhu ngithi ngicela Amakhosi mawahlangane ngandawonye noma ngabe Inkosi ikuliphi iqembu silungiselele inhlalakahle yemiphakathi yethu.  Ngiyabonga.
[p20 ln 27 - p 22 ln 10, p23 ln 32, p24 ln 1 - 5]

MR S N MTETWA:   Mphathisihlalo, angizosho lutho mina ngokushiwo Inkosi uMbomvu uMhlonishwa uNgqongqoshe weNdlu yabaholi bendabuko nezemvelo, ngesikhathi ethinta ngokuthi kukhona uku-deminishwa kwaMakhosi akuzwa ekubona angizosho lutho ngalokho.

Angizosho lutho mina ngokuthi kwenzekani ezindlini zePhalamende ayaxoshwa Amakhosi kwasha kwacima ngeke ngisho lutho ngalokho.  Angizosho lutho nakuba ngithanda ukusho utho ukuthi kwenzekani ngesikhathi iKhansela of Traditional Leader siyimisa ngoba sasivumelana sonke, kuphela nje sasibanga ukuthi uthi uwumeluleki ubuye futhi uzeluleke wena.

Iloko kuphela esasikubanga sakulungisake ekugcineni nakuba kwakubuhlungu kwabanye.  Angizosho lutho futhi nalokho, kodwa i-national kodwa savumelana kona.  [UHLEKO]  Kodwa ngizothanda ukumvumela ngishoke ukuthi cha la kwezentuthuko kuzofuneka ukuthi ngikhulume ngigcizelele la ekhulume khona.

Ngizokhuluma uma sekufike isikhathi kodwa mayelana nalokhu kokuthi i-budget yehlile ngithanda ukungasho lutho kukona.  Ngoba izinombolo uma ngiziqhathanisa bese ngibheka eminye iminyango kimina kuphuma i-answer yokuthi cha lowangakithi umnyango wabaholi bendabuko akubanga kubi kangako.

Phela sivumelene ukuthi sinezikwelethu ezadalwa ilababhemu abaphumile okufanele sizikhokhe amabhande awaqiniswe.  Uma eqiniswa amabhande nathi asikwamukele lana KwaZulu-Natal ngoba siyingxenye ye-South Africa.  Akungasiphathi kakhulu kakhulu kodwa kona akukubi kangako uma uqhathanisa neminye iminyango lakugejulwe khona kangako. [UHLEKO]

Futhi angithandi ukukhuluma ngisho utho ngokushiwo uMhlonishwa wami Inkosi uSihlalo ngoba ikhulume kahle angizange ngiyizwe igxeka i-ANC.  Kodwa kunalokho ikhulume ngoSifiso angifunike mina ukukhuluma ngoSifiso ngoba izindaba zabantu abadala lezo.   Ngiyizwile kodwa Inkosi noma sekushelela ulimi ikhuluma amazwi okungafanele akhulunywe Inkosi ithi kunabantu abazohlala emhlabeni kuze kubhubhe umhlaba.  Ngabona ukuthi cha luyashelela ulimi lapho Inkosi ibingaqondile ukusho njalo.  [UHLEKO]

Inkosi engiyilandelayo la ithi izama ukusitshela ngeziphansi kodwake ithe yona ku-three years uHulumeni okhona akakawakheli Amakhosi ama-ofisi noma izindawo zokuqula amacala.  Kodwa isitshela ngeziphansi Inkosi uMhlonishwa uMathaba ukuthi for 20 years iKwaZulu Government ikhona noHulumeni wasePitoli esithathe emva kwakhe azange akwazi ukucabangela nokwenzela Amakhosi ama-ofisi.
[p 24 ln 28 - p25 ln 16]

REV C J MTETWA:  (Minister of Public Works):  Bengifuna ukubuza ukuthi ngabe undodana ukhuluma ngenkulumo kaMhlonishwa noma uphendula izikhulumi na?  

MR S N MTETWA:  Ngicela ukuqhubeka ngizophendula uma sengiqedile kuze kungamoshakali isikhathi sami.  Angikakasho lutho mina sengiyaqala ukusho.
[p26 ln 14 & 17]

INKOSI C KHAWULA:  Bengisacela ukubuza ukuthi uNyambose njengoba elokhu engasitsheli lutho ikuphi ngempela azogcina esitshele khona.  

THE CHAIRPERSON:  Ayi umbuzo lowo akuyona i-Point of order. 

MR S N MTETWA:  Mphathisihlalo ngiyethemba ukuthi abahlonishwa laba iwashi uyalicindezela uma belokhu bengiphazamisa.  Kodwa mina bengisho ngo-20 years iKwaZulu Government ikhona ukuthi ayikenzi luthi.

Kuyacacake ukuthi mhlawumbe njengoba thina sina-three years sikhona amukho umuntu ozosola kangako ukuthi abakenzi lutho kusho ukuthi mhlawumbe kusazokwenzeka asethembe.  Sincane phela lesikhathi silale izolo sisavuka nje.

Ngakho mina engifuna ukukusho Mphathisihlalo, laKwaZulu-Natal ingxenye enkulu uma ubheka indawo yasemakhaya ziphethwe abaholi bendabuko, iqiniso lelo elingeke liphikwe.  Abaholi bendabuko banamndla kulezindawo abawanika umthetho owashawayo ngesikhathi sikaHulumeni waKwaZulu esingakawu-challenge esingakawuphikisi namanje.

Okungekho kwi-intention yethu ukuthi sikuphikise lokho umthetho lona waMakhosi and Iziphakanyiswa Act, lomthetho onika amandla Amakhosi uze unike amandla uNgqongqoshe womnyango wabaholi bendabuko ukuthi akwazi ukugcoba enyuse ammise ngokusemthethweni umholi wendabuko, noma amehlise amandla amakhulu lawo.

Uma Mphathisihlalo, ubheka Amakhosi anamandla okuba aze alawule ngomhlaba.  Kuphela bese encitshwa ukuthi akanalo igunya elipheleleyo ngawo.  Athi uma enikiwe lawomandla kuthiwe cha awulande i-permission of occupy PTO's.

Ungayinika umnikazi lowo ophethe umuzi, kodwa ayi ukuthi umnike umhlaba ngozi nayo awukho ezandleni zawo ngempela, kuthiwa usezadleni zesizwe.  Kodwa kubuye kube worse ke lokho ngesikhathi siya okhethweni bayijika ababhemu lendaba base beshaya umthetho weNgonyama Trust Act.

Ngifuna ukuthi kwasinika ke lokho eyaziwa izwe lonke kodwa okuhle kulokho engifisa ukuthi ngikusho Mphathisihlalo, ilokhu kokuthi sithe sesikubona okubi okonakele savumelana ngo elethu.  Lapho sesiphikisana lapha, kodwa sagcina sesivumelene ngo elethu.

Saze sawu-demonstrator loko kwamanye ama-Province silapha e-Cape Town, sasinabo oMhlonishwa uMphemphethwa, uMhlonishwa Inkosi uKhawula ngesikhathi ama-Province onke ekhona.  Siwakhokhasa before umhlangano uqale.  Sithi madoda thina KwaZulu-Natal sesivumelene ningabe nisashintsha lutho la.

Lama amendment akhona sesivumelene ngawo ngempela kwathi uma kungenwa kwathiwa i-KwaZulu-Natal ithini, sathi no, sesivumelene sicela ningabe nisashintsha lutho.  Akuzange kushintshe lutho.  Lokho kwakha isifundo sokuthi siyakwazi ukwenza ezinye izinto ngokuvumelana.

Bonke nababenama-amendments abo babesebewabuyisela eceleni ngoba sasesivumelene.  Futhi kwakuthinta thina lokho siyakwazi ukwenza into...
[p26 ln 26 - p27 ln 25]

THE CHAIRPERSON:  Imizuzu mibili kuphela esele. 
[p28 ln 21]

MR S N MTETWA:  Hawu! kanjalo nje, ngithi mina okufanele sikwenzeke Mphathisihlalo ngoba awulicindezelanga iwashi.  Sekufuneka manje sicishe lesithombe esikhona sokucalulana engazukuthi i-ANC ayiwathandi Amakhosi athandwa i-IFP neNational Party into engalona iqiniso.

Sicishe isithombe sengathi Amakhosi azilwane oSavimbi into zabo ezifaka izibhamu ngala nangala ezinamehlo acwebezelayo.  Kanti nanka Amakhosi sinawo into zakwabo lezi uMhlonishwa uMathaba ehamba itoboze yonke indawo kube kuhle nje. [UHLEKO]

Inkosi uKhawula uMhlonishwa ngangithi uma ngizwa ngaye ngaphambili kutholakale engazukuthi into yakwabo njalo ihlale izihlekele uBaba awukaze umthole ethukuthele.  Sikwenze lokho ngokuthi simashe kanye kanye Mphathisihlalo lasiyosebenza siyo addresser fanele sikwenze ngokubambisana lokho.

Uyabona umangikhuluma ngokuthi ngo-1995 sasiqinisile and kwakusuka ngaphakathi kithina ngesikhathi simeme uMhlonishwa uNgqongqoshe uZuma, noMhlonishwa uNgqongqoshe uDokotela uZulu lapha eNtuzuma egroundini ka-G.  Simeme umphakathi wonke sithi abazo-addresser wona.

Kwakungemuva kwesivumelwane esasisenze neLindelani emva kwezingxabano.  Sasifuna ukuthi bayo-demonstrator lobunye ababekhulume ngabo, ngebhadi omunye waphumelela omunye wangaphumelela.

Ngithi mina kusafuneka siqhubeke sizenze lezozinto angisho ukuthi uma ngikhuluma ngeLindelani ngithi nginivusela ngoMshengu owashabalalayo.  [UHLEKO]  Ngisho enye into enhle esayenza naye esaphila engakashabalali esaletha ukuthula okwakukhona.

Okokugcina Mphathisihlalo kulamaminithi asele bengizothi mina uma sesisebenza kanye sizothola nethuba lokuthu kesisebenze lento yokungabikhona i-planning ekahle ezindaweni zaMakhosi.  Uyabona zonke izindawo zaMakhosi abavumi ukuthi kubenokuhleleka okukhona ezindaweni zabo.

Ngoba acabanga ukuthi engazukuthi kuthathwa amandla nendawo yawo.  Kukhona labo ababezwa ukuthi...
[p28 ln 23 - p29 ln 11]

THE CHAIRPERSON:  Imizuzu yakho seyikuphelele Nyambose.  
[p30 ln 3]

MR S N MTETWA:  Betterment scheme bengikhuluma ngalokho.  [Betterment scheme, that is what I was talking about]. 

THE CHAIRPERSON:  Ayi sikuzwile,  [Yes, we have heard you]. I now wish to call upon the hon member Mr Nel to address the House for five minutes.

MR W U NEL:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, cha namhlanje sesibona umkhuba omusha kanti kulendlu lapha kuleqembu le-ANC ngoba sesibona ukuthi amathuba senikezwa amalunga angafuni ukusho lutho.  Angazike ukuthi siyo-divider kanjani.

Kodwa khona into engilimazayo nengiphatha kabuhlungu kulelizwe lakithi.  Ngokubona kwami akukho lutho okwehlisa isithunzi sobuKhosi, isithunzi samasiko kaZulu okudlula lokuphikisana phakathi kwaMaZulu.

Iyona into eyehlisa isithunzi sokuhlonipha ubuKhosi namasiko akaZulu.  
[p 30 ln 5 - 15]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngithi angizibongele Sihlalo, nendlu yakho ehloniphekileyo.  Ngibonga kakhulu inkulumo kaMhlonishwa nemizamo ayenzayo emnyangweni wakhe ukubhekela izindaba zaMakhosi nezemvelo.

Ngifisa ukubonga Amakhosi abekwe ngaphambi kwami ukuthi agcizelele ngobuKhosi ukuthi ubuKhosi buhambisana nenhlonipho nobuntu.  Ngakhoke ngicabanga ukuthi zimpawu ezinhle lezi ezimele lobuKhosi.

Bengithi ngizophendula ilunga elihloniphekile ka-National Party uMnumzane u-Redinger lapha athinte khona ngomthetho ka-1992 owashawa uHulumeni waKwaZulu.  Ukuthi lowomthetho uma uwubhekisisa ekugcineni izinqumo ezithathwayo zinikeza abantu naMakhosi.  

Laba abathintekile ukuba bathathe izinqumo nokuguqulwa noma ngabe bethinte umhlabathi wabo.  Kodwa ayi batshelwe ukuthi abenze ukuthi benze ukuthi.  Ayikho into ehlupha njengaleyo ukuthi sitshelwe noma sinikezwe imiyalelo besengathi thina asinawo umqondo wokubona izinto, nokukhuluma ngezinto.

Bengifisa nje Mphathisihlalo ukuphawula ngendaba yendlu yaMakhosi ngokuhambisa komthetho sisekelo.  Ukuthi nxa ubuka umthetho sisekelo Mphathisihlalo lo ka-1993 unikeza ukuba oHulumeni bezifunda nabaZwelonke baphoqeke ukwakha indlu yaMakhosi.

Uma ubuka lomthetho sisekelo umusha osanda kushawa ophumile okade ujayivelwa kulezinsukwana.  Ubeka ukuthi izindlu zaMakhosi zingakhiwa nxa kuthandwa ngihlushwa into eyodwa Sihlalo, nxa ulalela amalunga kuwona wonke amaqembe kwezombusazwe akhombisa izimpawu zokuwathanda Amakhosi nokusekela ubuKhosi.

Kodwa uma sengixakwa ukuthi kungani pho sibekwe emseni ukuthi nxa uthandwa zingakhiwa izindlu zaMakhosi.  Ingozi leyo Mphathisihlalo, ingozi enkulu leyo Mphathisihlalo.  Ngixakwa futhi nxa ubuka umthetho sisekelo Interim Constitution iyakhombisa ukuthi izindlu zaMakhosi zibekelwe ukweluleka uHulumeni.

Ngoba angiboni nophawu olulodwa lapha eziyingozi khona kuHulumeni.  Lapho kungase kusatshwe khona bese sibekwa emseni wezombusazwe kuthi nxa kuthandwa zingabakhona izindlu zaMakhosi.  Ingozi leyo Mphathisihlalo.

Ngicabanga ukuthi ake ngithinte okunye Mphathisihlalo, okuthinta ukuthinteka kwaMakhosi kwezombusazwe.  Abantu bayathanda ukukhuluma ngathi singaMakhosi kube sengathi asinamlomo Mphathisihlalo.

Njengoba ngikhuluma ngikhuluma ngoba nginomlomo, angikweletu muntu uma bekhuluma, bekusho lapho bekusho khona.  Kodwa ngicabanga ukuthi asinekezwe ithuba lokuthi sixoxe ngabo, asibonisane ngalokho.  Asinganqunyelwa sinqunyelwe ugwayikatiki kuthiwa asifunakali kwezombusazwe.

Kodwa nina nibe ningabantu bethu ngokwesiko, nemvelo ningakhulumi izindaba zombusazwe, ngithi ukuphambanisa izinto lokho Mphathisihlalo.  Ake ngishiye kancane Mphathisihlalo ezindabeni zobuKhosi.  Bese ngingena okuthinta uMhlonishwa wezemvelo.

Ngajabula Mphathisihlalo nxa umnyango lo ulumbaniswa nokaMhlonishwa uNgubane.  Ngoba nxa ngihlanganisa ezemvelo namasiko kuyizinto ezicishe zihambisane.  Ngiyathanda ukubonga inkulumo kaMhlonishwa nokusebenza komnyango wakhe kwezemvelo ukuthuthukisa umphakathi.

Ekuqaleni Mphathisihlalo, besazi ukuthi ezemvelo bekuyizinto zabamhlophe.  Mina lapha ngokwakha ngakhe lapha eHluhluwe eduze nesiqiwi.  Bekunezindawo ebesazi ukuthi kungena abamhlophe kuphela, thina asinalo ilungelo.

Kodwa kuyasithokozisa nxa umnyango usuphethwe uMhlonishwa Inkosi uNgubane sekunezinguquko ezikhona, zokukhombisa ukuthi nathi sineqhaza esingalibamba kwezemvelo.  Sengikunginikeze umqondo ovulekile Mphathisihlalo ukuthi ezemvelo zingenza okuthize ekuthuthukiseni izimpilo zabantu.

Kwezomsebenzi, umsebenzi onesiqiniseko Mphathisihlalo ukuthi akukho kuguquka mhlawumbe ukuphuceka kwelungelo lokusebenza.  Ngoba uma imvelo isekhona kusho ukuthi umsebenzi wakho usekhona.  
Ngithokozile nxa uMhlonishwa ephawula ethi kukhona ukusungulwa kwesikhwama somphakathi, ukuthuthukisa umphakathi.  Kunikeza thina ngoba lapha kulezindawo zasemakhaya asinazo izindawo zezizinda zemisebenzi, esingabala iTheku, ngibale o-Richards Bay.

Kepha asinakho lapha emakhaya yiyo lendawo eyindalo eyingcebo yemvelo ngakho iyisizinda sezomnotho kithina.  Nxa uzokwazi lomnotho uguqulwe ukwazi ukusizakalisa thina mphakathi ohluphekayo lapha ngikushayela ihlombe lokho.

Ngiphinde ngikushayele ihlombe Mphathisihlalo okushiwo uMhlonishwa uNgqongqoshe nomnyango wakhe wezemvelo ukuba sesizoba neqhaza nathi lokulawula eziqiwini ukuphathwa nokuthuthukisa kweziqiwi.

Ayikho into ehlupha Mphathisihlalo into ebeyenzeka ngokwedlule lanxa ubuka ubone kuhamba obhejane, ubhejane nxa udayiswa enkulu imali.  Nginalesizwe enginaso umangase ngidayiselwe wona singanda isizwe.

Ngakhoke kuyangithokozisa Mphathisihlalo ukuthi sesizoba nezwi, sesizoba nokuphawula ekuphathweni kweziqiwi ezikhona eduze kwethu.  Kunezinhlelo ezenziwayo lapha ngeziqiwi zokuxhumana ngomphakathi.

UMhlonishwa uNgqongqoshe azibekile enkulumeni yakhe enye yezinto okufanele sizishayele ihlombe thina bantu esakhelene nalezindawo.  Okokuqala kuyakhombisa ukuthi zimpawu zokwakha nokuguqula isimo ekade sikhona njengoba ngike ngaphawula Mphathisihlalo.  Ukuthi isimo ebesikhona bekuyindawo yabamhlophe kuphela.

Sazi ukuthi ume uke wangena unemabala elimnyama uzofike uboshwe kuphela akukho okwakho, bese kuthiwa usuntshontshe intibane ngoba siyayithanda intibane.  Ngakhoke Mphathisihlalo nxa kukhona lezinhlelo lezi ezakhiwayo nezikhona emnyangweni kaMhlonishwa sokwenza kubekhona ukuxhumana nokubambisana phakathi kweziqiwi nathi kufanele sikushayele ihlombe lokho Mphathisihlalo.

Kusenza sikholelwe thina esiseduze neziqiwi ukuba khona kweziqiwi Mphathisihlalo, kuyinkomo ehlale igwanse njalo embele yayo ivuza ubisi okufanele siyiduvuze nje sedlule nathi kuze kuqhamuke izizukulwane ngezizukulwane.

Ngisho ungakubabaza lokho ngikusho ngoba kukhona ngoba phela nxa kusekhona iziqiwi kusho ukuthi kukhona abavakashi abafikayo ezindaweni abaletha umnotho lunga elihloniphekileyo.  Ngaleyondlela bese sizuza thina njengesifuna nabantu abakhele isifunda.

Nalokho futhi Mphathisihlalo ngicabanga ukuthi kuhle nalokho ngoba kukhombisa ukuthi ngezikhathi ezithize sibuye sidle izimvubu sibuse.  [UHLEKO]  Mphathisihlalo, bekuyilokho ebengifisa ukukuphawula kulomnyango kaMhlonishwa ngikhathazeka ukunqanyulwa kwezimali yebo ngizwile ilunga elihloniphekileyo ukuthi kuzanywe ukubhekana nesikweletu.

Akungabhekwana nesikweletu ukuthi kucindezelwe thina.
[p32 ln 2 - p34 ln 11]

THE CHAIRPERSON:  Mibili imizuzu esele Ndabezitha.  

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngiyathokoza Mphathisihlalo, okunye engake ngakuzwa ezindabeni komabonakude la kukhuluma khona abantu basemalokishini ngaMakhosi nxa bekhuluma ngokuthi yini umnyango kufanele unikezwe izimali bese kuthiwa ayi owaMakhosi awunikezwe imali encane nje.

Ngoba kubonakala ukuthi singabantu aba-useless Mphathisihlalo, kodwa uma ufuna ukulungiswa waza eNkosini yaseMdletsheni uyofike ukuthole lokho.  Ngiyathokoza Mphathisihlalo.
[p36 ln 10-15]

Ngifisa ukuthi Mphathisihlalo ukuba ngikhulume ngodaba oselusihluphe kakhulu lolu lokuthi ezindaweni zaMakhosi abantu abakwazi ukwakha izindlu ezinhle ngenxa yokuthi izimali emabhange abakwazi ukuzithola.  Bekungakuhle loluhlelo ke luqale emaplazini ngoba kunabantu abahlala emaplazini abasenza khona.  Akesibuke abelungu laba abanamaplazi amaningi namakhulu kebanikeze abantu abahlala khona amatayitela kuqala.

Kesibone loluhlelo lokusebenza lungakwazi yini ukusebenza, akesiqale silibuke emaplazini kuqala bese kubuyake kuzangapha ezindaweni zaMakhosi.
[p39 ln 23 - 27]

MR M B GWALA:  Ngifisa ukuthi ukuqhubeka ngisho Mphathisihlalo ukudabuka ukuthi kusekhona abantu layindlini abasathi nxa bekhuluma ngaMakhosi, Amakhosi kungababusi bezwe abamiswa uNkulunkulu kubekhona ukukhuluma okubi okubiza ukuthi isinqumo esathathwa Amakhosi kuthiwe laba ababhemu.

Ngakhoke ngithi ilunga elihloniphekile uMnumzane uMtetwa ngimazi ngokuthi ungumuntu waseNdlunkulu ebaluleke kangaka uyabaThethwa akhulume ngegama elibuhlungu kanje athi Amakhosi ababhemu.
[p 40 ln 4-7]

MR J D MKHWANAZI:   Ngiyabonga, Baba Sihlalo.  The PAC as the true Africanist organisation recognises in toto the role and the contribution played by Amakhosi in defending this land.  They were the first ikhala lempi nokuba siyakhuluma namhlanje ukuthi sinezwe lama Afrika Amakhosi ama ngezinyawo alwa nabantu bawo bevikela lelizwe.  Ngakho thina be-PAC siyaku-supporter Nkosi uNgubane nevoti lakho lalomnyango.

Mzukwana saba nevoti eliningi ama Afrika avuka ebuthongweni abuleleyo siyolishintsha naleligama okuthiwa i-Traditional Leaders sithi this ama-Royals lababantu ubuKhosi.  Ukuthi Traditional Leaders ukuthi umuntu omdala wayekhona ehola ewumholi.

Sithi thina lawa Amakhosi, ubuKhosi lobu bala e-Afrika obabekwa uSomandla.  Ngidlule lapho Mphathisihlalo, ngithi we reject in toto the notion that Amakhosi were invented or whatever, installed by the colonial and the apartheid regimes. 

Amakhosi Amakhosi emvelo okuzalwa.  Lezizinto zathi zifika i-Colonialism ifika la afika kune organised communities yona lena yakithi yayinempi nokuba nempi, amabutho ehlelwa ngokwemvelo.  Ngakhoke akuphele kuma Afrika lokukuthi kuthiwe Amakhosi ama-puppets alethwa uHulumeni wamaBhunu noma uHulumeni wabagqilazi.

Iyo lendaba sikhononda ngalomthemtho omusha we-Constitution entsha ukuthi awu into ekhuluma ngobuKhosi busale sebubekelwa  ngiyabona olayini abayishumi nambili.   Kodwa mhlawumbe nalapho likhona ikloba lokuthi mhlawumbe kunikelwe kubo abantu ukuthi ubuKhosi bakuvuse bakumise njengoba thina laKwaZulu sabuvusa sabumela.

Kwala abalungu sebethi Inkosi yethu u-Parliament Chief sama salokhu sithe Ingonyama.  Ngibuyeke endabeni eyingqikithi Mphathisihlalo engifuna siyilungise indaba yomhlaba naMakhosi namabhange nemali yokwebolekwa.

One, Amakhosi akulona iqiniso ukuthi Amakhosi iwona awobhombela kwesabo bomhlaba.  Amakhosi aphathele isizwe umhlaba, Amakhosi uma ufika uzocela indawo Amakhosi abiza isizwe usikelwe indawo kulesosikhala esisekhona sendawo.

Yebo ngiyakuzwa loku ukuthi Inkosi ingaxabana nomuntu ibise imxosha ayi into eyayingenzeki.  Esikwaziyo ukuthi endulo kwakuthi uma umuntu ethakatha ebulala abantu yayikhona into eyayisetshenziswayo ukuthi umuntu obulala abantu alungiswe ngaleyondlela.

Loko osekufika sekufika nepolitiki loku athi umuntu umangabe engezwani neNkosi useyaxoshwa endaweni, akuyona Inkosi leyo.  LeyoNkosi kufanele kuthiwe akuyona Inkosi isigebengu esihlezi phezu kwabantu.
[p40 ln 21 - p41 ln 14]

MR J D MKHWANAZI:  Kuleliminithi angisho ukuthi lento yokuthi abantu alinakuthuthuka izwe ezindaweni zaMakhosi kwenziwa ngoba phela ma-Afrika nani enilana endlini, amabhange kusengama-Colonial Bank akuwona awethu.

Abantu okufanele baphenduke amabhange anike abantu imali yokwakha ngoba umuntu uma esephiwe Inkosi indawo akanakusuka indawo yakhe lowomuntu.

Manje lamabhange okubi akuwona awethu amabhange abanye abantu basuke benika abantu imali ngoba leyomali iyolima.  Ayi ngoba iyosiza abantu isuke leyomali iyoqashwa isebenze ibhadalwe. 

Ngakho ke Ndabezitha akesikhulume sihlale phansi siyilungise lendaba yokuhlela komhlaba i-land tenure abantu bakazwi ukubhenefitha ezweni labo lomdabo abanikwa uSomandla bangabuswa indaba yamabhange abantu abahleli e-London nabahleli e-Merica.  Ngiyabonga Somlomo.
[p42 ln 12 - 20]

PRINCE G L ZULU: (Minister of Welfare and Pensions):  Mphathisihlalo ngifuna ukuzwakalisa ukuthi akubanga lona iphutha ukuba lomnyango uphathiswe Inkosi njengoba sikholelwa thina ebuKhosini.

Ngiyafisa ukuncoma ukuthi Inkosi lomnyango uwuphethe ngobunono nangesithunzi.  Ngiyafisa ukuzwakalisa kodwa ukungakhululeki kwami, nokungaphatheki kwami ngemizamo eyenziwayo yokuthi Amakhosi ehlukaniswe nezembusazwe.  Kungiphatha kabi lokho ngoba iwo ngqo Amakhosi alwa nabacindezeli bezama ukuhlithwa izwe.  

Amakhosi nemizi yawo nemizi yawo.  Ngiyafisa ukusho ukuthi ngiphatheka kabi ngoba Amakhosi ayisisekelo sobuKhosi baKwaZulu.  Lokho uma kuthiwa Amakhosi awasuke sibonile komakhelwane bethu lena eNyakatho Amakhosi eqedwa.  Sasibona isibhicongo esenzakalayo.

Manje asithandi ukuthi singafundi ezintweni esizibone komakhelwane.  Singafundi isifundi ukuthi kuyophinda nalapha kwenzeke lokho.  Akhishwelani Amakhosi ngoba aneqhaza alidlalayo ekuphathweni kwesizwe.

Yiwo laMakhosi aqondane ngqo nentuthuko ngesikhathi sobandlululo.  Yiwo laMakhosi acele imizi yawo ukuthi izisike izinqumo ingene ithi shi kwezentuthuko, yakhe izikole yenze yonke into eyintuthuko phakathi kwesizwe.

Ngiyazi Mphathisihlalo, ukuthi emazweni amaningi ase-Africa Amakhosi awasekho ikakhulukazi emazweni abuswa ngamakhomanisi ngoba ubukhomanisi abuhambisani nobuKhosi.

Ngiyafisa ukunika isixwayiso lapho ukuthi asisoze savuma thina ukuba kususwe Amakhosi kungeniswe amakhomanisi aphathe izwe.  Izwe leli abantu baKwaZulu balifela kwachitheka igazi labo.  UbuKhosi lobu baKwaZulu buwubuKhosi ngoba kukhona Amakhosi ngoba kukhona abantu.

Sibonile imizamo eyenziweyo ukwehlukanisa Inkosi yakwaZulu nabantu bayo neNdlunkulu uqobo, ukuthi lapho kwakungamaqhinga kaSathane.  Kodwa ngiyabonga ukuthi okumiswe uNkulunkulu akusoze kwashintsha.

Ngakho sibonile futhi ukuthi izwe leli laKwaZulu lithathwa manje ngomthetho sisekelo wezwe.  Ngiphatheke kabi kuThangi silapha kwaMadabuka e-Piet Retief kwaMthethwa labekuzomiswa khona Inkosi yakhona.  OkuyiNkosi yaKwaZulu, okuyiNkosi yaseNdlunkulu oKhokho bayo abamiswa Inkosi uMpande uqobo, ukuthi bayogada imingcele laphaya.

Ngajabula ngoba uMhlonishwa esasinaye lapho uMhlonishwa uMthethwa walibeka ngembhaba ukuthi ohe! oBaba Mkhulu babelethwe lapha ukuzobheka amaSwazi, namahlanje sekuthiwa Amakhosi akithi awabe ngamaSwazi, khona uchuku lapho.

Manje ke uchuthu lifunwa ukucishwa lisaqala.  Lelizwe laKwaZulu lidliwa ngokwemingcele ngomthetho sisekelo, ekugcineni iyosidalela imbhedu mehlwana.  Ebengicela ukuthi wonke umuntu onothando lokuthula, onothando loxolo akaqiniseke ukuthi izwe laKwaZulu alidlwengulwa ngoba alisiso isifazane.

UbuKhosi baKwaZulu abudlwengulwa ngoba abusiwo umuntu wesifazane.  Ngakhoke ngithi Amakhosi awayekwe aqhubeke nentuthuko nezizwe zawo.  Aqhubeke nokusekela ubuKhosi baKwaZulu.  Ngoba ubuKhosi baKwaZulu abafuni nobamaNgisi la u-Queen ezihlalele yedwa laphaya.  UbuKhosi baKwaZulu bunesisekelo, isisekelo sabo Amakhosi nemizi yabo, ngoba Inkosi iyiNkosi ngabantu.

Amakhosi ayingubo yokwembatha yobuKhosi.  Ngakhoke akuyekwe kulokhu kukhulunywa inishinishi kufihlwa kuthukuswa ugaba othuthwini, bekuqondwe enye into.  Mphathisihlalo, miningi imisebenzi eyenziwe uMhlonishwa uDokotela uButhelezi kulelizwe laKwaZulu.

Imisebenzi yakhe ekhulumayo kodwa ngiyabona ukuthi kukhona abakhathazeke kakhulu ngesikhundla lesi asiphethe.  Thina asinandaba angashiya nokuba uNgqongqoshe wezangaphakathi abuye azohlala la abe Inkosi yesizwe sakaButhelezi okuyingxenye yaMakhosi aKwaZulu.

Asilali thina siphupha izikhundla, isikhundla asinikwayo isikhundla esasiphethwe uNgqengelele esasiphethwe Inkosi uNdunankulu uMnyamana, esasiphethwe uyise omzalayo umkhwenyana waseNdlunkulu uMathole uqobo lwakhe.
[p44 ln 17 - p45 ln 25]

THE CHAIRPERSON:  Mibili imizuzu esele Ndabezitha.  [There are two minutes left, sir].

PRINCE G L ZULU: (Minister of Welfare and Pensions):  Yebo ngiyakuzwa lokho mfowethu. Ngiyacelake ukuthi asiyekwe isizwe saKwaZulu siqhubeke sizizame siziqhuthulele singabilokhu silengiselwa inoni elilephezulu esibakabakeni esingasoze salithola.  Ngiyabonga mfowethu.
[p47 ln 5 - 8]

REV C J MTETWA:  (Minister of Public Works):  Mphathisihlalo, nendlu ehloniphekile kuyakhuthaza kakhulu, kuyangithokozisa futhi ukuthi namhlanje ngizokhuluma ngenqubo yamdabu wakithi yokubusa ngentando yeningi.

Ngilalele kahle mntanami Makhaye ngoba ngikhulumela ukufundisa nina.  Intando yeningi yangempela ayi lena eyaseNtshonalanga eyafika nabamhlophe baphendulela yonke into belungisela ukusibusa.

Lokhu ngikusho ngempela ngoba ngiqonde ukuba sibeke isithombe esiyiso umlandu uyosihlulela kalikhuni thina MaZulu alayindlini ngoba konke lokhu esikukhulumayo kuyarekhodwa.  Siphambana abanye behla abanye benyuka sizama ukwakha amanga siwenze amaqiniso.

Ngizokhuluma ngobuKhosi ngendlela yokuphatha nokubusa ngentando yeningi.  Uma ngithi ubuKhosi ke ngifuna ningizwe kahle angisho ku-Chief ngisho ubuKhosi njengoba babunjalo bengakafiki abamhlophe.  UbuKhosi akuyona Inkosi siqu sayo kodwa ubuKhosi isakhiwo.

Lesakhiwo sibanzi kakhulu, sona lesakhiwo esimise Amakhosi isona esimese Izinduna, isona esimise iMikhandlu ebusa naMakhosi ukuphathwa kwezwe.  Esingatha ukuphathwa kwezwe nesizwe liphethwe ngentando yeningi.

Intando yeningi yakithi yomdabu ihamba kanje noma ngabe kwezinye izindawo isiyatshekatsheka kodwa uqobo lwayo iningi ilona elibeka Inkosi.  Ilona elibeka Izinduna umuntu ozoba Induna wenyulwa ibandla esigodini leso azosiphatha.

Inkosi imgcobeke njengoba esenyuliwe.  Umuntu obekwa ingxiwa ngesikithi ngoba imvamisa ulimu olukhulunywa manje kuthiwa Amakhosi abantu bokunika abantu amanxiwa.  Inkulumo e-wrong kakhulu ngesikithi, akukhoNkosi ebeka umuntu inxiwa.

Umuntu utholwa isihlobo sakhe noma umngane wakhe amubeke indawo amubike amethule komakhelwane.  Asiwe eNduneni, Induna ibuye izozwa ukuthi iqiniso lingakanani ukwemukelwa kwalomuntu, bese isa lolodaba eNkosini.

Inkosi ayimazi nalowomuntu mhlawumbe ayiyukuya nalapho ukuyobona nalelonxiwa.  Ikwemukele lokho iqiniseke ukuthi lelonxiwa sekungelakhe neNkosi lelonxiwa isiyolihlonipha sekuyitayitela lakhe.  Njengabantu abakhulele ezi-mission abazi ukuthi abantu lapha eMakhosini banamatayitela.

Umuntu owakhe endaweni yaMakhosi unetayitela elingathathwa kuye, indawo eyinxiwa likababamkhulu kuse elami nanamhlanje.  Ngoba lanikwa ubabamkhulu.  Bese bedideka laba abamhlophe ngoba bezwa ngathi bacabange ukuthi amaqiniso lawa esiwashoyo, kanti asisho yona indlela yakithi okuyiyona yomdabu ngempela ukuthi kuqhutshwa kanjani.

Ayikho Inkosi evele iphume iyobeka umuntu inxiwa, umuntu utholwa umhlobo noma umngani abekwe omakhelwane athulwe esigodini emukeleke.  Uma engavumelekile lapho bengavumi naleyondawo akakwazi ukubekwa izwi leziningi lelo.

Inkosi seyibusa ayiphumi iyoqhwakela esitulweni iyothetha amacala yona yodwa.  Icala lithethwa ibandla ngesiZulu, Inkosi besekuthiwa Nkosi liyamlahla lomuntu icala ibise ithi Inkosi luyakulahla icala ngoba sekusho ibandla.

Ayi ukuphuma nje yona ngokungazi isiZulu abantu basho zonke izinto ezingekho kungcoliswe inqubo yakithi endaweni yokungabe uma sesinabantu o-Advocate nabantu oThisha asebekwazi uku-modernise kumodanayizwe into yakithi ingene ivumelane nesimanje.

Basuke bayigxeke babhede.  Uma nithi ngiyabheda uzongifakazela uNgidi, uma siya la e-Eden - i-Eden yabakhonini ezindaweni zabathengi kunjani imijondolo. [UHLEKO]  Izindawo zabathengi akukho development lapho.

Lakwahlala khona abantu abathenga siyoko-Blaauwbosch, izindawo ezindala zabathengi uyofika kunjani ikhona intuthuko lapho?  Bese ngithi asiye koMsingathophi kubo kaMadondo ufike ubone intuthuko emakhaya, abuye azophika lapha azothi intuthuko ayikho emakhaya.

Ilapho izwe leningi elaliqiniseka khona ngempela umuntu sekukini omunye nomunye ukubona ukuthi phakathi kwalamazwi eningi omabili eliyilona ngempela eliyiqiniso iliphi ngaphandle kokuthi sazi ukuthi uma ukhuluma nge-democracy phela uzozwakala kahle kwabamhlophe sithenga ushukela cha.

Kufanele ukuba sikhulume into okuyiyo into yakithi futhi uma kufanele ukuba ilungiswe ivumelane nesimanje kodwa sisho yona njengoba injalo, singanciphisi singengezi.  Baningi abantu abadidekayo abathatha imithetho kaSomtseu bese bethi iyona mithetho leyo yomdabu wakithi kanti imithetho eyayishintshwa uSomtseu encikisela enzela ukuba kulingele ukuba basibuse.

uSomtseu owafika nokuthi Inkosi akube iyona ekhulumayo nje ingalaleli Izinduna akhiphe Amakhosi emakhaya, yayingayi Inkosi ekhaya ngesikithi.  Kwakukhona amadoda okwakuziwayo ukuthi uma kuloludaba luphathwa ubani.  Babona abelungu ukuthi asizukulunga.
[p48 ln 27 - p 50 ln 12]

THE CHAIRPERSON:  UMhlonishwa unemizuzu emibili esele.  [The hon Minister has two minutes left].

REV C J MTETWA: (Minister of Public Works):  Ngiyabonga Baba, mina ngibuyele ekuthenini lapha udaba lolu lokuphathwa owomdabu olunayo ingozi, alunayo futhi inkinga.  Inkinga yithi nje kuphela ngokuthi sizalwe abaningi singasakwazi okuyikona kona ngempela.

Yathi iqala lendlu Mphathisihlalo, ngenza isiphakamiso semukelwa ilendu yonke ngathi ngicela ukuba kube nosuku oluzoba ikhokhasi yalendlu yonke sizoxoxa ngathi sazane ngempela yavuma lendlu kuze kube inamhlanje akukaze kwenzeke lokho.

Ilezizinto solokhu sakhuluma siyemuva phambili nodlame lungayukuphela kulokhu kuqanjwa amanga kushiwo yonke lento.  Ake sizilungise la ngasenza lesosiphakamiso simile ku-Hansard ukuthi yavuma lendlu ayikabibikho leyokhokhasi ngaphandle kwaleyokhokhasi kusayolokhu kuduma opotiyane lapha kukhala izigubhu, neziginci.

Sithi size ePhalamende size ekhonsathini.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[p52 ln 3 - 14]

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga Nyambose.  Our next speaker will be the hon Mr Jeffery who will speak for ten minutes.
[p52 ln 26]

MR M M MACKENZIE:  Mhlonishwa Mphathisihlalo, asoxolela izinkankane kakhulu manje ziqala ukunkenketha ngalephesheya.  Bengicela ukuncoma Inkosi uNgqongqoshe uMbomvu ngomsebenzi owenziwe nguye ne-Department yakhe, kanye ne-document lena ethulwe namhlanjena nguyena siyambonga kakhulu sonke.

Bengicela ukusho ukuthi okusobala la okubonakalayo kungathi Amakhosi ayagqilazwa ayahlukumezwa ngoba yiwowona abusayo ngaphandle kwabanye abafisa ukubusa khona.  Ngithi mina asibuzi ngani kulaba ababuswa Amakhosi ukuthi bona bakhethwa ukubuswa ngubani.

Mina ngiyosuke ngibe phansi imali yami ngithi impendulo yosheshe ikhombise laba abafisa ukuthi kukhethwe ozobusa abantu ezindaweni zaMakhosi yibobona abazohlulwa nya.  Ngoba yibobona abantu esingakababuzi bona ukuthi bafunani, kodwa la sikhuluma ngathi ithina esazi yonke into.

Uma sibuza Amakhosi sibuza Amakhosi ngoba sicabanga ukuthi mhlawumbe yona Inkosi ayifuni ukugudluzwa kulesosikhundla sayo.  Iholo leNkosi ugwayi katiki into encane kabi laphana engasuke iholwe umuntu oshayela imoto.  Kodwa leyoNkosi iyona ephethe abantu bayo.  Bengicela ukudlulake ngingene ku-environment ngesingisi.
[p62 ln 23 - 33]

INKOSI N J NGUBANE: (As Minister of Traditional and Environmental Affairs): Iyayithola Ingonyama inkece engathi uyazi nje nawe ukuthi iyahola Ingonyama.

Ngingalivumela futhi ilunga elihloniphekileyo uBaba uMkhwanazi laphana umangabe ekhuluma ngokuthi ubuKhosi ngempela akuyona into eyafika nalaba abamhlophe.  UbuKhosi bafika bukhona ubukhosi, Amakhosi kufuneka ahlale ekhona njalo.

Noma ekhala maqondana nomthethosisekelo lo omusha ngendlela Amakhosi owaphethe ngayo.  Mangidlula lapha ngiya kwilunga elihloniphekile uMnumzane uGwala naye futhi uphawule kakhulu ngalokhu waze wancoma nenkulumo engayibeka laphana kwi-International Conference of Traditional Leaders eMtata ngoba laphayana abantu abaningi.
[p75 ln 19 -25]

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Sihlalo, nendlu yakho ehloniphekile angibonge ukuba ngikhulume emva kwaSihlalo wale-Portfolio yale-Safety and Security uMnumzane uCele.  Sengimuzwile egandavula ngamuzwa khona izinto azikhulumayo ezinye mina engizizwayo mayezikhuluma engeke ngiphikisane nazo.  

Ngoba phela umuntu uma ekhuluma iqiniso kufanele umuzwe ukuthi kukhona akukhulumayo okuzwakalayo, ungamphikisi noma ekhulume okufanele.  Sihlalo, nje okokuqala angimbongele uNomafu ophathiswe lezi ezokuphepha kulesifundazwe saKwaZulu-Natal Inkosi uNgubane.

Ngoba ngicabanga ukuthi akekho ongazi ukuthi uNdunankulu walesisifundazwe uNgubane ubenobuhlakani obuhle bokuthi akhethe umuntu oyiNkosi nowaziyo ukuqula amacala nobhekayo owaziyo ukuthi abantu bahlupheka uma kunjani.  Futhi angicabangi ukuthi kulendlu kufanele uma kukhulunywa kube khona umuntu ozophikisa Inkosi, Inkosi isho ithi abantu kufanele baphathwe kanje namaphoyisa aphathwe kanje.  Lowomuntu angakhomba ukuthi akahloniphi.

Sihlalo, ngithanda ukuba ngikhulume uma ngikhuluma ngokukhulu ukucophelela ngikhuluma ngalomnyango.  Sihlalo, sekunokukhulu ukuhlupheka komphakathi kulelizwe ongenawo amagxalaba ongakwazi ukuzivikela uhlushwa ilabobantu abanamagxalaba abakwazi ukuhlukumeza omunye umuntu kungabindabazalutho, ngoba benezidladla.

Thina esibancanyanyana umuntu udlula kungabi zindaba zalutho udonselwe nasezinkantolo kungabi zindaba zalutho ngoba phela awunazidladla.  Sihlalo, kuyiqiniso ukuthi namhlanje isikhalo esiningi wonke umuntu ubheke ekutheni amaphoyisa anamaphutha, amaphoyisa anamaphutha.  Kuboshwa abantu ngapha ababophe amaphoyisa basiwe eziteshini zamaphoyisa bayogqunywa.

Kukhohlakale ukuthi umsebenzi wamaphoyisa udicilelwa obani.  Ngithanda ukusho kusihlalo wami uNdosi ukuthi asikhumbule ukuthi osopolitiki abona umsebenzi kakhulu wamaphoyisa.  Ngikhuluma ngezinto engizozisho bazivume ezinye, ezinye baziphike.  Ngithi amaphoyisa ayawenza umsebenzi ababophe abantu baye eziteshini ngalobobusuku kuboshwe labobantu uyaphuma uJJ uyakhona ePolice Station uthi akodedelwa labobantu ababoshiwe.

Impela amaqiniso lawa engiwashoyo, abaphume abaHlonishwa akuyona inkolelo yami ukuthi umuntu ema eyi-Minister ewuMhlonishwa ngimhlambalaza angifuni ukuhlambalaza.  Kodwa nginabo lobobufakazi ukuthi kukhona ama-Minister asukayo aye ema-Police Station athi abakhishwe labobantu ababoshiwe.

U-JJ ngimbiza nje ngoba uzakwethu silapha phansi, kuna-Minister akhona engingafuni ukuwahlambalaza ukuthi uma kuboshwe abantu be-ANC akulalwa ngalelolanga beya ema-Police Station bafike bathi akadedelwe usibani bani, amaqiniso lawa engiwakhulumayo.

Ngithi mina umsebenzi wamaphoyisa fanele kuthi uma siwagxeka siwagxeke sazi ukuthi nathi thina sopolitiki sinawo amaphutha okuthi amaphoyisa angakwazi ukusebenza ngokukhululeka.

Somlomo, nendlu yakho ehloniphekile Sihlalo, ngithi mina njengendoda endala lesifundazwe sonakala ne-South Africa yonke yonakala mhlazane kuthiwa khona inhlangano ethi iyi-ANC ibise izibiza ngePopcru.  Ngoba iziteshi lezi ezikhona zonke zigcwele u-Popcru.  Uma uyovula icala emaphoyiseni uzofika esiteshini kugcwele i-Popcru.

Le Popcru nali idokethi kufanele kuyaphunywa kuyoboshwa usibani bani angeke ayekoboshwa.  Sihlalo, ngikhuluma ngobufakazi bokuthi kuvulwe amacala e-Stoffelton, kuvulelwe omunye we-Popcru osebhaxa laplanti emahlathini Kangaroo Court.  Kwafa abantu kwabulala abantu avuliwe amacala kuze kube inamhlanje akaboshiwe, akavalelwe ngoba amadokethi aphethwe i-Popcru.  Angisoze mina David Ntombela ngikhululeke uma iziteshi zamaphoyisa ziphethwe inhlangano ethile.

Amaphoyisa kufanele abe-neutral angabi inhlangano ethile, ngoba ikho kukhona ukungcola naloludlame olungaka.  UMhlonishwa uNdunankulu ehlangene noMhlonishwa uZuma, nama-Minister onke basemzabalazweni omkhulu wokuba i-IFP ne-ANC kuboniswane kukhulunywe amaqiniso.

Uma lamaqiniso angezukukhulunywa kuthiwe inhlangano ethile iyona engamele amaphoyisa i-Popcru, bese kuboshwe abantu badedelwe ngoba beyi-ANC, bakwethu ngeke kuze kube khona ukuthula.

Sihlalo, nendlu yakho uma sikhuluma ngezokuphepha ngicabanga ukuthi uMntwana wakwaPhindangene owuMongameli weqembu le-IFP eminyakeni eminingi edlule evumelene naMakhosi esifundazwe saKwaZulu-Natal, ngalezizinsongo zokuhlasela zokuthi uzobulawa, kubulawe nezindlu, inkantolo zaMakhosi, kushiswe nezikole.

Wakuzama uMntwana ngesikhulu isibindi ukuthi kubekhona abantu abazoqeqeshwa ukuba bavikele ama-Minister, bavikele izakhiwe kuvunyelwe Amakhosi lokho.

Bahamba labantu bayoqeqeshwa kodwa iyonanyama ebidliwa namathambo ayo, kukhulunywa ukuthi uMntwana wahambisa abantu wathi abayoqeqeshwa. Beqeqeshelwa ukuthi bayobulala abantu okungelona iqiniso kodwa namhlanje Sihlalo, kuvelile ukuthi ngempela okwakushiwo uMntwana likuvezile iPhini likaMongameli ukuthi zazikhona lezonhloso zokuthi akabulawe uMntwana.

Kwakukhona, ikuphi lokuphepha esikhuluma ngako, ngoba wayebhulile uMntwana ukuthi kufanele kube khona abantu abazophephisa abantu abangenawo amagxalaba.  Wakwenza lokho kodwa wagxekwa, ngithi namhlanje Ndosi mfowethu asiphumele obala njengabantu bandawonye, siphumele obala simsekele uThabo Mbeki oshilo ukuthi ikhona leyo mzabalazo okwakuthiwa akabulawe uMntwana wakaPhindangene.  

Sikusho nathi be-Province ukuthi siyavumelana ukuthi yayikhona leyonto singayifihli ukuze noMntwana inhliziyo yakhe igezeke, nathi be-IFP sigezeke, ngokuthi kwakungeyouna inhloso yokuthi kwakhiwe abantu izigebengu ezizobulala abantu.  Kwakungabantu abazobulala abanye abantu.
[p87 ln 27 - p89 ln 14]
MR T D NTOMBELA: (Whip):  Sihlalo, Mhlonishwa noMafu, ngithi akukabi ngoba kunamalunga amaningi e-IFP agcwele emajele, awavunyelwe ukuthi athole i-bail agqunywe emajele ngikhuluma nje.  Omunye we-ANC obulele umfana ilunga le-IFP e-Donnybrook uKhathi, wahlala izinsuku ezimbili ejele wanikezwa i-bail.

Abe-IFP abakhonjwa ngomunywe kuthiwa asaphenywa amacala abo okunanamhlanje babhadle emajele.  Ikuphi lokuphepha bakwethu esikhuluma ngakho noNdosi ukuthi kufaneke kubekhona ukuphepha.  Akube khona ukuphepha kuwona wonke umuntu, kungabi khona ukuphepha ngaku-ANC, ngaku-IFP kungabibikho ukuphepha.

Ngithi asivumelane ukuthi uNdosi sihambe naye sithi eziteshini abadedelwe abantu be-IFP baye ngaphandle.   Impela ngithi mina abadedelwe abantu be-IFP.  Ngoba bakwethu kungesize Sihlalo, ukuthi sikhulume ukuthula ngapha phakathi kuka-IFP no-ANC ngale ngasebusuku banyonyobe osibani bani o-JJ nabanye bayothi abangcindezelwe abantu be-IFP bangadedelwa ejele. [UHLEKO]
[p91 ln 10 - 17]

MR T D NTOMBELA: (Whip): Impela Sihlalo, ngithi njengomuntu osemdala ngithi ngicela uNdosi ayizwe kahle lento ukuthi sivumelane sihambe neNkosi uMlaba siyokhulula bonke lababantu abagcwele emajele be-IFP baphume. Ngiyathokoza.
[p91 ln 27 - 28]

MISS M XULU:  Mhlonishwa, Sihlalo nendlu ehloniphekile okwami ukubika namhlanje, ngithi angibike ngezehlo ezikhona eMlazi eziqale ngeSonto.  NgeSonto kwakuyogcotshwa iziko le-IFP esigcemeni eMlazi sakwa-H.  Uma sesibuya lapho, abasuka endaweni yakwa-H iziko laligcotshwa kwa-V section.  Uma abakwa-H sebebuya lapho kwa-V kwaba nesehlakalo sokuthi bafike sekukhona iqembu noma iqeqeba labantu abathile ababeshaya itoyitoyi.

Nalaba ababefika abethu babeshaya itoyitoyi, bacabanga ukuthi kuyahlangatshezwana ngaletoyitoyi kuyajatshulwa, okwabamangalisa ngamaculo abathi bezwa ngawo ukuthi hawu kanti kuyaliwa. 

Mphathisihlalo Mhlonishwa amaculo ayethuka umholi weqembu leNkatha, ayethi umholi weqembu leNkatha ngesikhathi abanye beboshiwe besemajele belwela inkululeko umholi wayexukuza amajuba.  Ijuba-ke ileli eliphuzwayo engikhuluma ngalo, ilokhoke okwadala impi.

Noma laba abethu babeziphathele izinduku namahawu bezwa sebedutshulwa babaleka ngoba kwakuyintsha le yabaleka yayokhosela la kwakukhona khona abantu abadala.

Engiqonde ukukubika keMhlonishwa ukuthi lempi indala kaKhongolose neNkatha abaholi bethu beNkatha basifundisa ngokuthi asithule, sihambe sikwehlisele emazingeni aphansi lokukuthula.  Uma kufika phansi kushayisana nabaphansi kwi-ANC angazi ukuthi sizokwenzenjani iqhathwa ngamaKhansela lempi.

KunaKhansela amabili ele-ANC elakhethwa nge-ballad paper okuyi-Ward Council, neKhansela elangena nge-party list ye-IFP.  Elika ANC lithi kubantu lo akufanele ukuthi anitshele noma yini, akufanele enze umhlangano, uma enza umhlangano nimdubule.

Akalona iKhansela lo uyinto yalapha kwi-Chamber yetiye kuphela.  Uma ke abe-IFP bethi baya khona kuyo phela i-Ward Council ngezidingo zabo, ifike ithi lali-form woza no-R12 joyina. Babuyela emuvake beze kithi ukuthi kanti ngoba thina asinaKhansela nithi asenze njani.

Ngizamile isikhathi esiningi ngithi asixhumane nabafowethu uMagaye ngaphesheya silungise loludaba, nomfowethu uDlamini silungise loludaba ngaze ngafika nakuMsholozi ngithi nantu udaba luzoshisa imizi.  Alulungiswe ngoba mina ngihleli khona ngiyabona, akuzange kwenzeke kuze kwenzeka ngoba sekuphuma izidumbu izolo.

Yikhoke ngithi ngaphambi kwakho konke lokhu angikubike ngoba kungiphethe kabi, kuphethe kabi umuzi waseMlazi, asisodwa isidumbu Baba, besisodwa izolo zikhona eziphumile futhi.  Ngakhoke lendlu ngicela ukuthi ikuthathele amanyathelo lokhu. 

Ngo-December ngabika la kuvele esinye isehlo eMlazi kwa-C Inkatha yayiyokuba ne-rally yayo yavinjwa uKhongolose egovoze ngezingovolo zakhe zezibhamu.  

UMsholozi ngakubeka emahlombe akhe endlini ukuthi sicela ukuthi uMsholozi aye kubantu athi sekuguqukiwe manje, asisalwi manje sesithule kuze kube nanamhlanje umhlangano uMsholozi njengomholi ka-African National Congress wayethembisile ukuthi uzokwenza umhlangano phakathi kweqembu leNkatha nabakhe akaze wenzeke, Mhlonishwa Mphathisihlalo nanamhlanje.

Sizamile izolo, ngibabonga ozakwethu uMhlonishwa uCele, noMhlonishwa uDlamini, noMhlonishwa uBaba Mthiyane nami ukuhlangana sithi sixazulula inkinga.  Okwayizolo besithi sikunqandile okubekubi sesibuyela kubantu bethu ngokwehlukana sifike abethu bethi izimpahla zabo sezithathiwe, izicabha sezibulewe ezindlini akwenziwe njani uma kunjalo.

Sase sithi cha akesibone bona abaHlonishwa sihlangane futhi ukuthi nakhu esesihlangana nakho, sehlulekileke uma sesiya kubaHlonishwa babalekile impela.  UDlamini uthe nje ngimqhatha nabantu nabantu wabaleka kuze kube imanje akakangibuzi ukuthi njengoba bengithi asikhulume kwenzekeni.  Okwenzakele lapho sicele amaphoyisa ukuthi awaphelekezele abantu abase laphaya okukhalwa khona isililo.  Ahamba amaphoyisa afike akhonjwa ngezibhamu emehlweni kwathiwa nje azosakazwa ubuchopho awaphele la ngoba ahamba nabantu be-IFP.

Angazike Mhlonishwa ukuphepha lapho ukuthi ukuphepha ezweni  kukhona yini.  Okungiphatha kabi ngesikhathi sivota sonke sasinethemba emva kokhetho sithi siphuma ekucindezelweni sasazi kahle ukuthi isono sethu sasicindezelwe ngebala lethu elimpisholo.  Kodwa Sihlalo, okwamanje kudlula lokho ngoba sekuyimpi yepolitiki kwabonakala ukuba amandla anikwe izifunda, anganikwa izifundwa, kodwa amandla aqhoqhobalwe phezulu uMhlonishwa ePitoli.

U-State President uzolishiya izwe libila ekungcoleni, uzothatha impesheni Mhlonishwa.  Izigebengu zicasha ngenhlangano ziyazi ukuthi noma zingenzani ngeke zinqunywe, kuthiwa ilingelo lazo lelo noma zingenzani.  Thina ke be-IFP asisoze sakuthola ukuphumula sishawa sibulawela ubunhlangano bethu abebebhala umthethosisekelo abawacabangelanga ama-Provinces ukuthi akhelwa abantu abehlukene abaphila impilo engafani.
[p 99 ln 16 - p1-ln 27]

THE CHAIRPERSON:  Sekusele iminithi elilodwa.  [There is one minute left]. 

MISS M XULU:  Kodwa wonke lomuntu akakutholi ukuphumula.  Mpathisihlalo ngiyabonga uma sekusele iminithi elilodwa kodwa ngithi angigcizelele ukuthi ngeke ngidlale ngeNkosi yaseMabovini njengoba isesihlalweni seSafety & Security.  Ayinawo amandla, amandla aphezulu aqhoqhoshelwe indoda lelapha phezulu.

Ngizocela kuMagaye mina Usihlalo ukuthi chabo ngoba ngike ngizwe ngabezindaba bethi ungumphathiswa wezamaphoyisa, ababonisane phela ekuhleni ukuthi kungakuhle ukuthi amandla abuyiselwe ezifundeni, ngoba izifunda izona ezozinqumela yizona ezizobhekana nokuphepha kwabantu endaweni yabo.

Ngeke ngidlale nge-department yamaphoyisa kakhulu ngiyakuzwa okushiwo uMagaye okunye ngiyavumelana naye, ngoba eMlazi izolo sithe umasifuna usizo kwathiwa laphaya ku-Charge Office ayikho i-equipment efanele yathathwa umphathi okuthiwa u-Superintendent Sayer uyena owaziyo ukuthi wayinika bani.  Kuze kwadinga sishayele eThekwini kwa-Deputy Commissioner ukuze sithole amaphoyisa lawa obekuthiwa azosakaza iziphongo ngenhlamvu.

Ngakhoke uma amandla esaqhoqhotshelwe phezulu, uma uMhlonishwa u-Minister engaka kwazi ukuhlela no-Commissioner ayikho into eyolunga la kwi-Province yethu.  Ngaphandle amandla aze adedelwe anikezwe u-Commissioner ukuthi uphathiswa u-Minister, u-Minister wakwazi ukuzihlelela.

Siyojabula uma kungenzeka lokho, ngiyakuzwa lokho okushiwo umthethosisekelo wakho.
[p102 ln 13-28]

THE CHAIRPERSON:  Isikhathi selunga sesiphelile.  

MISS M XULU:  Ngiyabonga Sihlalo bengithi ngizophendula lapha uMagaye ngalomthethosisekelo wakhe osephaketheni bawuhlela naye phela uComrade uSydney.
[p103 ln 13 - 15]

MR G E BHENGU:  Sihlalo, nendlu yonke ngifisa ukubongela uNgqongqoshe womnyango nxa eseqaphuzile inkulumo ye-budget yakhe yanamhlanje.  Ngifisa ukusho ukuthi njengoba silana nje namhlanjena size ngoba sizele abantu sizolalela ukuthi abantu sibatholelani.

Ithi inkosi uMdletshe enkulumeni yayo yayizolo ningakhohlisi abantu khona lapho Inkosi uKhawula yaphinda futhi yakhuluma nayo yasho into efanayo yathi ningadlali ngabantu.

Ukuza kwethu lapha Sihlalo, size ngempela ngoba siphathiswe ngabantu ukuthi safa malungu ePhalamende, safa abaholi nenzani ngalokho.  Esikuthunywe kakhulu ngempela kulesikhathi esinjena ukufa kwabantu, ukudlwengulwa kwabantu, ukuthatha izimpahla zabanye abantu ngenkani, ukudubulana, ukugwazana nokwenza yonke into engafanelekile ukuthi yenzeke emhlabeni okholwayo nasemhlabeni obuswa kahle.

Mphathisihlalo, ngifuna ukuqala nje ukuthi ngenze isibonakaliso senhlalo ebuhlungu eyesabekayo esiyihlezile.  Lapho i-Saftey & Security Budget ifundiwe siyathola ukuthi nginezi-number Sihlalo lapho sibona khona ukuthi kusukelango-January kuya April endaweni eku-Region yethu yakwaMashu.

Abafa babulawa is 99 in three months, in three months Sihlalo, bese kuza labo abacishe balinyazwa kodwa bangakafa bangamashumi awu-eight.  Into embaliwe Sihlalo enganeliswa nayinoma ubani ofuna ukuyibona leyonto sihambe naye futhi siyithole ukuthi leyonto injengoba ngiyisho.

Bese kuthiwa ilabo ababizwa ngokuthi i-Arm Robbery bawu-206, bese kuza labo okuthiwa i-Assualt GBH bawu-364, bese siza kulabo abadlwengulwayo bawu-101.  Ingalezo zizathuke Sihlalo engithi angisukume ngisho emkhandlwini ukuthi isimo esikusona sisinda ngendlela emangalisayo ngoba akekho noyedwa ongavuma lesisimo ebethi uhlezi wakhile uyisakhamuzi esethembekileyo.

Ngiyezwa Mphathisihlalo endlini yakho enhle okukhulu ukukhuluma nalowo efuna ukuzanelisa ukuthi uyishayile ngishayile, kodwa thina sithi akesibuye siguqe singamadoda ase-Africa sibone ngempela ukuthi yini ngempela engenziwa.  Sofika sithini uma sifika emakhaya ngoba befika nje kubaholi bayeza abantu bathi nithenike ePhalamende, bese kuphinda lawomazwi ashiywe ilunga laphana lakwa ANC elithi kwabe kucabangeka ukuthi ngesikhathi kuvotwa kuyobe manje sekuthule sekuthe nya, kanti akunjalo.

Kunganike pho Mphathisihlalo ukuthi abafowethu be-ANC abaphethe izintambo kwi-National kuhle ngoba nangu umfowethu ukhona uMsholozi, kebabhukule noma sibhukule nabo.  Akesimuboneni uMafumadi ukuthi uMafumadi uqondeni ngempela baphela abantu bakho  kanti ufuna kuze kusale abangaki?

Uma singaluza abantu abangaka zonke izinsuku, wonke amasonto, singazi ukuthi kubangwani sogcinaphi Msholozi na?

Uzokhumbula uMsholozi ukuthi sekunezikhashana mina ngifikile uma kukhona into engalungile ngiyamthinta masinyane ngokunjalo nongemuva laphana u-Region Chairman ka-ANC ngiyamthinta ngitshele ngithiyamthinta ngithi hayi mfowethu kukhona okungasalungile, uHlomuka.  Ukuthi uma ngempela bakwethu idlu yethu imnyama kanjena kuyiwaphi lakwikhona akuphele ukuzithwala nokuzigqaja, akusetshenzelwe abantu.

Abantu abakaze babe ziphukuphuku bayabazi abantu abasebenzayo futhi bayabazi abantu abangasebenzi abantu laba engikhuluma ngabo.  Ubani kuthina namhlanje ongathi asiphumeni siye kwesakho isiteshi siyohlola ukuthi kuhamba kanjani.  Sithathe noma izinsuku entathu noma ezimbili ukuze nibone ukuthi abantu bahlupheka kanjani Msholozi.

Inkinga lena ekwenza uze ukuthi ungabi nabo ubuthongo, okukhala izincingo kuze kuze kuthina esihlala phakathi kwabantu.  Babe nenhlanhla mhlawumbe laba abahlala emadolobheni nasemafulethini. kodwa thina esihlezi nabantu sinaleyo nkinga yokuthi izincingo zikhala kuze kuse kuthiwa sekuhlaselwe la, usedutshuliwe ubani usefile ubani ungabi nakho ukuphumula.

Sithi ke kwi-Safety and Security ilona themba lethu empeleni, okumele uma silimemeza lisuku ngokushesha ligxume kwesakithike isiteshi....
[p106 ln 28 - p107 ln 32]

THE CHAIRPERSON:  Ilungu linemizuzu emibili kuphela.  [The member has two minutes only].

MR G E BHENGU:  Awu, mibili seyimincane.  Kwesakithi isiteshi Sihlalo, uma uke wathi uya ngokugijima uthi uyaphuthuma ufike uthole ukuthi izimoto azikho.  Hawu yonke indawo, izimoto azikho, uthi uma ufuna u-Station Commander kuthiwe asimazi lapha ehlala khona, uthi ngifuna olama loyo kuthiwe akekho la ehlala khona.  
Inkinga yethu Mpathisihlalo lomnyango ingathi awukazi noma uyafika noma uyaphuma yini, kukhona u-Commissioner ofikile okuthiwa musha engithe sengifika esiphoyiseni sengifike ngafuna bonke abantu, ngathatha ucingo ngathi ngiyafona kwathiwa uyofuna i-appointment yena ngathi hawu sisahlezi yinhle impela nxa uma umuntu umfuna konakele kanje akutshele ukuthi ngisayokwenza i-appointment noBhengu, uBhengu esebenzela abantu.

Ngithi ke Sihlalo, uphi uMnumzane uMafumadi siyomthola nini sinawe nabanye ukuze simtshele iqiniso njengoba linjalo siyazi kahle Inkosi uNgubane ngoba iminyango ayiphethe uyayazi uma kuthiwa akenze umsebenzi uyawenza Inkosi Ungubane.

Akuyona indoda elalayo, akamnike umnyango uyokwaneliswa futhi ukuthi Inkosi uNgubane izowusebenza umsebenzi.  Uyowabona futhi amaZulu aKwaZulu-Natal ukuthi ayakwazi ukusebenza, ayakwazi ukubambisana akesiyekeni bakwethu ukukhohlisa abantu sithi silwela abantu sizohlala ePhalamende kanti asikenzi lutho.

Ngiyacela-ke Sihlalo, ukuthi umfowethu uBheki Cele ngiyamnxusa ukhona Sihlalo ukuthi akesambe nayeke siyobona endaweni engihlala kuyona ukuthi ngempela sihlupheka kangaka nani ukuthi yena njengoSihlalo wonyango.  Abone ngempela ukuthi abantu bahlupheka kanjani inkinga engisaba nokuyichaza ngoba bengithi ngenza ukuthi nibone nje ukuthi usizi ngempela luphezu kwethu.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[p109 ln 5 - 21]

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga kakhulu kwilunga elihloniphekileyo. [Thank you the hon member].  On the list I will now call upon the hon member Mrs C E Galea.  You have nine minutes to speak.
[p110 ln 8]

MR M B GWALA: Ngigcina Sihlalo, ngokuthi okuyikhona ngempela okwenziwa amaphoyisa kulesisifundazwe saKwaZulu-Natal, kwaba ukushintsha nje izinombolo ezithi ZG, ezithi ZP, ezazi ngamaphoyisa aKwaZulu ukuthi zifakwe zibe u-SAPS.

Ngithi iwona msebenzi impela owahathuzwa kakhulu kwayekwa amadokodo ukuthi kuhanjwe kuyocingwa abantu ababulewe ngezibhamu njengoba Inkatha inabantu abangaphezulu kwamashumi abaholi abawu-430 asebabulawa.  Ngiyathokoza.
[p114 ln 29 -33]

MR A J KONIGKRAMER: Mpathisihlalo ngizoqala ngesiJalimane, ngizocela uMnumzane Redinger angitolikele.  
[p118 ln 16]

MR B H CELE:  Sicela ukuzwa and angisho ukuthi olunye lolimi olusemthethweni ukusetshenziswa la kulendlu lolo.  Sicela kusetshenziswe izilimu ezisemthethweni ukuthi zisetshenziswe la kulendlu.  Ziwu 11, angakhetha lakulezi eziwu 11 kodwa lolu asale eseluyeka.
[p 118 ln 24-25]

THE CHAIRPERSON:  Ngicela ilunga elihloniphekileyo ukuze lithole ukusizakala alisebenzise lokhu ngoba zonke izilimi zinelungelo elifanayo ngakhoke ngicela ilunga liqhubeke.
[p119 ln 9]

MR M V NGEMA:  Thank you very much, Mr Chairman and hon members.

I-debate yanamhlanje kulevote, kukhona isisho sesiZulu esithi "Isishiphi soMnumzane sisulelwa ngegqumushe".  Lesisisho sithi uma umuntu omkhulu ethatha isinqumo bese kuthi emva kwesikhathi esethola iqiniso lokuthi lesisinqumo asithathile besiphaphalaza uyabe esefuna kwabangaphansi kwakhe abancane ukuthi uzothi ubani obhedile ukuze kungathiwa uye obhedile.

Esinye isisho sithi "Indlu yegagu iyanetha", indlu yegagu inethiswa ukuthi igagu lihlale liqaphele ukuthi lizokhuluma licikoze lithini.  Lingakunaki ukuthi okunye kwalokhu elicikoza ngako kusuke kuzinkinga nalo elizobhekana nazo.

Ngakhoke uma kukhulunywa endaweni kugxekwa izindlu ezivuzayo igagu leli lizazi zonke libatshela bonke ukuthi ziyavuza ngoba umsebenzi walo ukuthi liyaye lihambele lingena kuleyomizi libheka izindlu ezivuzayo ngesikhathi eyalo ingenamuntu oyinakile ukuthi iyavuza.

Ekuseni namhlanje Mphathisihlalo, kukhulume uBaba u-IC Miya ngixolise ukuthi ngikhuluma engasekho, la ekhulume khona ngesimo sonwabu.  Ngifisa ukusho ukuthi kuvamisile ukuthi emphakathini wakithi ekucabangeni kwethu maqonda nonwabu kubhekane kuphela kulawulwe ileyonganekwane yokuthi sifa nje ingenxa yalo.

Ngakho njalo nje uma sicabanga ngalo siye sibheke lokho okubi ngalo, bese kuthi namhlazane unwabu lunesibindi sokuthi lubhekane nendawo olukuyo bese luguquka ukuze lubhekane lu-realizer i-reality elizungezile bese silucasukela singakuboni lokho as a positive attribute on the part of the chameleon.  
[p200 ln 31 - 201 ln 12]

MR M B GWALA:  Mphathisihlalo nendlu yakho ehloniphekile, inkulumo kaNgqongqoshe ingihlabe umxhwele. Indlela uMhlonishwa achaze ngayo ukusebenza komnyango wakhe ikubeke ngokusobala ukuthi izinhloso zalomnyango zisibhekise kuphi thina njengesizwe ikakhulu njengoba sintula kakhulu ezintweni eziqondene nomsebenzi womphakathi.

Kuyaziwa ukuthi yonke iminyango kaHulumeni iyame kulonyango ekuthenini kwakhiwe izakhiwo zomphakathi noma zikaHulumeni kusukelasonke isifundazwe saKwaZulu-Natal.

Ngiyazi ukuthi uma kukhulunywa ngezakhiwo kukhona abanohlevana ngokuthi akwakhiwe ezindaweni eziphethwe ngaMakhosi nokuthi ezindaweni ezisemadolobheni kukhona ubunzima bokwakha ngenxa yomthetho owashawa isishayamthetho saKwaZulu okuthiwa Ingonyama Trust Act, manje sekuwumthetho ophethwe uHulumeni kaZwelonke.

Ngikusho lokhu ngazi ukuthi loludaba lamatayitela lubhekene ngqo nomnyango kaHulumeni wasekhaya kanye nezindlu, kodwa nawo lomnyango uyathinteka kolunye uhlangothi okufanele nakanjani lubukezwe loludaba ukuze nabadidekile babuyiselwe emigudwini efaneleyo.

Ngibona sengathi lelithuba, ithuba lokuthi sibukeze imisebenzi eyenziwa uHulumeni waKwaZulu ngoba okuningi okuxoxwangakho lapha endlini empeleni sekuwukugcingca inyumbakazi nje.  Okuningi sesedlule kukho izinkinga nje zokusetshenziswa kumhlaba kanye nokwakha into eyaxoxwa kudala kuloHulumeni engikhuluma ngawo.  Into engibona ukuthi iyabambezela ukuthi amabhange kanye nalaba abatshelekisa ngezimali banomqondo nensila yamaKoloni.

Imithetho yaseMelika iyovuna abantu bakhona, nemithetho, yase-England iyovuna abantu bakhona, kanti imithetho yase-Africa iiyovuna abantu base-Africa, ngeke wathatha imithetho yase-Africa uyoyifaka ngenkani eMelika ngoba abaseMelikia bayoyibukela phansi.

Imithetho eyashawa nguHulumeni waKwaZulu iyovumelana nabantu baKwaZulu ngaphandle kohlobo lwabantu asebaphila impilo yobululwane.  Nxa ungathatha inhlangano ebolekisa ngezimali KwaZulu u-KFC akaze abe nenkinga ekwakheleni abantu izindlu ezindaweni eziphethwe ngaMakhosi.  Kulenhlangano ayikaze ihlushwe umuntu ngaphandle kwabo abantu abakhe ezindaweni ezisemadolobheni abangafuni ukukhokha.

Ngiyazi ukuthi lomnyango ugxekwa kangakanani nxa uqhuba umsebenzi wawo wokwakha lapha kunesidingo khona njengoba umatasatasa nokwakha amahovisi kaNdunankulu kanye nawomqondisi jikelele, kanye nokwakha indlu yokuhlanganela umkhandlu waMakhosi Ondini.

Ngiwushayela ihlombe lomnyango ngoba kusekukhulu esisakulindele kuwo.  Nxa ngikhumbula udaba lwezakhiwo Ondini nalaba abaluphikisayo ngikhumbula indlu lena yomkhandlu esihlanganela kuyona Ondini njengoHulumeni.

Lendlu abaningi bacabanga ukuthi yakhiwa uHulumeni wasePitoli owawubusa ngalesosikhathi kanti cha akunjalo.  UHulumeni wase Pitoli washaya ngonyawo phansi ukuthi nxa sifuna ukwakhelwa indlu yomkhandlu enhle kofanele sivume ukuthatha uzimele geqe.

Sengaba ukununuselwa ngethambo elalingenayo incoso ukuba sicabanga ukuthi linayo incoso.  I-Cabinet yangaleso sikhathi yasebenza omkhulu umsebenzi ngenkathi imisa izinhlelo ezithile zemisebenzi ukuze ikwazi ukucuya izimali ezithile ukuze bakwazi ukuqongobezela ukuze umkhandlu lo ube nendlu le esinayo njengamanje.

Namhlanje sikhuluma ngesakhiwo sendlu le yaMakhosi masithokoze kakhulu ngalomnyango kanye nokubambisana kwawo nomnyango wezomdabu kanye nomnyango kaNdunankulu.  ULundi kufanele ukuba luthuthuke ngalena kokuthi lungaba ikomkhulu noma cha, ikomkhulu lesifundazwe saKwaZulu-Natal. 

Laba abalokhu ledlokodla loludaba befake ipolitiki yamaqembu emsebenzini womphakathi ngithi mina bazolutheza olunenkume, abangayifaki ipolitiki kulomsebenzi okukhulunywa ngawo.  Bazozisola ngoba lenyoka abayidlokozayo iyothi ingaphuma emgodini bancishelwe indawo.

Ngifisa ukuthi ngikisho lokhu ngoba sesibasathe sithi ayiphume ipolitiki endabeni zomsebenzi wesizwe bayifake nginkani.  Ngakhoke abangenzi ukuthi abantu badinwe badiniswe ilesimo sokuthi kulokhu kunqakiswana ngamazwi ngodaba lwezakhiwo zaso Ondini.

Kufanele sikuqonde futhi njengoba le ko-North West iPhalamende lalakhiwe Inkosi uMangope ngalesasikhathi liyasetshenziswa uHulumeni okhona.  Kanjalo futhi nangapha e-Eastern Cape izakhiwo lezi ezazakhiwe Inkosi u-Lennox Sebe ziyasetshenziswa kodwa kungani KwaZulu kubekhona lokuhahama okungaka okwenziwa amalunga nxa kukhulunywa ngodaba lwezakhiwo zaso-Ondini na?

Nxa sithatha nje amahovisi aqondene nomkhandlu walendlu kuphela singabali amahovisi aqashwe iminyango kaHulumeni, imali elahlekayo minyaka yonke yevile engxenyeni yesigidi samarandi okusho ukuthi imali elahlekayo ngaphandle kwesidingo.

Lomnyango wezemisebenzi yomphakathi iwona owakha izindlu zokuhlala amalunga alendlu nxa esebenzela Ondini.  Empeleni ukusebenzela Ondini kwalokhandlu ikhona okungcono ngoba kunezindlu esezivele zakhiwe uHulumeni waKwaZulu omdala kunokuba kumoswe izimali zokuhlala emahotela.  Lokho kumosa uHulumeni imali eningi.

Futhi kulukhuni ukuthi sithi akwakhiwe lapha eMgungundlovu njengoba kucinene kangaka nePhalamende lakhe ezitolo njengoba sisezitolo.  Ngiyadabuka nxa uMhlonishwa uNgqongqoshe ebika ukuthi loHulumeni ulahlekelwa izimali eziyizigidi eziyisikhombisa kwenze 7,1 million, mayelana nokuqashwa kwezakhiwo lapha eMgungundlovu.

Kuyakhalisa kakhulu ukuzwa futhi ukuthi eThekwini uHulumeni ulahlekelwa imali engaphezulu kwezigidi eziyishumi nesishiyagalombili 18.24 million.

Nxa uqhathanisa lamadolobha amabili uMgungundlovu neTheku iwona amosayo ngoba Ondini azikho izakhiwo eziqashisayo kodwa ilezo eziyifa laloHulumeni futhi eziyoma kuze kubephakade.  Into ebuhlungu kakhulu iliyo yokuthi kukhona abazama ukuqinisa amakhanda ekuthenini kungakhiwa OLundi hayi ngoba kunesizathu esitheni, kodwa ngoba kunenzondo enesihlungu esesabeka kakhulu.

Lokho kwenza ukuba nxa labobantu bekhuluma ngokuthula thina sibuke nje ngidabuke ukuthi aBahlonishwa abekho ngale ngaphesheya, ngoba uma kukhulunywa ngokuthula kodwa kukhona izindaba ezifana nalezi ezenza ukuthi zisuse uhlavana phakathi kwabantu kufanele sikhohlwe ukuthi simbuluze sithi sikhuluma ngokuthula kodwa kube kukhona izinto ezibuhlungu ezinje ezenziwa phakathi kwabantu bakithi.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba benqaba nokuthi Ulundi lungathuthuki ilaba ababefuna ukulimashela nalaba ababenomqondo ofileyo onjengokaMbongeni Ngema kaSarafina one, noSarafina two owawukubeka ngembaba ukuthi emveni kokhetho izakhiwo zasoNdini ziyonikwa yena ukuze alolongele khona intsha njengoba ephethe umdlalo weshashalazi lase siteji.

Wajatshuliswa-ke ngalo 14 million aphiwa wona ngoba nakhu wayeyisincethencethe samanye amaqembu.  UMnumzane uMbongeni Ngema akagcinanga lapho kodwa wathi indlu yomkhandlu uzoyenza ibe indawo yokubhukudela abantu.
[p204 ln 19 - p206 ln 21]

MR M B GWALA:  Ngithi ke Mphathisihlalo ngincoma ukuthi umnyango mawuqhubeke wakhe Ondini futhi nxa usuqedile ukwakha lezakhiwo ezikhona sobe sesiwunikeza omunye umsebenzi ngoba ziningi izinto okufanele ukuthi zenziwe laphaya njengemfundo ama-Universities kufanele sibone kukhona uPhiko lwenye i-University ukuze izifundiswa zakithi ezingale zikwazi ukuba ziqhubeka izifundo zazo.

Nanokuba kwakhiwe izimboni ezinjengezakwaSithebe naseMnambithi kanye nako-Pinetown ukuze abantu abangalena kwengxenye enkulu eseNyakatho yezwe lakithi bathole amathuba emisebenzi.  Loluhlelo lungasiza kakhulu uhlelo lolu okuthiwa i-RDP.

Ngigcina ngokuthi Mphathisihlalo lomnyango wezakhiwo osuzakhile emphakathini ikakhulu izikole, nama-clinic kanye nokuvuselela lezizakhiwo ezibonakala ziwohloka njengengasezibhedlela nokwelekelela umnyango nasendabukweni izindaba zendabuko yokwakhiwa kwezinkantolo zesizwe namaholo omphakathi.  Ngibona ukuthi kuyoba usizo olukhulu lokho emphakathini.

Ngigcina ngci ngelokuthi nalabo abaklewula ngodaba lwezindaba zamabhoshi omphakathi, kanye namabhoshi ezikoleni kungiphathakabi mina lokho ngoba, ikakhulukazi i-National Party ekhuluma ngaloludaba kanti ibona abenza imbedumehlwana yamabhoshi ngesikhathi benza kukhona amabhoshi amabili noma amane ewahlukanisa ngezinhlanga kukhona amabhoshi abantu abaMnyama, kukhona amabhoshi Abelungu, kukhona amabhosi amaKhaladi, kukhona amabhoshi amaMandiya.

Lawomabhoshi asetshenziswa ezindaweni ezisemadolobheni leyomali engabe yahamba yayosetshenziswa ezindaweni zasemakhaya.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[p 208 ln 28 - p209 ln 9]

REV C J MTETWA:  (Minister of Public Works):Ngiye ngicabange Mphathisihlalo ukuthi thina njengalendlu siqashiwe umphakathi thinake njengamalunga e-Cabinet sibekelwe izimfolomane lezi amalunga la nje abenza umsebenzi wabo zimfolomane zethu ezisigadile, no-Director bethu abasidirekthayo.

Uma bethetha bethi sonile nabo basuke bephakathi ngoba kusuke kusho ukuthi behlulekile ukusidarektha kahle ngesikhathi esifanele.  Bese bezosimangalela lapha mina ngithi basuke bezozimangalela bona, abangcono kunathi.

Ngibonge futhi Mphathisihlalo ukuthi amalunga ayabuyelela kuloludaba lokwakha Olundi kodwa engikubonga kakhulu ukuthi namhlanje akhumbulile amalungu ukuthi empeleni lokhu kwasuka kuwona.  Mina ngeke ngivume ukuthi kwakungeyona lendlu ngoba amalungu ayekhethwe ilendlu, amaqembu ayokhuluma loludaba kwakuphuma kuwo konke lokhu.

Ukusuka lapho izinqumo zabo ezasiwa ku-Cabinet, i-Cabinet yathatha isinqumo yathi Works hamba uyokwenza lokhu.  Engingakwazike mina ukuguqula lesosimo ukuthi uma ngingayi kwi-Cabinet ukuthi i-Cabinet ayiguqule isinqumo sayo.  Isinqumo se-Cabinet sisemi sithi lezizindlu zifuneka ngokushesha.

Kukhona olunye udaba noma umkhulumi esephumile lolu oluthinta izimali ezichithwa eNgonyameni kube sengathi umnyango uye wale ukukhuluma kuzo.  

Kukhona indlela esetshenziswa ama-Portfolio Committee ukuthi izindaba ziqale ziphume emaphepheni kuqala bese kuba kuyikhona bezokubuza bakubuze ngezinto esizikhishiwe zasakazelwa umhlaba besakaze i-information e-wrong.  Kube ikhonake kubuywa uzobuzwa ukuthi sitshele ukuthi lapha kunjani kanjani, ileyonto edala ukuba kubesengathi kukhona ukungabambisani kuleyo ndawo.

Okwesibili ukuthi kufanele phela sibokhuluma amaqiniso wonke umuntu olayindlini ula KwaZulu-Natal.  Ngamanye amalanga, ngomunye uKhisimuzi amalunga alendlu ayesakaze ukuthi uHulumeni waKwaZulu wayeyiphethe kabi iNgonyama.

Ngithanda ukudlula kahle kulokhu ukuthi okuningi okushiwo lapho ingoba uHulumeni waKwaZulu wayefuna ukuthi izinto zonke zenzeke ngendlela engumthetho nefanelekile kungabikho izinto ezihamba nje ngokuhti iNgonyama seyithe bese kuthathwa imali iyofakwa lapho, kwathiwa siyiphathe kabi.

UMakhaye namhlanje usephendukile usethi yithi namhlanjena esingavumi nezindaba zeNgonyama kanti sihlonipha lelozwi impela ukuthi kwathiwa asiyiphathe kahle sithi senza lokho.

Ngibonge Mphathisihlalo indlu yakho kukho konke ngikuqophe konke indlu ekhale ngakho.  Kukhona okunye indlu ebuyelela kukho nangonyaka odlule ngangikuphendulile isangibuza lokho.  Uthe laphaya u-Mr Naicker singathwali izono zabanye.  Ngibona sengathi umnyango wami uzothwala izono nokungezona ezawo.

Nangaloyanyaka odlule ngayiphendula indaba ephakathi komnyango wezemfundo nomnyango wezemisebenzi, lona engisabuzwa wona nanamhlanje.  Ukuthi mina ngilindele ukuba indlu kuphela ingangixubanisi ekutheni nginenkinga, anginankinga mina nomnyango wezemfundo.

UMnyango wami futhi awunayo inkinga uma kukhona lapho umnyango wami ungenzanga khona okufanele, lendlu kufanele ishonjalo kuphela.  Ithi la awenzanga obe ukufanele, ngoba umnyango waka-Works wenze lokho okushiwo i-Constitution ukuthi iminyango yonke iyohlanganiswa ebiyahlukene ibe umnyango owodwa.

That is all my Department did to amalgamate all the sections of the Department of Works.  Uma kukhona okufanele kuhlukanise yilendlu ne-Cabinet kuphela okufanele bangitshele ukuthi khipha lokhu ukuse kwa- Education, ngeke ngenqabe.  Kodwa uma ngivele ngithethiswe nje angazi ukuthi kuthiwa angenze njani, ngenziwe umntwana ngimdala kangaka.

Ngisho ukuthi-ke uma nithi kukhona inkinga ningayixubanisi nomnyango wezemisebenzi.  Anothi kukhona inkinga eninayo ngo-Education uma engavumi ukwenza lokhu enithi akakwenze ngibuzeni ukuthi yini enathi angiyenze angayenza.  Angikwazi ukuyophoqa mina ngenze okuwumthetho njengoba kunjalo kwaphelela.  
Icala lami yini?  Ukuthi ngilula ngiyedeleleka, ukuphela engingakusho akukho okunye, nobani uzitika kimi.  Kodwa-ke ngoba ngimdala phela zingane zodwa ngiyakwemukela bantu bakwethu aninalo icala nisabhibhidla nje niyafunda.  Ngiyabonga Mphathisihlalo sengiphakamisa ukuthi i-budget yomnyango wami yemukelwe ilendlu yakho. [UHLEKO]
[p209 ln 32 - p211 ln 6]

MR D P MFAYELA:  Solmomo Baba, ngithi angibonge ukuthola ithuba lokuba ngichaphazele kule-motion ebaluleke ngaloluhlobo.  Lapho kubonakala khona isizwe siphenduke iGomora neSodoma.

Okwenze isimo sibe njena Mhlonishwa ukuba kwaqoqwa abantu emakhaya balethwa la emadolobheni lapha emakhaya asikwazi lokho ukuthi kukhona abantu abaningi kangaka okuthiwa badlwengulile, bedlwengula izingane.

Laphe ekhaya Somlomo Baba, kukhona Amakhosi awuphethe ngezandla ezifudumele umthetho, benginganxusa ukuthi lendlu yakho  isizakale ukuthi aMakhosi asondele eduze kwayo Amakhosi azoyiluleka, ngoba kubonakala ukuthi oHulumeni abakhona bayahluleka ukubamba isimo esifana naloluhlobo.

La eMakhosini uma kwakukhona umuntu owayenukubeze umuntu wesifazane wayeyikhotha imbenge yomile.  Kodwa namhlanjena sibona izingane zinukubezwa zineminyaka emibili noma kuyakwemithathu kuya phezulu.

Ukuba kwakuthiwa lezingane zazinukubezwa le kithi kobantu la kukhona khona Amakhosi aphethe umthetho okungabantu ababusiswa uNkulunkulu ukuthi babekhona emhlabeni baphathe umbuso ngabe lababantu laba abaziwa impela ukuthi benziwa njani.  Ngoba kukhona umbuso othembekile kaNkulunkulu.

Lapha izinto ezibanga ukuthi kube khona ukudlwengulwa kubantu besifazane kukhona isimo la abantu besifazane abasakwazi ukuzinakekela, esebehamba begqoke izingubo ezithi ithengwa ngokubona.  Nalapha kuma-TV kukhonjiswa izithombe ezingezinhle ukuthi zingabukwa ukuba umphakathi.

Kwase kuba khona indaba enkulu la kuHulumeni wethu ukuthi abantu begila imikhuba efana nalento bedlwengulile, bebulele abantu, kwathiwa abadedelwe bangagwetshwa intambo, banikwa ama-bail.  Obaba uMadondo bame ngezinyawo bathi lomuntu abukho ubufakazi, umuntu egile imikhuba phambi kwabantu bebhekile.

Kodwa ngiyabonga ngoba uBaba uMadondo useze wabona ukuthi lento ayisebenzi wase eza lakulendlu silwe naye sisonke ukuthi cha bakwethu ayiphele lempi ukuthi abantu badlwengule izingane zabantu ngalendlela.

Ngithembe-ke ukuthi bedlwenguliwe benjalo uzosisiza uBaba uMavovo asinikeze lawamajazi ake wasinika wona.  Kwaziwe ukuthi mhlawumbe noma kukhona ingozi ekhona sivike ngalamajazi akhe imincedo yesilungu.  Ngiyabonga Somlomo ngiyayi-supporter i-motion Baba.
[p226 ln 13 - p227 ln 4]

THE DEPUTY SPEAKER:  Siyabonga Baba uMfayela, sibonga kakhulu ngemincendo yesilungu.  
[p228 ln1]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health):  Ngiyabonga kakhulu Somlomo, ngithi asibonge kakhulu kulendlu ehloniphekile, ngoba loludaba oluxoxwayo lukhombisa ukuvuthwa kobuholi kulendlu.  Futhi likhombisa ukwehla kwemimoya nokuphela kokubusa izwe ngolaka nentukuthelo yobuqembu.

Loludaba nalobugebengu oluqedwa ukuxoxwa izonazinkinga esazikhethelwa njengamalunga alendlu ukuthi sifune ikhambi lokuqeda izinkinga ezinjengokuhlupheka okukhona ukusweleka komsebenzi, nokunakekela ikakhulukazi intsha yakithi, abesimame okuyibona abathwala usizi kakhulu ikakhulukazi abantu abale ezindaweni zakobantu.
[p232 ln15 - 19]

INKOSI Z N MLABA:  Somlomo, angikholwa neze ukuthi kukhona ongakhathazekile ngezinga eliphezulu lokusweleka kwemisebenzi kulesisifundazwe sakithi.  Esibukeka sinakho konke ongakudinga ukuba abantu bakulelizwe ukuthi babe nakho.

Ngiyabona nje ezindaweni zasemadolobheni mhlawumbe khona kungconywana kunalezindawo eziningi zasemaphandleni.  Abantu balapha emaphandleni Somlomo, badla imbuya ngothi ngenxa yokuthi imisebenzi ayikho.

Siyanxusa kakhulu ukuba noHulumeni ikakhulukazi i-Cabinet ibheke ngehlo elibanzi kuqiniswe intuthuko ezindaweni zethu ngoba intuthuko iyona eveza amathuba emisebenzi yonke iminyango lapha ingenza izinga eliphezulu kangaka lehle lokusweleka kwemisebenzi ngaloluhlobo bese lehla kakhulu nalo.

Laphaya kwelakithi sibonile ukuthi intuthuko ifika nemisebenzi abantu bethola amathuba emisebenzi okwesikhashana.  Sibonile ngesikhathi kufakwa amanzi ngemali ye-RDP kuvuleka amathuba emisebenzi, ngesikhathi kwakhiwa imigwaqo sibonile futhi kuvuleka amathuba emisebenzi.

Silindele ukuzuza ohlelweni le-Tourism oseluqalile ukuba libe nezithelo ezinhle.  Sibonile izingadi zomphakathi ziyixosha indlala futhi zingenisa imali.  Kanti sibonile nokufundiswa komphakathi kwezinye izindawo ukuba uzimele uzenzele izindlela zokuziphilisa.

Konke lokhu kanye nokunye engingakubalanga kwenza impilo ibengcono kakhulu phezu kokuthi imisebenzi ayikho.  UHulumeni kanye neminyango yakhe yonke akenze konke okusemandleni ukuthi zonke lezizinto engizibalile ngenhla ukuba zenzeke futhi zizimele bese ziphilisa imiphakathi.

Ingcebo etholakala ezindaweni zethu kufanele uHulumeni inzuzo ayitholayo ayitshale kulowomphakathi lapho eyithole khona ukuze kuthuthukiswe umphakathi, futhi ukwazi ukuziphilisa ngayo.

Somlomo, siyadinga kakhulu ukuba sisondezelwe izimboni zingagcini nje kuphela emadolobheni kodwa zisabalaliswe nasemaphandleni.  Siyaqonda ukuthi miningi kakhulu imisebenzi ezotholwa abantu bakithi uHulumeni wethu emva kokuheha abatshali bezimali emazweni angaphesheya.  

Nokho abantu bakithi bazitshela ukuthi yonke into izokwenzeka ibe umlingo, khona nginethemba lokuthi isimo sesifundazwe sethu asisekude silunge kwezomnotho.  Kufanele sisetshenzwe ngokushesha izindlela ezizosungula imisebenzi lokho uma kwenzekile kuzodala ukusimama, nokukhuthala, nokuthula kanye noxolo, inhlalakahle kanye nokuphepha nokuphela kobugebengu.  

Silindele zonke izindawo zethu zithuthuke abantu bethu basebenze kuyo le-Province.  Bayeke ukuyosebenza le eGoli kwenye i-Province ngoba imisebenzi ingekho eduze kwethu.  Kafushane nje ngiyaseseka ngokuphelele lesisiphakamiso.  Ngiyabonga 
[p238 ln1 - 38]

<Cov597>
ISESHINI YESINE 

UMHLANGANO WESINE	: OJWAYELEKILE	 : 
MHLAKA 16, 19 KANYE NO 20 KUNHLABA 1997

UMQULU 5 	1997

<Vol597>
MR F T DINGILA:  Mphathisihlalo, ngiyathokoza ukuthola lelithuba lokuchaphazela nami inkulumo emnyangweni wezasekhaya obuphethwe iciko lendoda yabeka kahle futhi inkulumo yonke.

Ngithi angithokoze ngisho futhi lapho engike ngakucosha ngiyisifiki ngesikathi kukhulunywa ngokuthi mhlawumbe Baba Ngqongqoshe uya-boycott cha.  Phela ngeke lapho endlini thina uboycott ngoba, Mr Chairman, if we were to look at means of improving and developing rural areas, the following points presumably would contribute in minimising unemployment in this Province, through proper funding.
[p43 ln 28-31]

MR F T DINGILA:  Thina i-RDP siyithatha ngokuthi i-Royal Development Programme ngoba asifiki nayo namhlanje sayazi kuqala oBaba uNgema besayiphethe kuyinto eqhubekayo.
[p 44 ln 18]

MR F T DINGILA:  Ngalamagama Baba ngiyafisa ngiyabonga sengathi umnyango kaMnumzane u-Miller ungaqhubeka ngokwenzayo ngoba ubonakala une-tasks enzima kodwa uqhubeke nokusebenza.
[p45 ln 16]

MISS M XULU:  Ngiyabonga Mhlonishwa Sihlalo, ngizokhuluma lapha ngoku-transfer kwezisebenzi zikaHulumeni waKwaZulu omdala ziya kuMasipala.  Ngicela uMhlonishwa uNgqongqoshe alubhekisise udaba lwamalokishi abengaphansi kukaHulumeni waKwaZulu omdala, ngoba kunokudideka ezisebenzini zonke kusuka emvakokhetho olubekhona ngo-June.

Izisebenzi zonke zididekile kuma-Townships onke mhlawumbe aku- R-293.  Ngiyakhumbula ukuthi uMhlonishwa uke wakhuluma ngokuba khona kwenkinga yama-transferes kodwa ebengikucela mina kuMhlonishwa uNgqongqoshe neziphathimandla zakhe ukuba loludaba alubhekisiswe ngoba lwenza uhlevana.

Kuwo wnke ama-Townships abengaphansi kuka-R-293 izisebenzi zizibona ikusasa zingalazi ukuthi liphi lazo.  Kusukela kuma-Officers abanye bebengo-Township Manager baqoke ukuthatha izimali zabo bahambe bengeve behamba ngoba bethanda, kodwa ngoba ikusasa labo bengalazi.  

Benziwa ukuthi ngikuphendule abazi abatshelwa ukuthi kuphi la bekhona mhlawumbe uma ungibekezelela uzozwa ukuthi ngiqondeni. Laphaya kithi eMlazi amabhilidi lawaya okuthiwa iseMaweleni ngaphansi kwe-Local Government asele wodwa izisebenzi azikho.  U-Terresa akangeni uhlala eThekwini, wabaleka eMlazi bebalekela imizi yabo okufanele bayilungise.  

Ngikhuluma ngayo impela i-Mayor uma ngabe iyazi ukuthi uMlazi ukuthi uyini ngabe iyawubheka.  Ngikhuluma nje abantwana ababebala ama-meter amanzi eMlazi abazi ukuthi kufanele benze njani kwathiwa abaye e-Pinetown bayosebenza khona.

Bafika e-Pinetwon kwathiwa abafake ama-overall bahambe bagijime imizi yaBelungu, neyamaNdiya, neyamaKhaladi, neyaBantu, behambe bebala khona ama-meter amanzi.

Okwabadidayo phela into ebebeyenza elokishini ukuthi basuselwani endaweni yabo.  Okumangalisayo kulethwe abanye belethwa uMasipala ukuzokwenza umsebenzi wabo.  Uma bebuza ukuthi ngempela kwenzenjani abayitholi incazelo, abesifazane ke bona kwathiwa abangene emgodini okwehliwa ngesitebhisi ushone phansi.

Ngicela loludaba nilulalele ngoba lubuhlungu singathatha njengepolitiki ingane zethu ezihluphekayo.  Uma bebuza ukuthi bazongena kanjani emgodini kuthiwa abathathe ama-overall nabo bagqoke bayobala ama-meter phansi kagesi.

Uma bethi kuyabehlula lokhu babona kuwumsebenzi wabantu besilisa, baphendulwa ngophethe owomdabu waseNdiya wathi, phela abantu abesifazane sebaya e-Belgium bayofuna amandla okulingana bathi kuyalinganwa umsebenzi uyefana.

Ngalokho Sihlalo, umoya wami ukhathazekile ngoba bonke abantu ababe ku-R-293 abakayizwa inkululeko ngisho izisebenzi zakhona.  Ngicela loludaba lusukunyelwe ngamandla.

Okwesibili engifuna ukukhuluma ngakho, ama-Development Committees akakhiwe ngokuhlanganyela angabi ngenhlangano eyodwa njengoba kunjalo eMlazi.  I-Development Committee ekhona ekaKhongolose ebizwa ngokuthi uMlazi Reconstruction Development Project, URDP.

Nempumelelo yakhona ayikho njengoba iphethwe uhlangothi olulodwa, yingakho nje baze bacela imali bathi bayokwakha uMasakhane bagcina sebezenzela i-Campaign kaKhongolose okwakugijinywa ngama-flag kaKhongolose ngemali yezintela zabantu.

Okwesibili mangiza kuma-rates kwi-housing Mhlonishwa Sihlalo, kusenjalo nalapho emalokishina aBantu.  Mina bengicela ukuthi uma kukhulunywa ngendaba yama-rates akutshelwe abantu kuqala bafundiswe ukuthi uma kuthiwa ngama-rates yina abazoyikhokhela, sidingo sini esenza kukhokhwe ama-rates.

Kwaba ishwa ukuthi umkhandlu we-Metro uthathe inkindlane yemali yabatheli bezintela balanda ngayo ama-consultants azokwenza ama-rates kungaboniswananga kungaboniswananga nabanikazi bemizi.  Uma sikhuluma nge-top down sisho ukubonisana nabantu akubhekwe le-market value okukhulunywa ngayo abathi kuzokwenziwa i-market value ukuthi iyenzeka yini, iyavuma yini emzini egcwele imijondolo.

Kukhona isakhamuzi ebesidayisa umuzi eMlazi omuhle kanokusho mhlawumbe udlula okaMhlonishwa uDlamini nayo omuhle impela naye esawushiya.  Lomuzi ubudayisa imali engaphezulu kwamakhulu amabili ezinkulungwane kodwa....
[p 58 ln 19 - p59 ln 28]

THE CHAIRPERSON:  Ungawuthatha umbuzo?  
[p61 ln 8]

MISS M XULU:  Qha, uma sengiqedile Sihlalo, okuthe lomuntu odayisa umuzi wakhe waphoqeka ukuba aze awudayise u-half okuyikhulu lezinkulungwane zamarandi.  Yikhoke ngithi akubhekisiswe ukuthi iyasenza yini i-market value.

Okokugcina Sihlalo, bengicela kubhekelwe nabantu abangasebenzi, nabantu abadala, nabantu abakhubazekile abanemizi lokho engikuzwayo lana emsakazweni kuhlale kukhulunywa abomkhandlu kuthiwa umuntu uma engawakhokheli ama-rates kuyosalela ingane yakhe ayizalayo kube isikweletu sengane.

Ngithi akubhekwe phela ukuthi ubunikazi bomuzi abukusho lokho, umuntu unika umuntu amthandayo indlu, leyongane iyokhokhelani uma mina nginikeza noma ubani umuzi wami engithanda ukumnikeza ngenze i-will ngamanye amagama.

Akekho umuntu onelungelo lokunqumela omunye umuntu ngento yakhe umnikazi wendlu waba ifa anikeze umuntu amthandayo, leyonganeke ngibona ukuthi singayifaka enkingeni.  Futhi akubhekisiswe ukuthi abantu abangethuswa ngokuthi kuzothathwa imizi yabo Mhlonishwa, abafundiswe abantu ukuthi ama-rates asho ukuthini.

Futhi ababone phela ukuthi bakhokhelani imigwaqo njengoba kade ngikhuluma ayikho emalokishini ibolile.  Ngicela ukuthi Mhlonishwa okhukumayo azi ukuthi angikhulumi ngedolobha ahlala kulo kodwa ngikhuluma ngama-Townships.
[p 61 ln 12 - 25]

THE CHAIRPERSON:  Imizuzu emibili esele. 
[p62 ln 11]

MISS M XULU:  Ekugcineni siyacela ukuba uNgqongqoshe akhethe ithimba elizobheka ngalezikhalo engikhala ngazo, ukuthi lamalokishi angaphansi ka-R-293 ngabe abhekwe njengazozonke izindawo ezikade zihlanganiswa, ekade zingo-House of Representative ekade kungeminye iminyango.

Ngabe laba abekade bengaphansi ka-R-293 uMhlonishwa akanze ithimba elizobheka ukuthi lababantu ngempela baphethwe ngendlela efanayo yini bayatshelwa ukuthi ikusasa labo liphi, banalo yini ithemba lekusasa ngoba njengoba ngikhuluma izingane zethu lezi. 

Ngaphandle kwepolitiki abantwana bethu kubuhlungu ukuthi uyabuya njalo izingane zithi azazi ukuthi zosebenzaphi, zaqashwa kahle uHulumeni waKwaZulu ziqashwa ngezincwadi zazo ezafunda ngazo.  Kodwa namhlanje kukhona ukuthi amaKhansela afike abatshele ukuthi ngizokuxosha wena, neKhansela alazi ukuthi wayeqashwe kanjani lowomuntu.

Isicelo leso engisibekayo kuMhlonishwa akuthi lelothimba lakho kuxutshwe kubekhona abampisholo abazobakhona kulolohlelo lokubhekisisa lokubhekela abantu bakithi.  Kungabi into ezoprakthizwa uMhlonishwa akafuni futhi i-feedback ukuthi lamalokishi aseMlazi noMashu ngabe uXulu lokhu akhuluma ngakho ukhuluma ngeqiniso noma uyahlanya.  Abazi abantu ikusasa labo ukuthi likuphi, uma sithi sinenkululeko ayingabi nganxanye ayibendawozonke inkululeko nasemalokishini ethu.

Izingane zethu azizwe inkululeko, abantu abahlezi elokishini abayizwe inkululeko.  Ekugcineni ngiyayisekela Mhlonishwa inkulumo yakho ye-budget.
[p 62 ln 13 - 26]

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga lunga elihloniphekile.  
[p 63 ln 8]

INKOSI C KHAWULA:  Ngiyabonga Baba Somlomo, kufana nento isikhathi engizosikhuluma.  Kuyiphutha lokuSihlalo ukuba ezabelweni bangakhelwa abantu izindlu zakhiwe emadolobheni kuphela kanti intela abayithelayo iyafana yonke indawo.  Ngakho ngiyacela ukuba bakhelwe nabo.

Sihlalo, ngithi angikhulume ngemisebenzi engiyibona lapha ezabelweni yokuhlanganyela komphakathi njengoHulumeni basekhaya.  Futhi lemisebenzi yakhe ukuba abantu bazane bangacwasani, bengalokhu bethi lo oweqembu elithile, lo oweqembu elithile.

Ngoba lapha abantu ezabelweni bakha amaholo, bakha izikole, bakha ama-creche, bakha ama-ground, bakha ama-tennis bahlanganyele kahle namaqembu onke.  Manje kuyaphela lokhu kokuba abantu bacwasane ngoba intsha yakithi ayisenaso isikhathi sokuba izule icabange imikhubale engasile.

Ngoba ngemiGqibelo namaSonto akuyiwe kodlala kulento ezakhiwayo, manje kuhlangenwe wonke amaqembu sekuyinto eyodwa sekuphelile ukuthi iqembu eluwukuthi, iqembu eliwukuthi.  Futhi abanaso isikhathi sokuthi bahambe beyokwenza imisebenzi lena yokukhohlakala ngoba isikhathi abanaso manje esokuthi badlale.  Kwakhiwe no-Association manje emakhaya laphaya.

Manjeke isikhalo sami Sihlalo, esokuthi phela uBaba uMnumzane u-Steve Thwethwe akalethe imali yokuba kuxhaswe lemisebenzi eseyenziwe ukuze ingafadabali.

Ngithi angisho ukuthi Sihlalo, ngivumelana nenkulumo kaMnumzane uMkhwanazi wathi ngolunye usuku la amabhange akhiwa ngendlela yokuba avumelane nabo laba abezizwe ngoba beqonde ukufaka ubuKoloni la kulelizwe.  Ukuze kushintshe amasiko ethu.

Ngithi angisho futhi ukuthi ngelinye ilanga futhi ukhulumile uMnumzane uGwala ukuthi amabhange indlela akhelwa ngayo akhelwa ngokuba avumelane nalabo balelozwe.

Kodwa into enkulu ile Sihlalo, sinebhange la i-KFC esakhelwa Inkosi yakwaButhelezi.  Kodwa lamabhange e-KFC wona awabathelisi abantu afuni futhi matayitela wona.  Manje lana afuna amatayitela iko loku osekungene lomthetho kuthiwe akushintshwe amasiko kwenziwe amatayitela, ukuze bakhelwe.

Ngakhoke Sihlalo, ngithi angithokoze bengisukumela ukuphawula lezozinto ngoba lomnyango akuwona umnyango engivame ukukhuluma kuwona.  Kodwa ngithandile ukuba ngibike inhlalo eseyenzeke ezabelweni ngoba lenxushunxushu le engiyizwa ikhuluma udadewethu lo u-Mrs Xulu ayisekho ezabelweni.

Ezabelweni sekuhlangenwe semunye umuntu entsheni la kuyagijinywa ngeke uzwe kuthiwa nazi izingane zisukela ingane yeqembu eliwukuthi sekuhlangenwe intuthuko yenziwe ngendlela ehlangeneyo ngayo.  Nemidlalo nokungcebeleka kwenziwa ngendlela ehlangeneyo ezabelweni.  Intsha yonke ihlangene iyinto eyodwa, ningasuki la nihambe niyoyixabanisa niyixove nina, ngiyabonga.
[p 71 ln 16 - 72 ln 9]

MISS M XULU: Futhi ngicabanga ukuthi Sihlalo, ungomunye onamashwa amakhulu ngenxa yobugebengu obuphelele kuwo.  Kusuka izigebengu ezisebenzayo ziyothi kukhna ibhodwe elinconsa amafutha emnyangweni wabantu abakhubazekile, nabagulayo, nabadala.

Okuyimfabanga zezimfabanga kodwa kunjalo Sihlalo, ngithi asimbonge uMntwana wakwaZiphethe ngoba sengike ngasho ngomsebenzi olukhuluni asewenzile.  Ikakhulukazi sibonga nalabo abasenzayo abazinikele baze bazinikela ngemiphefumulo yabo uqobo.

Siyazi khona ukuthi kunzima ngoba ubugebengu lobu kukhalwa izindawo zonke kuyoyonke iminyango, kodwa la ezimpeshenini engathi kwedlulele.  Kodwa siyabonga ukuthi uNkulunkulu wawupha umnyango uMntwana wakwaZiphethe okungathi noma kunzima kunjalo uwuphethe ngendlela efanele.

Uyazibopha izigebengu ezinye zithi abakabanjwa ofishi abakhulu kusabanjwe abancane.  Sithi Ndabezitha asibonge futhi ngobuhlakani bakho bokwakha ama-ofisi la owakhe emakhaya.  Ngiyakhalake mina Mageba ukuthi awu engathi engabe naseMahlabathini selikhona.

Ngoba phela nabakithi kufuneka bacoshe imisebenzi njengabantu abangenalutho mpela mpela.  Nakhuke Ndabezitha okukhulu ngike ngakhala nakulomnyango wakithi ophethwe uMhlonishwa u-Miller isilili siyefana nesasezimpeshenini.  Njengoba kunoguquko kuthiwa ama-files athathwa ayiswa eThekwini njengoba phela i-region yethu iseThekwini.

Okubuhlungu nokudabukisayo uma sizwa akekho umuntu oqondene ngqo Magega nama-files abantu aseMlazi mhlawumbe naKwaMashu.  Kodwa engikucelayo Ndabezitha nabaphethe umnyango ukuthi loludaba engathi lungabhekwa kahle kakhulu.  Mhlawumbe phela kwenziwe ukuthi lokhu okushiwoyo kuyiqiniso yini noma akulona iqiniso.

Uma kuyiqiniso abanikezwe umuntu ozobhekana ngqo nomsebenzi wabantu baseMlazi nbaKwaMashu uma noMashu unaleyonkinga.  Njengoba uMhlonishwa uNgqongqoshe eseshilo ukuthi khona kunenkinga ezimpeshenini kuyiqiniso kakhulu.

Nalapha e-South Coast isimo simbi kakhulu Ndabezitha, kodwake okuhle nokubongekayo ikomiti lethu lisebenza ngokuhlanganyela.  Ikomiti lethu libuka izinkinga zabantu abahluphekile ngeso elilodwa.  Ngamanye amazwi uma sengiyiqoqile imininingwane yase-South Coast ngiyoyithula kulelikomiti lomnyango wezimpesheni.

Mhlawumbe sibhekane nenkinga ngoba kukhulu kakhulu ngathi abangenzele uhla.  Sihlalo, sifanele ukuphakamisa ukuzwelana nemindeni yalabo abaze balahlekelwa imiphefumulo yabo ngenxa yobugebengu bokufuna imali yezimfabanga impela emindenini.  Sithi akwehlanga lungehli, sithi dudu.

Nalaba abaze bakhubazeka ngenxa yokudutshulwa besemsebenzini ngakho ngoba kufunwa lemali yabantu abadala nabakhubazekile nakulabo abasebenzayo nakubona ngibona ukuthi kufanele ukuthi sibezwele sizwelane nabo ngalesisikhathi.

Lesisikhathi sithi uHulumeni owethu, sithi intando yethu sizikhethele bese kubakhona lezizigilamkhuba nazo futhi ezithi zifuna konke kube ngokwazo ngenkani.

Ekugcineni Sihlalo, namalunga endlu ehloniphikele ngiyayiseka i-budget ethulwe uMhlonishwa uNgqongqoshe ngithi phambili Mageba.  
[p 127 ln 11 - p128 ln 10]

MISS M N BUTHELEZI:   Ngiyabonga Mphathisihlalo, okokuqala ngizobongela uNgqongqoshe wezezimpesheni nezenhlalakahle ukuthi umsebenzi wakhe kuyacaca ukuthi uyawenza impela useze wathola iziqu zokuthi kuthiwe uyindoda yabafelokazi.  [UHLEKO]
[p132 ln 28 - 29]

MR D P MFAYELA:  Sihlalo, nendlu yakho ehloniphekile ngiyabonga ukuthola ithuba lokuba ngiphawule enkulumeni kaMhlonishwa ophethe lomnyango ibe inohlonzo futhi ibalulekile inika nethemba ngendlela encomekayo kakhulu.

Lomnyango Sihlalo, ilapho ubandlululo lwashaya khona lwazwela emphakathini ompofu.  Isikhathi eside lapho abantu ababalelwa ezinkulungwaneni abamnyama bebeholelwe upondo neshumi emva kwezinyanga ezimbili.  Kodwa imali yokuthenga ezitolo ifana kukhokonke okuyizidingongqangi zomphakathi walelizwe.

Kukhokonke ukwenza Sihlalo, nendlu yakho ehloniphekile amalunga alendlu afanele ukumbonga uHulumeni waKwaZulu owema wamemeza uHulumeni okwabe ngosuku owabe uhlezi ePitoli.  Inhloso kwakungukukhalela izimfama zalelizwe ukuba nazo zithole impesheni engcono ukuze zithole okuya ngasethunjwini.

Kumanjenje abaningi abafowethu nodadewethu babesekudingisweni ngabe babuya Sihlalo, abazali sebafa indlala.  Kulesisithuba umnyango oqhuba ngaso imizamo ukubamba lamanqe ahlasela umyango.  Kufanele sime ngemuva kwawo kanjalo nomphakathi esiphuma kuwona sizame ukuwufundisa ngalomkhankaso womnyango wokulwa namasela adicilela isizwe phansi ukuze ubelula umsebenzi wamaphoyisa ukubopha lezizigebengu.

Kanjalo nomnyango kubalulekile ukuba useseke, usukume uma uthola umbiko ophuthumayo ukuze izigebengu zisheshe zibambeke, mhlawumbe umonakalo ungakabi ngaphezulu kwamandla.  Lomnyango Sihlalo, baningi abantu obamukela njengabantu asebafa bebebephila ungazi ukuthi umnyango wenzani ngalesosimo.

Baningi abantu abangaboni emehlweni okuthiwa abahambe bayovuselela ukuthi ababoni koDokotela, ngeshwa impesheni yabo ime okokuphela.  Angazi ukuthi umnyango wenzani ngalokhu.  Umphakathi uyahlukunyezwa ozohola imali ye-welfare kwamanye amahovisi omnyango.

Kubikwe ezikhulwini zomnyango kungabikhona mpumelelo ethini emnyangweni.  Nezimali zokusiza izimfama ezithunyelwa emahovisi omnyango ezifundeni ngibona kubalulekile ukuthi umnyango usondele emahovisi ukuze ubone ukuthi itholwa abantu abafanele na?  Ayi izihlobo ezithandwa ngabasebenza emahovisi omnyango.

Kukhona abantu abakhokhiswa izimali okuthiwa bazithatha empeshenini bebe bengazithathanga umnyango uthini ngalabobantu.  Kukhona abantu abathwalwayo abangakwazi ukuhamba abagula kakhulu emizini yabo ngoba imigwaqo lapha emakhaya asinayo yokuthatha abantu emakhaya kube inkinga ukuthatha umuntu umuse la kuholwa khona.

Ize igcine imile impesheni yalomuntu kuzekuthiwe sewafa umnyango kufale usibhekele lawoma-Social Worker ukuthi asebenza ngedlela kulabobantu abanjalo.  Bese kuba nenkinga yamafayela alahlekayo emnyangweni singazi noma mhlawumbe umnyango ulandela kangakanani ukuthola lamafayela, akhona lana emnyangweni abantu aba-aplaya befuna impesheni.

Ahlala kuphi la ehlala khona aphephe kangakanani la ekhona.  Ngakhoke mhlawumbe umnyango ungasisiza lana uma kukhalwa ngezikhalo ezifana nalezi usondele kube khona abantu abasizayo lana ukubheka umnyango ukuthi awuhlambalazwa abantu abanezinhloso zabo ezithile, ngiyabonga Sihlalo.
[p134 ln 19 - p135 ln 15]

PRINCE G L ZULU: (Minister of Social Welfare):  Mr Mfayela, bengingathokoza mfowethu ukuba lezizinto ngoba uyilunga elinye futhi ngixhumana njalo nawo - akekho, bayomtshela phela omakhelwane bakhe, bayomtshela abangani bakhe ukuthi akungisisi ukuthi sithi sisebenza naye abesezothi layindlini akhulume lokhu akade ekukhuluma ngoba sisebenza naye ngiyaya lapha eNdwendwe ezinye izinto ngize ngifike ngizibambele mina.

Ngoba lokhu akhuluma ngakho kukhona lapha phansi enkulumeni yami ngoba ngaya khona eNdwendwe ngathola ukuthi ikhona imikhoshosho ekhona, bekhona bengamalunga omkhandlu.

Ngakhoke ungimangalisile umfowethu uMfayela ukuba anginandine, angintashike ngemuva. [UHLEKO]  Ngoba ngisebenza naye sebeyomtshela abafowabo ngoba ngizwile nabafowethu bangaphesheya bethi waze wagadla uMfayela.

Cha akungethusanga lokho ngoba ngiyabona ukuthi udidekile nje umfowethu.  Lento ayikhulumayo ngithi ikhona enkulumeni mgomo wami ngakhoke akungisizi kakhulu.   Futhi uyazi naye ngaya laphaya bangitshela abantu ngalezizinto.

Ngakhoke ngineqembu elilodwa elenza imikhonyovu njengoba ngishilo ngathi imibiko yaloluhlelo ingena ubusuku nemini.  Ngakhoke angikwazi ukubamba amaphuphu ayishumi ngesikhathi esisodwa.

NoShenge lapho u-Miss Buthelezi ilunga elihloniphekile ngimuzwile impela ekhuluma ngendoda yabafelokazi ewu ngabona ke nami ukuthi ayi cha ngizalelwe inja endlini.  [UHLEKO]
[p151 ln 15 - 28]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health): I wish to put this one much more clearly because kukhona into ekhulunywayo la ukuthi kukhona mhlawumbe umkhankaso othile wokulimaza abantu noma wokulimaza isizwe okhona njengoba kujovwa izingane noma zinikezwa lamaconsi okuvikela izifo ukugoma.

Sithi kunezindawo esizwile ukuthi abantu bathande ukudideka nokwethuka uma bethola lezincwadi okuthiwa abazisayine.  Kulezincwadi ezisayinwayo izimvume ezisayinelwa abazali ukuthi bazi ukuthi ziyagonywa izingane.

Akusho ukuthi kunobuthi obuthile obukhona okuzokwenza ukuthi izingane zibe nengozi engaphezu kwalokhu ebesikwenza ngonyaka odlule.  Ukuthi sekuwuHulumeni omusha sithi silula amalungelo abazali ukuthi bazi ukuthi uma uzosizonikeza izingane zakho umjovo asizukuvele sizijove ningazi sizofuna nisayine nazi ngoba sizozifica ezikoleni.

Ngithi ngalokho sicela sengathi singabambisana, ngibonga kakhulu ozakwethu esikwazile ukuthi sibambisane ngaloludaba saluxoxa ukuze sikwazi ukuthi lapho esihamba khona silwethule ukuthi akukho into exakile ngalomgomo okhona ukugonywa nje kwezingane kodwa bangesabi ngoba bethi bathola ukuthi sekuthiwa akusayinwe ukuthi kunengozi ekhona cha ayikho.  Sifuna ukuthi izingane zingangenwa izifo ezijwayelekile.
[p158 ln 12 - 20]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health): Somlomo, angikubeke lapha ukuthi inkinga yabantu yokungakholelwa ukuthi lesifo sikhona isaxake kakhulu.  Kodwa uma ngingabeka njenga manje akusekho sigodi ngokubuka kwami esingakaze singcwabe muntu osebulewe ilesisifo.  Futhi ngicabanga ukuthi isimincane kakhulu imindeni engenayo umuntu onaleligciwane, umangase sithi akuhlolisiswe kahle.

Ayi ngicabanga ukuthi wayekubeka ekungathekisa uMahlobo, what we call more figuratively rather than literally.  To make a decision of that nature I would need to do tests.
[p160 ln 30 - 33]

DR Z L MKHIZE: (Minister of Health): Bayazi ngoba their health professionals. 

DR L J T MTALANE:  Futhi nalento kwesinye isikhathi kulama-African State kusho ukuthi mhlawumbe uHulumeni wabantu abamnyama wawubuye ubone imali eningi eshiywe i-Colonial Government ubusubona nje ukuthi awu yaze yaningi imali.  Anginikeze kube-free mhlawumbe sekufuneka ama-cheap treatment or a broad kwase kubonakala ukuthi kuyancuzeka ngapha asazi. 
[p169 ln 23 - 24]

ADV M I MADONDO:  Sihlalo, sivamisile ukuzwa kubuzwa abantu ukuthi ziphi izindlu, iphi imisebenzi eyathenjiswa uKhongolose ngenkathi ekhankasela ukhetho ngo-1994.

Bakhohlwe ukuthi abantu bayazi ukuthi kulaboNgqongqoshe abakhona bakaKhongolose akukho namunye ophethe umnyango wezezindlu nokuthi obani abathola amavoti amaningi kulesisifunda.  Ngaphezulu kwalokho akusiyena kuphela uKhongolose onomthwalo wokuhlangabezana nezidingo zabavoti, kodwa wonke amaqembu ezombusazwe akuloHulumeni.

Labo abavimba izinto zingafinyeleli emphakathini ngenxa yezizathu zombusazwe umlando uyakubahlulela kabuhlungu ngomuso.  Kumanjenje kukhona abathi uHulumeni usakhe umthetho wokuqedela abantu abadala konke lokho okungelona iqiniso, kuyimizamo yokudicilela phansi loHulumeni.
[p174 ln 31 - p175 ln 4]

MR F T DINGILA:  Uze wachaza Baba wethu wachaza ngokuthi kunenkolelo eyayike ikhulunywe kodwa iqiniso olibekile engilizwe kahle elokuthi Mhlonishwa okukhulunywa abantu okusuke kungelona iqiniso ukubeke kanjalo.  

Kodwa iqiniso Mhlonishwa ukuthi awu ngicela ukuxolisa Mhlonishwa Minister kushiwo omunye wezikhulumi esilandela esikade sibeka.  Okuyiqiniso ukuthi abantu abasuke bekusho besuke bephansi lapha bebona izinto ezisuke zenzeka ngempela kanti abasuke bela bakhuluma theorical kahle kabi, kanti practical akwenzeki emuva.  Ilokho okuba inkinga.
[p178 ln 33 - p179 ln4]

Baba kubuhlungu ukukusho lokhu kodwa kungamaqiniso.  
[p179 ln 17]

MR F T DINGILA: Ngiyazi Baba ukuthi ngokuhlakanipha kwakho ukuba kwakuthiwa ziqashele oDokotela wawuyoqasha ama-local Doctors.  Ngoba ngike ngibone la ko-Phoenix, ko-Newlands West, inqwaba yoDokotela abakhona.  Kodwa ke Baba ngoba kwakungewena owawuziqashela walethelwa oDokotela la.

Okubuhlungu kakhulu ukuthi laboDokotela abalethwa la bafike bathathe izipawupete zezintokazi zethu la, bathi uma sebephelelwe umsebenzi bese beyanqena ukuphindela eMabatho bazobulawa.  Kubuhlunguke lokho ngoba ukuba kwakungoDokotela bala babeyothatha izipawupete zezintombi zala bashade nazo, bangesabi ngoba basezweni lakubo.
[p179 ln 21 - 25]

MR F T DINGILA:  Wena ngokwakho Baba imali engu-14 millions rands ye-AIDS Baba wethu wena wawuyaba kahle kabi ukuba kwakuthiwa zabelwe wena la, ngoba uyazazi izidingo njengoba kade uzibala kahle zabantu abaguliswa i-AIDS wawuyoyisa lapho ifanele khona njengoba uze wasibalela nokuthi abantu abagulayo nabafayo nge-AIDS bangaka.

Kodwa ngoba amandla ayengekho kuwena engikucela kuthina sonke la ukuba sikhulume nama-Ministers sithi awehle phela amandla phezulu eze la kuwena Dokotela wethu ngoba ngiyakubona ukuthi uhlakaniphile, kodwa umangase kuvume lendlu ukuthi awehle amandla eze kuwena uzisebenzele wena.  Lo 14 million wena wawuyowaba kahle wenelise abantu kahle.
[p 180 ln 5 - 9]

THE CHAIRPERSON:  Olandelayo ilunga elihloniphekile uMama uBlose imizuzu eyishumi.  
[p 190 ln 21]

MRS H M BLOSE:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, nendlu yomkhandlu ohloniphekile.  Ngibonge uNgqongqoshe wakithi umsebenzi awenzile wokusebenza umsebenzi omkhulu kangaka.  Avule iminyango ekade ivalekile, izalukazi zakithi zingenama-clinic akhe ama-clinic kanja ayiphuma lapho kungekho khona lutho.

Wawuzwa nangendaba ukuthi kukhona into okuthiwa uNesi uyibone ngoba uye edolobheni ngoba egqoke ingubo emhlophe kodwa aqhamukile ama-clinic.

Ngibonga kakhulu ukuthi bonke oNgqongqoshe abakaze nje basinikeze okuhlafunwayo kodwa namhlanje owethu uNgqongqoshe wezempilo utshengise ukuthi impilo umuntu uyithola nangoswidi lo onganakekile.  Esenithi senigugile anisawufuni uswidi unenza ushukela bese nithi niyagula.

Bese ngicela ukuthi ngikhulume ngobhubhane lolu oseluqede abantu olubizwa ngokuthi ingculazi.  UNgqongqoshe uNkosazane Zuma usehle wenyuka waze wasilandela oDokotela ngaphesheya kwezilwandle.  Ngoba kunezinkinga la ngoba oDokotela abekho abangakwazi ukusebenza umsebenzi wezempilo.

Sibonga kakhulu ezempilo ukuthi zihluphekile zehla zenyuka, sicela ukuthi nala e-South Africa bathi ukuqeqeshwa oDokotela abazokwazi ukuthi baqhubeke nomsebenzi wobuDokotela wokulapha abantu bakithi e-South Africa.

Simbonga uNkosazana Zuma ukuthi uzihluphile ehla enyuka waze wayofika emazweni angaphesheya ngoba ekhathazekile ngesizwe sakubo esimnyama esingayitholi impilo ngokwanelisekayo.

Ngicela ukuthi ngikhulume ngalokhu ukuthi kunokuhushulwa kwezisu okumenyezwa zonke izinsuku u-Radio Zulu ethi kukhona ukuhushulwa kwezisu.  Ngizoke ngithi ukucacisa kancane nje kulendlu.

Ngicela amadoda alalele ngoba akuwona amithayo abafazi abamithayo.  Kulendlu ngicela ukusho ukuthi izisu abamhlophe kade baqala bezikhipha kodwa namhlanje ngoba sekusemthethweni ukukhishwa kwezisu sekungazukuthi into entsha.

Abantu bakithi, oHulumeni bakithi bahluphekile belapha izintandane ezingenasidingo, sebesizamele ukuzenza bona bazikhiphile bona abantu bakithi besifazane abamnyama.

Amakhosikazi aphoxekile kakhulu ezindaweni eziningi ngoba uthola umlenze kwenye indawo, ithole ikhanda lengane kwenye indawo kanti lento uma ibekwa iba semthethweni ukukhishwa kwezisu kuyoma kuthi mpo.  And kungabibikho ukubona izintandane ezihambe zisokola, zihamba zithithibala emgwaqeni, izingane zifakwa koplastiki zitholwa emgwaqeni.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[p 190 ln 23 - p191 ln 14]

THE CHAIRPERSON:  Olandelayo ilunga elihloniphekile uBaba u-Redinger nemizuzu eyisithupha.  
[p191 ln 10]

THE CHAIRPERSON:  Ngokohlu oluphambi kwami lapha ngizocela ilunga elihloniphekileyo uMnumzane D.H. Makhaye ukuba aqale inkulumo yakhe, unemizuzu ewu-15, ngiyabonga.  
[p 226 ln 14]

THE CHAIRPERSON: Siyabonga elungeni elihloniphekileyo.  [Thank you to the hon member].  
[p 227 ln 4]

THE CHAIRPERSON:  Ngenxa yesikhathi lendlu izoguqa manje kuze kushaye ihora lesibili ntambama, ngiyathokoza.  
[p234 ln 12]

THE CHAIRPERSON:  Olandelayo ohlwini lwabakhulumi ilunga elilendeleyo uMnumzane uNgidi.  
[p239 ln 26]

THE CHAIRPERSON:  Olandelayo ohlwini lwabakhulumi ilunga elihloniphekileyo uMnumzane uNgidi uno-12 minutes.  
[p240 ln 1]

THE CHAIRPERSON:  Ngiyacela amalunga amnikeze indlebe sizwekahle ukuthi uthini bakithi.  
[p246 ln 23]

THE CHAIRPERSON:  Okay. Olandelayo ohlwini lwabakhulumi ngizocela u-Advocate I.M. Bawa uno-13 minutes.  
[p247 ln 13]

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga kakhulu ngokuhlangana  koSoswebhu ngithunyelwe nokuthi u-Mrs Mkhize mangimnikeze ilungelo lokuba akhulume njengoba kade engekho u-10 minutes. 
[p251 ln 4]

MRS N C MKHIZE: (Whip): Mr Chairman sir, Ndabezitha uNgqongqoshe wezimali onguNdunankulu walesifunda sakithi futhi KwaZulu.   Ubeke inkulumo esemqoka kakhulu ngoba ekhuluma ngezimali, imali iyisisekelo yezimpilo zethu nezabantwana bethu nezesizwe sonke.

Isizwe esingenamali nesingenazindlela zokuyakha imali sibukeleka phansi.  Umphakathi ongenazimali nongasebenzi uba isidleke salezinto ezimbi eziwudlame, izimpi, izenzo zokungcola, inzondo, ukubulalana, usizi.

IwoloHulumeni okubhekeke ukuba asihlikize lesisidleke, abantu abanamakhono kufanele noma kanjani lawomakhono abo asetshenziswe ekwakheni amandla ayimali ngokwakha izimboni.

Thina njengabantu besifazane sithinteka kakhulu ekusebenzeni. Kodwa kusemqoka ukuthi lemizamo yabo ihlanganiswe kuthi labo abazama ukwenza imisebenzi yezandla emncanyana ithuthukiswe ibemkhulu.

Kuyadabukisake nokho ukuthola ukuthi njengoba uHulumeni lo okule-Province ebhekene ngqo nokuba aphakele abantu ngemisebenzi.  Kukhona ezinye izinto athola sezenzeka engasenawo amandla ukuthi uzozilungisa kanjani.  Njengayo lendaba eqhamuka ngenhla yama-casino angasenamandla ukuthi yena angenzani.

Ifana nodaba ebesilikhuluma lapha izolo la ukuthi imithi isizolandwa emazweni aphesheya bese kuthi izimboni ezingala ngaphakathi ziswele ukuthi eyazo imithi ziyidayisaphi.

Ngiyacela abafowethu baka-COSATU abalapha ngaphesheya babhoke kuloludaba ngoba abantu babo bazophelelwa umsebenzi.  Ngalawomazwi ngiyabonga kakhulu I support the budget speech by the hon Premier.  Thank you.
[p252 ln 3 - 20]

THE CHAIRPERSON:  Siyabonga kakhulu elungeni elihloniphekileyo, ngaleyondlela sizocela uMhlonishwa uNdunankulu uDokotela uNgubane.  [Thank you very much to the hon member.  At this juncture I am going to ask the hon Premier, Dr Ngubane].

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Angibonge Sihlalo, okokuqala nje angisho ukuthi udaba olubi lolu olulethwe uzakwethu lapha ngaphesheya ngesehlakalo esenzeke eMkhuze.

Umthetho wami bengithi ngizonyantulula izinto eziningi, kodwa ngenxa yomoya engiwubone namhlanje omuhle engibone namandla kaNdunankulu wethu ukuthi unobuhlakani abuphiwa ezulwini wokuba ahlangane noMhlonishwa wethu lapha ngaphesheya uNxamalala balungise indlu, umoya uzwane kuthi uma kukhulunywa kukhulunywe ngomoya owodwa.

Ngikushayela ihlombe lokho kungenza njengendoda endala besengithi ezinye izinto ebengizozikopolota ngiziyeke.  Ngoba angithandi ukuthi indoda endala ikopolote izinto esezadlula.  Kodwa ngicabanga ukuthi uma sikhuluma ngalendaba eyenzeke eMkhuze kufanele sikhulume ngempela sikhiphe ingonyuluka.

Kwenzele ukuthi uBaba uMsholozi no-Premier wethu noMphathiswa ophathiswe umnyango wezokuphepha sikubheke impela ukuthi kufanele sikugxeke lokhu.  Singakugxeki ngoba kulethwe uzakwethu wakwa-ANC kukhona izinto eziningi ezenzekile kule-Province.

Kule-Province kunenkinga enkulu yokuthi Baba Sihlalo, amandla awekho kumphathiswa wezamaphoyisa.  Uma uNxamalala no-Premier wethu ne-Cabinet yonke njengoba kubonakala ukuthi sihlafuna izinkobe sindawonye i-IFP ne-ANC sifanele siphumele obala sisho ukuthi umphathiswa kwezokuphepha akanikezwe amandla akwazi ukusebenza.

Bakwethu ngikuthatha njengendoda endala akekho umuntu ongathi ephethe umuzi, umuzi wakhe uphathwe enye indoda.   Ngoba okusho ukuthi uma nginoNkosikazi wami kufanele kubenendoda ezongishayela umthetho, angiboni ukuthi ikhona into enjalo.  Ngoba kusho ukuthi umphathiswa wezomnyango wezokuphepha kunendoda emphathele umthetho.

Manje angiboni mina Msholozi ukuthi kufanele sithi kukhona ukuthula okuzokwenzeka kule-Province.  Siyakugxeka kakhulu ukuthi ahambe amaphoyisa ebusuku ayongena ema-ofisi kungekho muntu abulale izivalo enze zonke izinto, ngempela siyakugxeka ngeke sizesikuvume lokho.

Sikhumbule futhi ukuthi akukhona okokuqala lokhu kwenzeka kuningi okade kwenzeka kwenziwa amaphoyisa.  EMandeni kubulawe abantu akukaboshwa muntu, kwase kuthi ngoba kukhonjwa osibani bani kwase kuthiwa ibona.

Lapha eMpendle kuboshwe uShange washawa, wahlukunyezwa amaphoyisa.  Lavulwa icala Baba Sihlalo, okunamhlanje akukaboshwa muntu.  Siqikelele futhi ukuthi asiyibheke lendaba masikhipha ingonyuluka Nxamalala Baba wami engimthanda kakhulu.

Asiyibheke lendaba ukuthi hlobo luni lwamaphoyisa akhona eziteshini ngoba kunalento embi eyenzakalayo kuthiwe i-IFP inophiko lwayo lamaphoyisa ahlala eziteshini.
[p293 ln 29 - p294 ln 22]

THE CHAIRPERSON:  Ilunga elihloniphekile linomzuzu owodwa.  
[p295 ln 20]

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Ngoba ngicabanga ukuthi lamaphoyisa amanye Nxamalala Sihlalo, uyabona lento okuthiwa kukhona amaphoyisa okuthiwa i-POPCRU bakwethu ngeke ngiphumule Ndosi uma ingahlakazwa lento okuthi i-POPCRU akube amaphoyisa e-South Africa ayi amaphoyisa eqembu.

Ngiyakhuluma mina ngithi akufunakali kwenze lokho.  Bakwethu lapha eNtambanana uThisha ufikelwe amaphoyisa amthatha kodwa loyo Thisha wakwaMabaso utholakale esesemakhazeni ubulawe wobani?

Angishoke mina ukuthi ubulawe uKhongolose kusho ukuthi kukhona abasebenzise isandla sesithathu esasikhulunywa esenza ukuthi uma kwenzeka izinto njengoba kwenzeke eMkhuze bese kuthiwa i-IFP ethumele amaphoyisa.

Lapha e-ofisi le-IFP kufakwe isitaputapu somuthi befuna kuthiwe i-ANC ewufakile ngithi mina asiyibheke lento siyi-IFP ne-ANC.   Ukuthi kukhona umuntu oqhatha abukele yena umazingqubuzana izinkunzi.

Kuvelile namhlanje la kule-debate ukuthi i-ANC ne-IFP bahamba ndawonye bathi siyavota, abaphumile bathi asivoti indaba yaboke leyo, ngiyabonga Sihlalo.
[p295 ln 22 - p296 ln1]

MR M MABUYAKHULU:  Angibonge Somlomo Baba, angibonge amalunga ahloniphekile alendlu ukuthi uma umuntu ebeka udaba olusemqoka kangaka akwazi ukuphatha ngendlela aluphathe ngayo.

Nokhoke Baba Somlomo, ngingeke nganda kakhulu mhlawumbe ukuphawula ngamanye amalunga ahlale ephuma eceleni okukajolisaka.  Ngingaphawula nje ngokuthi kuyathusa nokho ukuthi uma uzwa ilunga lalendlu elifana noMnumzane ohloniphekile u-Nel ethi uma kukhona abantu abaya e-ofisini leqembu bafike bangene ngendlovu yangena kungekho muntu.  Akulona udaba olubalulekile lolo okungathi i-issue of public importance.

Than ukuthi ngakwa-DP kanti yini udaba okuthiwa udaba olubalulekile what is the public importance?  Ngifunake Baba Somlomo, ukuthi ngibuyele la ngithi leliphuzu leli esilibekayo kusemqoka kithina njengamalunga ePhalamende la kulendlu yakho sikwazise kakhulu ukuthi singangeni la ehlazweni lokuthi sidedele izigebengu esizithathe ngaphansi kombutho wamaphoyisa ziqhubeke nobugebengu.

Sifuna ukuthi lezozigebengu si-dealer nazo ukuze phela sihlanze igama lamaphoyisa asebenza kahle embuthweni ngoba maningi amaphoyisa asebenza umsebenzi omuhle.  Ngithi futhi Baba angibonge amazwi abekwe uMahlobo ahamba emagameni ami langithe khona ukwenza ubugebengu obunje.

Kuhloswe ngabo ukuthi kuqhathwe thina ANC ne IFP.  Ngenhlanhla embike lezigebengu siyakwazi manje ukubona ukuthi kukhona abajikijela amatshe phakathi kwethu.  Singabavumeli ukuthi bakwenze lokho.

Ngithi Baba Somlomo, angikubonge lokho.  Besengigcina ngokuthi ngibonge ukuthi onke amalunga ayavuma ukuthi loludaba esengilibeke phambi kwalendlu yakho ehloniphekile ludinga ukuthi lusukunyelwe ngokukhulu ukushesha.  Kudinga ukuthi kubekhona ucwaningo olunzulu ngempela ngoba lapha kuleyandawo amaphoyisa azokwenza isimo sibemuncu kungafanele bese eqhubeka esiqhatha angene kwabanye ngala, angene kwabanye ngala enze imikhuba yokungcola.

Akesingawavumeli kuseyimanje sisebenzise ukuthi asibhekane nalabo ababi ngoba phela basazibiza ngokuthi bayi-special branch lapha eJozini thina sazi ukuthi kade aphela.  Ilokho Baba Somlomo ekade ngifuna ukukusho.

Besengigcina ngokuthi uma lolucwaningo selenziwe singathokoza ukuthi lubekwe phambi kwalendlu yakho ukuze phela nabenza kanje embuthweni wamaphoyisa bazi ukuthi lendlu okuyiyona eshaya umthetho angeke iphinde nangelinye ilanga ukuthi ikubekezela ukuthi kubenezehlakalo ezifuze lezi.  Ngalawomazwi ngiyabonga Baba Somlomo.
[p296 ln 18 - 297 ln 8]

<Cov697>
ISESHINI YESINE 
UMHLANGANO WESINE	: 
OJWAYELEKILE	 : 
5 KUYA KU-20 KUNHLABA 1997
UMQULU 6 1997

<Vol697>
THE DEPUTY SPEAKER:  Ndabezitha ngicabanga ukuthi uMntwana angaqhubeka.
[p143 ln 33]

<Cov797>
ISESHINI YESINE 

UMHLANGANO WESIHLANU,
NOWESITHUPHA KANYE
NOWESIKHOMBISA : 
OJWAYELEKILE	 : 
17 KUMANDULO, 28, 26 KANYE NO 27 KULWEZI 1997
UMQULU 7  1997

<Vol797>
DR Z L MKHIZE: (Minister of Health):  Baba Somlomo, ngithi asimhalalisele umphenyi uMnumzane Bushy Engelbrecht ngomsebenzi wakhe oncomekayo, sihalalisele namaphoyisa abemlekelela nomphakathi wase-Richmond.  Ngoba njengamanje eLovu kushaya umoya wokuthula njengoba kuboshwe uNkabinde.

Ngeke sivume ukuthi kuthiwe izono ezenziwe yimpisi egqoke isikhumba semvu kuthiwe sekuyizono zethu.  Ngakho-ke ngithi ingalo yomthetho mayisebenze.

Namanye amaqembu awazibheke ngoba sifuna ukwazi ukuthi lesandla lesi esisishoyo ayoqala nini ukuthatha izinyathelo kuzona ngiyabonga.
[p28 ln 30 - p29 ln 2]

MR W U NEL:  Somlomo, ngiyamangala mina abamazi ngiyakhumbula ukuthi kwakukhona ilunga elalinegama okuthiwa u-Petros, waphika Inkosi kabili iqhude lingakakhali kathathu.  Wamphika esanda kusukuma ekudleni, wamphika kodwa elokhu emlandela iminyaka emithathu engamazi ngiyamangala.
[p 34 ln 4-5]

MR W U NEL:  Mhlawumbe nakusasa i-National ukuthi i-apartheid into engayazi bayikhohliwe.  Sifuna ukubuzake thina ukuthi i-ANC uKhongolose usekhohliwe yini ukuthi kwakukhona ilunga elihloniphekile iBhubesi lase-Midlands uMnumzane u-Harry Gwala yena wayene-Lieutenant uSifiso Nkabinde.

Sebekhohliwe yini ukuthi ngo-'94 kwakukhona i-election babene-list enegama elibhaliwe Sifiso Nkabinde.  Bakhohliwe yini ukuthi lonyaka owedlule bathatha uMnumzane uSifiso Nkabinde bamnika i-freedom yase-Richmond.  Sebekhohliwe ukuthi i-Mayor eyahamba phambi kwalena ekhona manje esihlalweni igama lakhe kwakungu-Sifiso Nkabinde, ephethe isihlalo sika-ANC.
[p34 ln 14 - 18]

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Somlomo Baba, ngizizwa nginamahloni okukhuluma ngaloludlame osekunesikhathi eside kangaka sikhuluma ngalo, amaqiniso avele ukuthi ubani obulala abantu.

Ngineqiniso lokuthi Baba Somlomo, isikhathi onginikeze sona sibesincane ngoba bengizoveza izinto eziyiqiniso obekuhleli kukhulunywa iminyaka neminyaka.

Enkulumeni yami namhlanje - ngizama ukuphendula uDumisani ngoba uthi kukhona isandla sesithathu ukhomba ezinye izinhlangano ukuthi nazo zinjalo.  Kodwa ngineqiniso lokuthi namhlanje amaqiniso avelile ukuthi iyiphi inhlangano eyadala ukuthi kubekhona udlame kule-Province.

Ngoba uSifiso njengoba eboshiwe namhlanje nginamahloni ukusho ukuthi unesikhathi esincane kangakanani exoshiwe kwi-ANC.  Isikhathi esiningi ubeku-ANC, isikhathi esiningi bekufa amalunga e-IFP e-Richmond, isikhathi esiningi bekufa amalunga e-IFP eMpendle, kuwona wonke uMgungundlovu bekufa amalunga e-IFP.

Kwabulawa abantu bakwaNzimande e-Richmond ePhatheni bemiswe ngodonga nanamhlanje akukaboshwa muntu, kodwa okubuhlungu ukuthi namhlanje uma i-ANC ngezinyangana ezintathu ephumile uma sekufa amalunga kaKhongolose, uKhongolose usephuma umkhankaso uyodudula amaphoyisa, uyodudula iziMantshi, uyodudula u-President ukuthi akuboshwe uSifiso.  Nempela useboshiwe uSifiso.

Ngithi mina namhlanje akucace ukuthi kumuntu ohlakaniphile ofuna lelizwe libuseke uyabona ukuthi uma i-South Africa iseGibhithe namhlanje.  Ngalesisenzo sokuthi - ukuboshwa kwaSifiso angihlangene nakho, anginandaba futhi.  Noma imuphi umuntu obulala abantu akangene ejele.  Kodwa okubuhlungu ukuthi akusuba uhlangothi olulodwa, kuthi uma kufe abe-ANC kuboshwe, kuthi uma kufe abe-IFP kungaboshwa nmuntu.

Emlazi Baba Speaker, lwalungekho udlame lwabakhona ngokufa kwaMxenge.  Bathi abe-ANC uMxenge ubulewe i-IFP namhlanje sekuvele ukuthi akubona abe-IFP ababulala uMxenge sebevelile sebecele ushwele i-ANC ithule ivale umlomo akakhulumi.

Izolo lokhu u-President onguMongameli walelizwe ukhulume kwi-rally wathi izandla zoMntwana wakaPhindangene owuMongameli we-IFP zigcwele igazi.  Kwathi emveni kwalokho uThabo Mbeki uphumele eshashalazini wathi kwakuphunywe umkhankaso ukuthi akubulawe uButhelezi.

Ubani onezandla ezigcwele igazi?  U-ANC fanele akuphendule lokho.  Sisesikhathini lapho ekufanele i-ANC ne-IFP bahlale phansi babheke ukuthi udlame luyaphela.
[p35 ln 8 - 32]

THE ACTING SPEAKER:  Mibili imizuzu. 

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Makhaye ngiyangabaza ngithi mina uBaba uZuma uNxamalala akamu-discipliner uDumisane ukhuluma izinto zokuphehla udlame.  
[p35 ln 24 - 26]

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Uma uzisho Baba nami ngiyavuma.  Ngithi mina Mhlonishwa Nxamalala uma kusahola i-ANC kule-Province donsa ilunga elihloniphekile uDumisane ayobhodla e-office lakhe angabhodli emsakazweni aphehle udlame, uphehla udlame uDumisane.
[p37 ln 2- 3]

THE ACTING SPEAKER:  Munye umzuzu osele.  

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Kuthe ngesikhathi Baba Somlomo, ngesikhathi nimxosha uSifiso esikhundleni sokuba adile nokuxoshwa kukaSifiso wahamba ethinta wonke amaqembu ukuthi nako-IFP izimpimpi zikhona, nako-National uDumsane, akazisho ngani lezimpimpi ukuthi ngobani.

Baba Somlomo, uthi kunesandla sesithathu uyamazi u-Richard Sikhosana, uyamazi? owoMkhonto obekade ebhuqa bhuqa amalunga e-IFP e-Mooi River Emtshezi.  Namhlanje usewu-Major lana emaSotsheni.
[p37 ln 8 - 14]

THE ACTING SPEAKER:  Isikhathi selunga elihloniphekile sesiphelile.  

MR T D NTOMBELA: (Whip):  Asizukuthula singazivezi izinto ezenziwa uKhongolose, uKhongolose uyena umphehli wodlame la ku-Province, ngiyabonga.
[p37 ln 22 - 24]

INKOSI B N MDLETSHE:  Somlomo, ngicabanga ukuthi kulentambama yakho yanamhlanje nxa umuntu ebuka lomthetho sivivinyo ungumthetho omuhle kakhulu okufanele ukuthi siwusekele sonke, ngisekela lokhu obekushiwo ilunga elihloniphekile u-Rajbansi ukuthi noma kukhona okuthize kofanele sikubone ngesikhathi esizayo.

Lomthetho nxa uwubuka Somlomo, ungumthetho ovikelayo nokhusela amafa esizwe, akusiwo umthetho obhidliza izinto ezingamagugu esizwe.  Ngakhoke nxa uwubuka njengoba kuzokwakhiwa amafa esizwe, uhlizenkela nezindlela ezinhle zokuthi obani abazosingatha lomsebenzi.

Sihlalo, ngike ngezwa kancane nje ukuthi kukhona izinhlelo eziphezulu ukuba kuthuthukiswe leyandawo yaseMakhosini.  Leyandawo iwumlando kithina futhi ilapho esithatha khona amandla obuKhosi thina esingaMakhosi.

Nanokukhombisa ukuthi sisuka kuphi, sikuphi, siyakuphi, kusemqokake ukuba leyandawo ithuthukiswe ibesesimeni esiqondileyo nesihloniphekayo emhlabeni wonke.

Lomthetho uyawubona Sihlalo ukuthi kusukela namhlanje nakusasa uzoba umthetho ovikelayo, nothuthukisayo, nosingatha amafa esizwe Somlomo.

Ngiyafisa Somlomo, ngicosha lelithuba ukuthi ngiphawule ukuthi kunezindawo ezithize esizibonayo ukuthi zisemqoka kithina njengesizwe saKwaZulu njengendawo Isancome Somlomo.

Leyondawo iyindawo uZulu alwa kuyona, okufanelekile loMkhandlu ukusebenze lokho.  Kuyosihlupha-ke Somlomo, uma kuyobakhona abanye kulelizwe lakithi abayothatha leyondawo kubesengathi indawo yabo bayiqhwage kithina ingabi iwo amafa ethu njengesizwe, kepha kube indawo yabathize ingozi-ke leyo.

Ngicabanga ukuthi kusemqoka Somlomo ukuba baxwayiswe abacabanga lokho ukuthi bangalinge badlale ngezinto ezingamafa ethu.  Siyafisa sonke ukuzuza ngalendawo, futhi siyafisa ukuya kobona lezindawo, futhi siyafisa ukuba lezindawo zigcinwe zigcinelwe thina.

Ngakho-ke Somlomo, zonke izindawo ezikhona lana KwaZulu-Natal zingezethu, akusizo ezabantu abathize.  Njengoba ngiphatha indawo yaseNcome Somlomo, uzothola ukuthi lapha kuke kuhlangane abathize basibize ngamagamana aziswana, basasibiza ngamaKhefa lapha uma behlangene.

Ingozi-ke leyo Somlomo, angifisi ukungena kakhulu kuleyondaba.  Ngicabanga ukuthi kusemqoka impela ngoba sizokuzwa ukuthi lendaba isheshe ilungiswe, futhi iqondiswe.  Ngakho-ke lomthetho sivivinyo ngiwusekela ngokupheleleyo ngoba uzolungiswa lezigwegwe ezikhona uzenze ziqonde.

Awu! yakhuluma Inkosi, ngiyabonga Somlomo.
[p94 ln 16 - p95 ln 10]

MR J D MKHWANAZI:    Ifile i-apartheid ma Afrika angiboni sizolokhu sigxuma-gxuma phezu kwento efileyo. [Apartheid is dead Africans, can you not see we keep jumping up and down on one thing].  

MR M M MACKENZIE:  Mama Mphathisihlalo, MaMsomi, nabozakwethu nazo izisebenzi zonke ezimele Ezemvelo.  Lomthetho wesivivinyo ongaphambi kwethu namhlanje ningawusabi nicabange ukuthi umsebenzi wenu uzophela, ngoba ngifuna ukugcizelela okunye lana kinina ngaphandle kwenu ngeke sikwazi ukonga noma iselesele.

Ngicela futhi ukugcizelela ukuthi into ebunjwe umuntu emhlabeni ngeke ibe into ezodlula uma ivivinywa uNkulunkulu cha, izono ziyobe zikhona.  Ngicela ukuthi nibekezele umakade zivele ukuthi sizibuyise kulendlu sizame ukuthi sizilungise khona la, ngoba isifiso siqophe umlando, umlando uqophwa ngoba - siyaqala namhlanje ukungenisa abaMpisholo lana phakathi endabeni ephethe Ezemvelo lapha kade kuhleli khona abaMhlophe bodwa kuqala. 
[p166 ln 7 - 12]

MR M M MACKENZIE:   Okhokho yibo bona abasusa umthetho lona ebenikade nihleli ngaphansi kwakho nejoko leli ekade linisinda entanyeni. 
Mhlawumbe niyazizwa izinkankane aziyeki ukubanga umsindo njalo lapha endlini. 
[p166 ln 22-23 & 25-26]

MR M M MACKENZIE:  Yebo dadewethu ngiyadelela ngempela. 
[p166 ln 32]

MR M M MACKENZIE:  Uma singasakwazi ukuzwa lemisindwana emincane etholakala emahlathini njengengududu, njengokubhodla kwembube, njengogaga, njengejubantonto, kuyokhomba impela ukuthi ngempela sebewubulele umhlaba wethu.

Kuyokhomba ngempela ukuthi leyonyoni inkombodwana uma ithi ufile uBaba, ufile uMama, nazozonke izingane ezifile inhliziyo yami ithi do, do, do, do, do.
[p167 ln 7 - 10]

MR M M MACKENZIE:  Abaphansi bayakhala bakwethu.  
[p167 ln 24]

MR M M MACKENZIE:  Asifuni thina ukuthi nina enisebenzela eziqiwini nize nidinwe, niphikise ukuphatha kwenu ngoba nizwa ukuthi umoya wenu usucindezelwe ningasakwazi ukuqhubeka ngoba nadonswa khona ukusebenza emaphandleni kodwa impatho yenu isibanga inzondo eyenza ukuthi nibalekele ningasaphindi nisebenze khona asikufuni lokho thina isho kancane.
[p168 ln 16-17]

MR W U NEL:  Asazi namhlanje ukuthi umholi walelibhodi esilakhayo ukuthi kuyoba ngubani, futhi nebhodi lizokwakhiwa kusasa noma ngenyanga ezayo kodwa siyajabula ukuthi amalunga asebenzela i-D and C, ne-NPB akhona lapha namhlanje.  Ngoba inina enizovikela Ezemvelo zalesifundazwe sakithi namafa alesifundazwe sakithi.

Ngithe abavakashi abaya e-France ngonyaka baletha imali edlula umnotho walelizwe lethu lase-South Africa imali edlula yonke leyomali ihlangene.  Kusho ukuthi umsebenzi wenu ubucayi uma niwenza kahle ngalendlela enijwayele ukuwenza ngawo isifundazwe sethu singaqhubeka ngesipiti esimangalisayo.

Okuvivekela Ezemvelo kulesifundazwe akusho ukuthi sesiphuca abantu amathuba, akusho ukuthi sesiyabazonda omakhelwane ama-Reserve.  Kusho ukuthi ngempela, ngempela siyabakhela amathuba angcono and kufuneka thina sithengise lento esiyenzayo ngaleyondlela.

Asiwona amaphoyisa ezilwane singabasizi bomphakathi and ngifisa ukuthi iyonto esizoyithengisa kuleminya ezayo.  Futhi siyovikela abantu ngeke sivikele izilwane kuphela. 
[p177 ln 7 - 16]

INKOSI B N MDLETSHE:  Somlomo, angibonge lelithuba kuqala ngibongele uMhlonishwa uNgqongqoshe ngokuba athathe isikhathi sakhe esaneleyo ukuba lomthetho ume phambi kwaleliPhalamende.  Ngicabanga ukuthi kusemqoka lokho ngoba kwenze ukuba sibone ukuthi ukutatazela kuyahlupha kuba namaphutha, kepha ukuthatha isikhathi sakho wenze kahle wenze zonke izinto zibe nomphumela oqondileyo.

Lokhu esikubonayo kulomthetho sivivinywa kubufakazi balokho bokuthi ukuthatha isikhathi sakho kuvamisa ukuhiqiza izinto ezifana nalezi.

Ukuba Inkosi Somlomo, ngiyacabanga ukuthi kuyakhombisa namhlanje ukuthi uhlala njalo ubuka phambili ubone izinto ezifanele isizwe uzinikeze isikhathi sakho ngalokho.

Somlomo, kwangijabulasa nxa ngibona ukuthi lomnyango uphethwe Inkosi, ngoba ngiyacabanga ukuthi lona owacabanga lokho ukuthi lomnyango awunikeze Inkosi wayeqonda ngokufanelekileyo ukuthi imvelo nobuKhosi buyinto eyodwa.

Ngakhoke othandayo nongathandiyo kufanele alivume iqiniso Inkosi isikhombisile lokho.  Somlomo, okwenziwe ilomnyango ukuba wakhe isisekelo esiqondilelyo emshadweni phakathi ka-NPB no-D and C.  Nginenkolelo yokuthi lomshado uzoba impumelelo, bazoshada lababantu bahlale kahle bahiqize izithelo ezifanelekileyo bazale bandise izwe.

Kusemqoka Somlomo, ukuba senze imithetho leyo eyokwazi ukuba yemukeleke kubantu bantu bakithi.  Lomthetho uzokwemukeleka kubantu nginaleyonkolelo.  Nginaleyonkolelo ukuthi lomthetho uzokwazi ukuphakamisa ukuvikela kwemvelo iminyaka engamakhulu amabili azayo.

Lokhu Somlomo, kusemqoka ngoba kufanele sikwazi ukuba sizuze izinhliziyo nemiqondo yabantu ngokuba sishaye imithetho leyo efanelekileyo ngalesosikhathi njengalomthetho esixoxa ngawo namhlanje.

Ukwakhiwa kwamabhodi ezindaweni zethu lokhu okuthiwa ama-Local Baord kuyaqala ukuba khona akuzange kubekhona ngaphambili cishe uma ngingaphosisi akukho nase-Africa, kuzoba kuqala la.  Lokho kuzonikeza abantu bakithi ithuba Somlomo, ukuba babambe iqhaza ekuxoxweni nasekuphathweni kweziqiwi.  Bekungekho lokho angikugcizelele lokhu.

Kuzokwenza ukuba abantu bavuleleke bazi ngezinto ezenzakalayo eziqiwini.  Ayingathi Inkosi ikhuluma nibe nikhuluma nani.  [UHLEKO]  Lafa izwe madoda, lafa izwe impela lafa.

Kuzokwenzeka Somlomo, ukuba abantu bakithi baqonde ukuthi kwenzakalani ekugcinweni kwemvelo.  Kuliqiniso engeke liphikwe ukuthi sonke lesisikhathi lezinhlangano zemvelo bezivalelekile, ubangazi nokuthi kwenzakalani yini abayenzayo.

Kepha manje usuyaqala ukuqonda ukuthi bebengoni bebevikela lokhu okungamafa esizwe, kufanele kuvuleleke lokho.  Akufuneki kube into evalekile leyo fanele yaziwe isizwe Somlomo.

Ibhodi eyedlule Somlomo uma ukhumbula kahle ibiyakhiwe ikakhulukazi abamhlophe lokho bekunikeza umqondo ezweni ukuthi abantu abagcina imvelo kangcono, nabazi imvelo kangcono abaMhlophe.

Kodwa manje uma ubuka lomthetho esibhekene nawo unikeza ithuba ngisho abantu nontembuzana ukuba basho okuthize ngemvelo.  Nathi sesizokwazi ukukhuluma ngemvelo sikhululeke sivikelwe nawumthetho.

Ngakho-ke Somlomo, ngiyakubonga lokhu ngikubonga eNkosini nomnyango wayo njengeNkosi, ngoba fanele singakushiyi lokho ukuthi njengeNkosi ngoba kusemqoka.

Lapha nxa uma ubuka isigatshana u-section two sub-section two A no-B onikeza amandla uNgqongqoshe ukuba abuke izinqumo ezithathwa i-Local Board kanye nanoma isiphi isisebenzi ngicabanga ukuthi kusemqoka lokho Somlomo, ngikushayela izandla kakhulu lokho.

Ngoba kuningi obekwenzeka thin mphakathi ebesakhelene neziqiwi singakwazi ngisho nokukhuluma, singazi ngisho nokuthi sizokhuluma nobani.  Lokho bekulimaza ubudlelwano phakathi kwemiphakathi neziqiwi.  Ekugcineni umuntu othwala lesisono uNgqongqoshe nomnyango wakhe.

Ngakho-ke besikubuka thina lokhu kudala isimo sokuthi kukhwezwe izihlahla phezu kwabantu singabi nayo indawo yokuvikeleka.  Kepha ngalesigatshana lesi senza ukuba kubekhona ubudlelwana, senza ukuba abantu bavikeleke. 
[p178 ln 12 - p179 ln 23]

THE DEPUTY SPEAKER:  Isiyaqoqa manje Inkosi.  

INKOSI B N MDLETSHE:  Okunye futhi okungihlabe umxhwele Somlomo ukuba kukhethwe abantu abanothando kwezemvelo, abanentshisekelo kungihlabe umxhwele lokho ngoba akubobonke abantu abanentshisekelo kwezemvelo okufanele afakwe la.  Ngakho lomthetho ngiwusekela ngokupheleleyo ngiwukhuthaza ukuba uqhubekele phambili.

Somlomo, ngiyafisa ukuphawula kancane nge-Community Trust eyaphathwa uMhlonishwa, leyonto yenza ubudlelwane iyona ezosisiza ekuzuzeni imiqondo yabantu, nezinhliziyo zabantu.

Fanele sakhe ukwethembana phakathi kweziqiwu nabantu, kubekhona ukuhloniphana, njengoba lishilo ilunga elihloniphekileyo u-Mrs Cronje ukuthi uma sesenze lokho sokwenza abantu bakusekele ukuvikeleka kweziqiwi zethu.

Akufuneki senze amaphutha edlule Somlomo, ngiyafisa nje ukusho sengiphetha ngithi izisebenzi zakwethu ngiyazibongela kakhulu, nabobonke abantu abasebenza imvelo ngokuvikela amafa ethu, nokusigcinela lokho okuyigugu lethu.

Ngiyacela ukuba baqhubeke bawenze lomsebenzi bangakhathazwa ukuthi - uma ubuka lomthetho uyabavikela kuyoyonke indlela uze uvikele nomuntu oxoshwayo ukuthi unelungelo lokubanana ngqo noNgqongqoshe akhale kuyena.  Ngakho-ke amalungelo abo nalokhu abahambisana nakho kuvikelekile kulomthetho abakhululeke abazizwe besekhaya.  Ngiyathokoza Somlomo.
[p181 ln 12 - 26]

MR J D MKHWANAZI:  Ngiyabonga Mama Somlomo, thina ma Afrika alana KwaZulu naseAfrika akukho - phela bonke laba asebakhile asebezibiza ngokuthi bangalapha kimina bangama Afrika.

Ayikho ene into esinayo esaphiwa uQamatha imvelo.  USomandla, uMvelingqangi, imvelo, umhlaba, notshani, nezihlahla, nezilwane, namanzi, nezintaba lokhu sakuphiwa uSomandla sinakho in English, in abundance.
[p183 ln 23 - 27]

MR J D MKHWANAZI:  Ngibuye futhi ngibonge izisebenzi lezi zakithi zomdabu ezihlwathuza emahlathini zizama ukuvikela imvelo. Ma Afrika amahle ngicela lokhu ukuthi nikuthathe ayi njengomsebenzi wokuthola imali, nikuthathe njengomsebenzi eniwunikwe abaphansi noSomandla ukuthi nivikele ifa lethu esaliphiwa uSomandla wathi mi.

Ngicela ukuthi niqhubeke, njengoba le-bill ikhuluma. 
[p184 ln 6 - 9]

MR J D MKHWANAZI:  Uma sengikhuluma ngezilwane Baba Somlomo,  
[p184 ln 18]

THE ACTING SPEAKER:  Ngithola sekuyinkinga uma ungasazi ukuthi nginguMama noma nginguBaba, nginguMama.  
[p184 ln 20]

MR J D MKHWANAZI:  Into engihluphayo ukuthi ngiyi-member ye-Gender Commission ethi angingawuboni umahluko phakathi kwesimame nesilisa.

Mama Somlomo, lomsebenzi owenziwa ilababantu mkhulu singahleka nje.  Thina esikhulele emakhaya sikhule esakhula kusekhona inyoni esizaziyo, nezilwane esizaziyo ezingasekho siyacela ukuthi zibuye.  Baphi oncede, aphi amabhoyi, aphi amanqonfi, noma siphuma siyokweshela akusekho manqofi asikhombisayo ukuthi inhlanhla ikhona phambili, sesivele sihambe nje.

Ayi phela ngeke ngiyeke.  Ngisho ukuthi ngiyacela ikakhulukazi laba abangama Afrika abanabantu abadala abazaziyo nezinyoni, nezilwane esasinazo ezaziwumbuso walelizwe laKwaZulu.

Ngimangale umhlola mina umuntu eboshelwe ukuthi ukhahlele ikati elimnyama elinebhadi.  Uma sengibonga ukwakhiwa kwaleBhodi mhlawumbe izosisiza ukulungisa ubuhlobo phakathi kwezakhamizi nezindawo zezilwane.  Ngoba kukhona into efakwe kubantu engathi abantu laba abakhe imizi bafuna ukuqeda izilwane bazishaye bazithi bhuqe.

Kwakuyisiko lakithi ukuthi kuyazingelwa Amakhosi ayezivikela izilwane ngoba kwakuzingelwa ngesikhathi esithize sonyaka, kwakungazingelwa ngesikhathi izimpunzi, nezintibane zizalele.

Okunye engikholwa ukuthi leBhodi izoyilungisa laphayana e-Dalton khona abantu asebeneminyaka for decades bephila ngokuqopha izikhumba zezinyamazane.  Manje labobantu sebebukeka sengathi zigebengu bahamba beyozingela izingwe nezinye izinyamazane, akunjalo.

Ngifice lapha abantu bephuciwe nezami nje izingwe ngephucwa azithatha amaphoyisa, nezoMntwana izingwe azithathwa amaphoyisa, ngikholwa ukuthi leBhodi uzoyilungisa kahle leyonto ukuthi sasizithathephi lezozingwe.  Eyami ingwe ngangibuye nayo lena e-Uganda.
[p184 ln 23 - p185 ln 6]

THE DEPUTY SPEAKER:  Isikhathi selunga elihloniphekile sesiphelile.  

MR J D MKHWANAZI:  Manje kufanele kulungiswe lokho sinikwe ithuba lokuzingela izinyamazane esizohloba ngazo uma senza imicimbi yakithi KwaZulu.

Siyekwe futhi abanye abantu abafuya izimfene ukuze bathakathe ngazo bayekwe bazifuye izimfene zabo ngoba isiko lelo. [UHLEKO]  
[p185 ln 31 - p186 ln 2]

MR J D MKHWANAZI:  Engikusho ukuthi ngizama ukugcizelela ukuthi ingathi leBhodi ingabokuhlonipha ezinye izinto ayi izimfene, izinto ezingamasiko ethu njengezinyamazane zokuhlobisa, nezinyamazane ezithize esifuna ukuzihlaba ukuze sithole phela sininde, sikhothe, siphilise impilo yethu, ngiyabonga.
[p186 ln 9-10]

MR S B MTHEMBU:  Ngale-bill sikholelwa ukuthi kufike esikhathini lapho umnyango uzokuqalisa phambili uku-prioritise uqinisekise ukuthi bonke abantu abathintekayo ngokongiwa kwemvelo nababeveli behleli nayo babekwa obala, babekwa endaweni lapho bezokwazi khona ukuthi kuqhubekani ngemvelo ababephila nayo kanye nendawo ababeyisebenzisa ezikhathini ezingaphambili.

Kufanele sikuvume ngokungangabazi ukuthi izolo ubuhle obebenziwe ngabongi bemvelo buphenduke ubuthi nobubi kubantu abakhele lezozindawo lapho ukugcinwa khona kwemvelo kwavunyeleka ukuthi kufanele ukube lezindawo kugcinwe kuzo imvelo.

Ngenxa yendlela yokuziveza nokwethula isimo sokongiwa kwemvelo ebantwini.  Ngibona sengazukuthi Madam Speaker loluhlelo noma lomthetho sivivinywa esingawo namhlanje uyobe awenzanga ubulungiswa uma ungaqondanga kuleyondawana iyolungiswa okokuqala ukuze kukhonjiswe ukuthi siyawuqala manje umsebenzi siyaphambili.

Okubaluleke kakhulu sekuthintiwe izikhulumi ezibe ngaphambili umnyango wezokongiwa kweMvelo yomibili ibenomkhulu ongathandeki esizweni nasesintwini siphela, obekwenza kubonakale kungabamhlophe kumanje kukhulunywa ngokongiwa kwemvelo kuze kubesengathi laba abebala elingemhlophe abanto yokwenza ngokongiwa kwemvelo.

Lokho kuzofanele ukuthi siqinisekise ngokuthi sihlala phezu kwakho siyakulungisa ngokukhulu ukushesha, sibanikeza ithuba bonke abantu ikakhulukazi abantu abazi kahle ukukhuluma nabantu balolohlanga kuyobaluleka ukuthi ezintweni ezithinta imvelo kusukela namhlanje kuyaphambili siqinisekise ukuthi bayalithatha iqhaza bayavela kubantu njengabantu abangezile ukuzobaphatha emehlweni njengoba bephathiwe izolo.

Basuswe ezindaweni zabo kwathiwa bazobamba iqhaza, bathi uma sebelapha emaqeleni kwathiwa siyakubopha uma usondela ngala obukade uhlala khona ungaphinde usondele, wasondela uyijele.

Sibona ukuthi lomthetho sivivinywa uzokuqeda konke lokhukugedlezela, nokubukana ngeziqu zamahle obekwenzeka phakathi kwabasebenzi bokongiwa kwemvelo nabantu abakhele umphakathi.

Kuyiqiniso ukuthi abafowethu nodadewethu abasenza ukunga lemvelo bebethwele kanzima imikhakha emibili.  Bethwele kanzima ngenxa yokubhekana nesimo sokwenza umsebenzi wabo uqobo, baphinde bathwale kanzima ngokuthi babukeka beyizitha zabafowabo nodadewabo ngaphandle emakhaya ngendlela abasebenza ngayo emiswa njengomthetho ongenakho ukudlelana okuphathekayo ncamu ncamu phakathi kwabo nabantu abangaphandle abayimindeni yabo.

Ngakhoke Madam Speaker, ngifisa ukuzwakalisa ukuthokoza okungenakuzenzisa ngasemkhakheni wokubona abafowethu nodadewethu bekhululekile kuleyongxenye.  Ngiphinde ngiqinisekise ukuthi ngesikhathi lomthetho sivivinywa wakhiwa sike saqiniseka kulaba ebesikhuluma nabo ekulalelaneni kuma Public Hearing.

Ukuthi siyokwenza isiqiniseko sokuthi uma lomthetho usetshenziswa bona uqobo abanakulunyazwa ngakhoke siyacela kuziphathi mandla nabobonke abazokwenza lomthetho ukuba usebenze ukuba amagama ethu bangawenzi abantu abanamanga kulokho ababekusho ezisebenzini ukuthi ngalendlela yokwenza senzele ukuthi bona bavikeleke, isizwe sivikeleke, ezemvelo zivikele. 
[p186 ln 33 - p187 ln 28]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Ukuthi selafa nje izwe, uma engakuzwa Amabovu ukhuluma kanje ayi.  
[p189 ln 16]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  UBaba u-Mackenzie laphana kade ephawula ukhulume kakhulu encoma ukuthi i-bill yenza ukuthi abantu abaphansi laphaya oquqabeni nabo bazokwazi ukuthi babambe iqhaza eligcwele ekutheni babe abantu nabo, kuyiqiniso lokho.

Futhi sesikwenzile lokho, lokhu esikwenzile ukuthi sifake abantu akukona okokuqala KwaZulu-Natal noma e-South Africa noma e-Africa.
[p189 ln 29-33]


INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Ngakhoke abantu bakithi abazi ukuthi ukuhlanganiswa lokho akuhlanganiswanga ngoba sizokwenza esikuthandayo, kufakiwe laphayana kwi-bill ngoba sizokwenza ngenkani noma ngabe asikuthandi, ngoba kufakiwe ukuthi kuzokwenzeka.
[p190 ln 9-10]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Okunye akushilo ilokhu kokuthi kube ilokhu kokusebenzisa kwabo izindawo leziyana ezisetshenziswa amasosha, amaphoyisa, nabanye.
[p190 ln 19]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  UBaba u-Mr Edwards laphayana ukhulume naye encoma i-third tier lapha esizosebenzisa khona abantu bakithi abaphansi ukuthi bazizwe beneqhaza nalokho futhi sicabanga ukuthi kuzobanjalo njengoba sengishilo.
[p191 ln 1-2]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  UBaba uMnumzane u-(Tarr) Pha laphayana ukhulume ngendaba yokuqasha noma ngebhodi entsha in fact njengoba kuphelile lokhu umangabe kwenzeka iphasa niyiphasisa lento njengoba ngicabanga ukuthi nizokwenza kuzofunakala ibekhona ibhodi entsha ezokhethwa.

Bashilo abanye ibhodi vele uma ikhethwa izoxuba ayisezukufana nakuqala, izoxuba yonke imikhakha ukuze kube ibhodi yabantu abazibona bemelelekile kuyona.

Kwakhuluma futhi nangezindawo ezintsha ezizosungulwa zemvelo, ngicabanga ukuthi ngokuxhumana nomphakathi oquqabeni phansi nalokho futhi sizozama ukukwenza.  Wakhuluma nange Cross Border Conservation Areas njengoba kuhlangene Swaziland and Mozambique.
[p191 ln 15 - 21]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  UMnumzane u-Nel ukhale ngomshado wathi naye uyakikiza kakhulu siyathokoza kakhulu Mnumzane u-Nel lunga elihloniphekile uma ukikiza usho futhi ukuthi sekube isikhathi eside kakhulu lento ingenzeki.
[p192 ln 4-5]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Ngakhoke ngibona ukuthi isimo esinjalo ke esizoqhuba ngaso.  Ubalile futhi ukuthi umphakathi ngempela kufanele ukuthi ugcine ubenawo amaqubhana owacoshayo ekugcineni njengeNkosi uMdletshe uMhlonishwa ishilo Inkosi ehloniphekileyo lapha incoma i-Communittee Trust.
[p192 ln 15-16]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Inkosi ishilo futhi ukuthi ngithathe isikhathi sami ukwenza lokhu, sengikuchazile lokhu.  Yasho Inkosi ukuthi imithetho ezoshawa kufunakala ivunywe abantu, vele imithetho umangabe sizoshaya imithetho even nakwibhodi lena entsha engazuvunywa abantu kobe sichitha isikhathi.
[p192 ln 24-25]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Ngakhoke uma kufuneka kushaywe imithetho, kushaywe imithetho abantu abazoyimukela ithi uma isetshenziswa bayimukele ngoba uma bengayimukeli kuyobakhona i-anarchy besekubakhona indlela yokuthi izwe lingabuseki.

Ngakhoke sizozama ngayoyonke indlela ukuthi umthetho uma bengawuvumi abantu sibe nesikhathi eside sokubenelise ukuwuchaza baze bawuvume ngoba kuyobe sichitha isikhathi sethu uma siwusenzisa abantu bengawuvumanga.

Udadewethu lapha ohloniphekile u-Mrs Downs ukhulume nangezingane lana ukuthi ubengeyena owokuqala othi izingane zalapha KwaZulu-Natal azazilutho ngeziqiwu.  Yinto lento okuzofuneka ngiyikhulume nebhodi lena entsha ezokwakhiwa, ngiyikhulume nanoHulumeni ngoba nezimali azikho sibone ukuthi iyiphi enye indlela esengenza ukuthi izingane zivakashiswe eziqiwini.

Kona ngempela kuyihlazo sinezindlovu lana kwi-Province uthole ukuthi izingane azizazi izindlovu, azikaze ziwabone amabhubesi, azikaze ziyibone inyathi, azikaze zimbone ubhejane, ihlazo impela lokho.  Ngicabanga ukuthi umnyango kuzofuneka wenze okuthize ukuze lezozinto zenzeke.

UBaba uMkhwanazi uyixhasile kakhulu i-bill lapho wase ebonga kakhulu kulabantu abaka-Natal Parks Board nabaka-D and C nonobhala womnyango kanye nabafowethu nodadewethu abasebenza emnyangweni ndawozombili, siyathokoza kakhulu Baba uMkhwanazi kulokho.

Nalokhu kokuthi kufanele ukuthi sengikushilo ukuthi ekuphatheni ezikhundleni yinto okuzofanele siyibheke ngelinye iliso.  Yikho ngithe ngiyathokoza ngoba nabo bakhona nesikwenzile okuncane in the form of promotions akwenele. 

We must do something, more than what we have done already.

Ngakhoke abantu bakithi abalindele umasesihlangene kuzobonakala ukuthi kwenzekani.  Maqondana nezinyoni athi uBaba uMkhwanazi azisekho, zigcwele Baba izinyoni esiqiwini ukuthi mhlawumbe usuke nibuke izilwane lezi ezinkulu, zonke lezinyoni ongcede nani obukade ukubala kugcwele eziqiwini.

Abantu uma bekushaya ngaphandle kuke kubalekele ngaphakathi eziqiwini.  Maqondana nokuzingela zikhona izikhathi zokuzingela kuye kulungiswe nomnyango lokho. Kodwa indaba yemvunulo lapha e-Dalton sesike sayikhuluma.
[p192 ln 33 - p193 ln 24]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Ngicabanga ukuthi njengoba eshilo umfowethu uMthembu laphana ohloniphekileyo sizozama ngempela.  .
[p195 ln 14]

INKOSI N J NGUBANE: (Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security):  Sesikuphendulile lokhu Baba uMthembu ukuthi bekuleku kubukeka ngasosonke isikhathi ukuthi uma kukhulunywa ngabantu abaphethe eziqiwini kube abantu abamhlophe.  
[p195 ln 19]




















